Now Reading
Impunga yesintu: Inkolo nokwenza kwamaZulu kulandela izimiso zaMakhosi
Dark Light

Impunga yesintu: Inkolo nokwenza kwamaZulu kulandela izimiso zaMakhosi

Kukhona ebengifisa sibonisane ngakho singaBantu bakwaZulu. Sikhona yini na isigaba esingaphezulu koBukhosi ngokomoya nesinamandla angaphezulu kwabo ngokwenkolo yesintu saBantu phaqa? Uma ngithi aBantu phaqa ngisho abazali balesi sizwe, abadala lolu lwimi esilukhulumayo namasiko noBukhosi, ababengabazi abaMhlophe nezindlela zabo zenkolo nempilo. Uma sikhona, yisiphi? Kungabe wuNkulunkulu? Kungabe wuShembe? Noma wuMvelinqangi? Lo mbuzo ngiwubuziswa wuhlelo lweMpunga Yesintu TV lwakamuva ngoShembe. Manje ngithi mangiwubuze ngiwuphendule.

Uma sizokhuluma ngomlando wakwaZulu asingalenzi iphutha lokuhlukanisa amasiko nobuKhosi. Ngokwezimiso zabo oKhokho aba ngaBantu phaqa asikho isigaba esingaphezulu kobuKhosi. Ngokwesintu izwe limi kanje: kukhona imindeni, yona eholwa yindoda noma wumnumzane, yena  aholwe nguyise nomkhulu bakhe ngokomoya. Ngamanye amazwi indoda izithoba kuyise osewafa, ize ithi umuzi wayo wumuzi kayise. Yona owayo umuzi iyowakhelwa ngamadodana ayo. Bese kuba khona amaKhosi angabaholi bazo zonke iziNhlanga zakwaZulu kanye nomhlaba ezifundeni zawo. Bese kuthi phezulu kwakho konke kube yiMbube INKOSI yamaKhosi. OKhokho babe kholwa wukuthi amaKhosi ambethwe yimimoya yamaKhosi angasekho. Wonke amandla aMakhosi asesimweni sikamoya ehlela eNkosini ese ithabathe iSihlalo. NgokweSintu phaqa isidumbu asikhwezwa emini libalele ilanga, sikhwezwa ebusuku kumnyama isithunzi singekho. Isithunzi siwuphawu lomoya woMuntu. Akufanele sihambe nesithunzi isidumbu siyongena naso emgodini ngoba lokho kusho ukuthi usingcwaba nomoya waso. Uyasala ube yidlozi elihle emndenini. Uma kungoweNkosi uba wumoya ombethe ese siHlalweni. Uhole futhi nayo yonke imimoya yamadoda esizwe. Imisamo nezibaya ixhumaniswa nezibaya zaMakhosi bese zona zixhumaniswe neSibaya seMbube eSigodlweni. ISilo UMdlokombane sakusho ukuthi ukugcotshwa kweNkosi akugcini emzini wayo kepha kupheleliswa eSigodlweni.

Isiko, wusiko, wumthetho nenkolo yesintu, kwakhiwa ngaMakhosi kwamiswa yiwo bekwenzela izwe. Lezi zinto zingezinye zezinsika zokubusa kwawo izwe ngakho amaKhosi angabanikazi bazo. Isintu siyakuveza ukuthi aBantu babe khonza amadlozi noma imimoya yaMakhosi. Uma indoda isondela emsamo izokhuleka kwabakubo ibiza uYise noMkhulu noKhokho bese ibiza oPhakathwayo, oYeyeye, oKhondlo, noMnguni. Lapho usuke esebiza izithakazelo nezibongo zakwabo. Uma enza kanjalo usuke ebiza amaKhosi akwaGumede okuyiwo empeleni asuke ewaxhuma ngoYise noMkhulu bakhe.

Ngokuhlaziya kwami, izangoma ngabantu ababethi bambethwe yimimoya yamakhosi. Lokhu kufakazelwa wukuthi zithi “Amakhosi amakhulu athi” uma zibhula, bese zikuvumisa ngokuthi “Makhosi” uma zithi “Vumani bo?” Neminye yemithetho yobungoma kusobala ukuthi ithathelwa kweyaMaKhosi njengokuthi indlu ezisebenzela kuyo kuthiwe yisigodlo, nokungayihambi imingcwabo.

INkolo yesintu yayakhelwe amadoda, ukuze athobeke koYise neZinyanya zawo. Bese futhi athobeke emaKhosini asenyameni nawakumoya. Athobeke ESilweni Samabandla. Umndeni wayo uthobeka kuyo. 

Kuthe uma kunqotshwa uZulu ngamaNgisi, kwase kungena isigaba sesibili sokunqoba uZulu. Umlando uyaveza ukuthi amaKhosi atshelwa ukuthi iSilo asiseyona iNkosi yawo. Sebe khonza uhulumeni wamaKoloni oholwa yiNdlovukazi yamaNgisi. Amakhosi ayenqaba ukuhlukana neSilo asuswa ezihlalweni zawo ngamaNgisi abeka labo ababehambisa ngentando yawo. Amamishini ayekade esekhona ehambela izindawo eziningi zaMakhosi ezama ukuwaphendula abe ngamaKhrestu ahlukane nensika yamasiko, wumthetho nenkolo yesintu. Ukuphenduka kwawo kwakwenza kube lula ukuthi agqabule ifindo lawo neSilo bese elawuleka. Ayephinde akhe amamishini ezindaweni ezahluka hlukene kuthi lingakhula ibandla bese libeka umholi walo abakhetha ukumbiza ngeNkosi. Baningi lapha kwaZulu aba ngamakhosi obuzaleke ngalendlela yamakholwa eBhayibheli. UShembe ufike ngalesi sikhathi kodwa okwakhe kwahluka ngoba wasungula eyakhe inkolo nayo yaba neyayo imishini wathi kusEkuphakameni. Ubuholi bamaNazaletha bubizwe ngobukhosi ngaphansi kwaleso simo. UShembe uqobolwakhe wakha inkolo yakhe ngeBhayibheli wayisekela ngalo kwase kuba khona lapho ayihlobisa khona ngesintu kodwa yona yinkolo yeBhayibheli yize sekukhona ukuphikisana ngalokhu nokunye.

See Also

Inkolo yeBhayibheli ifike yaba namandla kakhulu. Ibe namandla ngokuthi igcine  ibazuzile aBantu cishe bonke besizwe. Kwase kudalwa na wukusweleka kobuholi bezwe ngokomoya okwagcina butholakala enkolweni yamabandla eBhayibheli. INkolo yesintu ithunaziwe kakhulu ngamakholwa kangangokuthi abakhetha ukuyivikela bagcina sebeyichibiyela ukuze ihlonipheke nakulabo ababe yigcwaneka. Isithombe esinaso ngoNkulunkulu yisithombe esizalwa yiBhayibheli. UMvelinqangi luncane ulwazi esinalo namuhla ngesiqu sakhe namandla akhe. Emasikweni awaziwayo namuhla awekho awenzelwa uMvelinqangi, ayikho imikhosi yezwe nesizwe eyenzelwa yena, kanti nezibongo zakhe nezithopho kazaziwa ngingasabali amahubo. Ukuthi kulezi zimiso ezabekwa ngoKhokho namaKhosi asendulo uma phi, umbethe yiphi iNkosi kasazi. Uma sithi uMvelinqangi uyiNkosi sikuthathe laphi  lokho? Uma sithi umoya wakhe siwuphakamisa ngaphezu kwawo wonke amakhosi sikwenza ngaliphi igunya ngaphandle kwabanikazi benkolo yesintu, amaKhosi neMbube?

Ngiyaye ngithi aMakhosi kawazazi ukuthi anamandla angakanani. Indlela yesintu ngeholwa ngamaKhosi. Isintu siyisisekelo sakho konke esiyokuzuza siyisizwe. Inhlalakahle, ukwakha imizi, ukukhuliswa nokufundiswa kwabantwana, ukwakhiwa komnotho konke lokhu imbewu yakho yisintu esamiswa ekudaleni. ABantu balangazelele isintu esiholwa wuhlaka olwaluhola oKhokho babo ngokomoya, amaKhosi neMbube. Ubufakazi balokhu busobala. 

Badumala kakhulu uma bebona amaKhosi ekhonza inkolo yeBhayibheli. Abakuqondi kwenziwa yini ukuthi isintu singamukelwa sonke, siphilwe ngokuphelele ngamaKhosi, ahole izwe ngaso. Abaningi bafuna siphile ukuze sihlonipheke njengoba sesiphila ngaphansi kwedemokhrasi.

Scroll To Top