Ukhiye ongenangidi: Intsha iphethe isinqindi lutho ijozi



UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebenzi
Sisabungaza inyanga yentsha, kusemqoka ukuthi sibonisane ngezinkinga ezibhekene nabantu abasha. Kubalulekile ukuthi singakhohlisani futhi singenzi sengathi izinto zihamba kahle. Ezinye zezinto ezenza singazitholi izixazululo zezinkinga ezikhungethe elakuleli, ikakhulukazi izinkinga ezibhekene naboHlanga, ukuthi asifuni ukubhekana ngqo nezinkinga.
Asifuni ukukhuluma iqiniso futhi silimele. Abantu abasha bakuleli babhekene nenkulu ingcindezi futhi kubonakala sengathi akekho ozimisele ukuthatha izihlanga abhekane nempi efuna ukunqoba intsha yakuleli. Kubukeka sengathi iningi labantu liyishaya indiva eyezinkinga ezihlasele intsha. Okubuhlungu ukuthi nentsha ibonakala sengathi iphonsa ithawula.
Ngike ngavakashela kwelasemaMpondweni ngafica abantu abasha bebulawa izidakamizwa emini libalele. Ngavakashela kwaNyamakayipheli, ngafica ingapheli impela inyama kodwa kuphela intsha izibulala. Ngathatha uhambo olude ngavakashela kwelaseVenda, ngafica intsha encane ephenduke omama abadala, ivuka ekuseni ihambise izingane izikoleni ibuye ithamele ilanga lize liyoshona. Ngabuya kwelikaMthaniya, ngathola inani lentsha ebizwa ngamaphara likhuphuke kakhulu. Ngithe ngivula umabonakude, abezindaba babika ngokwanda kobugebengu izwe lonke. Ngithe uma ngivula umsakazo ngezwa onondaba bebika ukuthi inani labantu abangasebenzi lehlile ngadideka ngazithola ngikhuluma ngedwa ngizibuza ukuthi bakhuluma ngaliphi inani futhi bakhuluma ngobani ngoba intsha igcwele emakhaya ihleli.
Uma uxoxela abantu bakwamanye amazwe ngezinkinga ezibhekene nentsha yakuleli uzithola ungazi ukuthi uzothini futhi uchaza nento engachazeki. Ayizwakalanga into engiyichazele intsha yakwamanye amazwe mhla ngivakashele eTurkey. Iningi labo langibuza izinhlelo ezikhona kuleli zokuthuthukisa abantu abasha. Ngikhumbula omunye engibuza ukuthi bafunde kangakanani abantu abasha bakuleli. Ngahluleka nokuchaza ngoba inani lezifundiswa kuleli lenza ubone futhi ucabanga ukuthi ikusasa lesizwe sakithi liqhakazile.
Okubuhlungu nje ukuthi kubukeka sengathi imfundo esiyitholile futhi esezingeni elikhulu ayisisizi sithole isixazululo sezinkinga esibhekene nazo. Ngicabanga ukuthi nawe uyazibuza ukuthi kanti wayeqonde ukuthini uthisha wakho uma ethi funda ngoba imfundo iwukhiye wempumelelo. Owami uthisha wayethi imfundo ukhiye ongeke waphucwa wona futhi uvula iminyango eminingi.
Abantu abasha bakuleli baphethe bonke okhiye bempumelelo. Intsha yakuleli inamakhono amangalisayo, ifundile futhi ikhuthele. Angisho ukuthi lokho kwanele futhi yikho kuphela okungasisebenzela ekwenzeni isimo sibencono kodwa kuyacaca ukuthi inkinga enkulu akusiko ukuthi abantu abasha abalambele amathuba okufunda, okusebenza kanye nawokuzisebenza kodwa kuyacaca ukuthi ukhiye abawuphethe awuvuli ndawo. Wonke amakhona kanye nemfundo abanikwe yeno iphenduke ukhiye ongavuli ndawo.
Okubuhlungu ukuthi iningi lentsha liphethe okhiye ababili kuya kwabathathu kodwa dololo ingidi eyimpumelelo. Kuleli udibana nomculi osezingeni eliphezulu ehleli enyuvesi efunda ngoba etshelwe ukuthi kwamele ube nokhiye abahlukeni nabaningi ukuze ukwazi ukuvula iminyango eminingi. Kubuhlungu ukubona intsha yakuleli inamajazi emfundo amaningi kodwa lutho impumelelo.
Okusemqoka ukuthi asikwazi ukulilahla ithemba singabantu abasha. Kubuhlungu ukuthi inkohlakalo nokuhluleka kobuholi bakuleli busibeke lapha esikhona singabantu abasha. Izimali ezikhishwa imihla namalanga, zikhishelwa ukuthuthukisa intsha yakuleli zidliwa abantu ababodwa. Izinkinga esibhekene nazo kuleli zikhomba ukuthi njengomuntu omusha kwamele uhambe phambile ekushitsheni isimo esikuso. Kucacile ukuthi okhiye esibaphethe abanangidi, okusho ukuthi kungumsebenzi wethu ukuthi sakhe izingidi ezizovulwa yilabokhiye esibaphethe.
Angifisi ukubona umuntu omusha okhala ngenkohlakalo etholakala emacaleni enkohlakalo. Uma ukhala ngobuholi, kusho ukuthi kumele uqikelele ukuthi awuhlali ugoqe izandla futhi uma unikwe ithuba lokuhola kumele uhole ngendlela enhlukile.
Abakwazi ukukhuluma bathi kubamnyama kakhulu uma sekuzosa. Umbuzo engifisa uzibuze wona uthi “Uma sekusile, yini ongayenza kancono”. Kubalulekile ukuthi sizilungiselele khona lapho kufika amathuba asifice silungele kunokuthi afike amathuba asifice singazilungiselele. Uma ngikhuluma ngokufika kwamathuba ngikhuluma ngamathuba okuzikhandela awethu amathuba. Indaba yokulinda omunye umuntu kwamele siyibeke eceleni.