Izinselelo ezithuthini ngenxa yamanani kaphethroli



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UHulumeni uthi bazoxoxisana nosomabhizinisi kanye nabanikazi bezithuthi zomphakathi ukubhekana nomthelela wokunyuka kwentengo kaphethroli.
UNgqongqoshe Wezokuthutha, uFikile Mbalula, uthe uHulumeni uyazi ngokukhathazeka mayelana nezindleko zikaphethroli futhi usebheka ezinye izindlela zokunciphisa ukukhuphuka kwamanani.
UMbalula ubekhuluma kuvulwa ingqungquthela yaminyaka yonke yeSouth African Bus Operators Association (SABOA), eqhubeka eNasarec, eGoli. Ongoti kwezokuthutha emgwaqeni bayahlangana ukudingida izingqinamba ezibhekene nale mboni.
Ingqungquthela ende ebihleliwe yeSABOA yenzeka ngaphambi kwezinsongo zokuvalwa kwezwe obekuhlelwa yiNational Taxi Council (SANTACO) neNational Taxi alliance ngoLwesihlanu bephikisana nentengo kaphethroli.
Uthi, “Amazwe amaningi ayathinteka ngokwenzeka empini ephakathi kweRussia ne-Ukraine futhi lokho kusibeke esimweni esibucayi njengezwe. Siyakuphendula lokho futhi kufanele sibe sesimeni sokuxoxisana namabhizinisi jikelele kanye nabanikazi bezithuthi zomphakathi ngalolu daba, sesingenelele njengoHulumeni mayelana nokunciphisa ukuhlaselwa kwethu.”
Isikhulu sezomnotho kwa-Old Mutual, uJohan Els uthi ukungenelela kukaHulumeni ukunciphisa umthelela wokunyuka kwentengo kubathengi kuncane kakhulu. Amanani okudla nophethiloli abelokhu enyuka kancane ngenxa yokuphazamiseka kokuhlinzekwa kwempahla ngenxa yokhuvethe eChina kanye nomthelela wengxabano yaseRussia ne-Ukraine ngentengo kawoyela ongahluziwe weBrent nezinye izimpahla. Ukulungiswa kwakamuva kukaphethiloli okumenyezelwe nguMnyango Wezimbiwa Namandla sekwenze intengo kaphethroli yafinyelela ngaphezu kwama-R25 ilitha.
U-Els uthi abathengi kuzofanele banciphise ukusetshenziswa kwemali.
“Ziningi izinto ezingezinhle ezingabakhona kusukela entengo kaphethiloli, amanani okudla, ukwenyuka kwezinga lenzalo yokwehla kwamandla emali kanye nokungaqiniseki okuningi. Kodwa kufanele sicabangele uma sikhuluma ngamanani kuqala. Sifuna ukuba umnotho osekelwe ezimakethe, Siwumnotho osekelwe ezimakethe futhi kufanele siqaphele ukuthi uhulumeni akakwazi njalo ukulawula amanani entengo, lokho kubaluleke kakhulu. Ngakho ngalezi zilinganiso zentengo esizibonayo, thina njengabathengi kufanele silungise amaphethini ethu okusebenzisa imali. Ngakho uma siphoqe ukuthi sisebenzise imali eningi kuphethroli nezokuthutha, sichitha imali encane kwezinye izindawo.”