Now Reading
Uvutha engabaselwe ekuthatheni amawikhethi uRabada
Dark Light

Uvutha engabaselwe ekuthatheni amawikhethi uRabada


UNtini uthi akangabazi ukuthi usebheke ukunqobela iNingizimu Afrika iNdebe YoMhlaba kumaProteas ngendlela adlala ngayo


Akawuvali umlomo ngezimanga ezigilwa nguKagiso “KG” Rabada ku-Indian Premier League (IPL), uMakhaya Ntini.

URabada uvutha engabaselwe ku-IPL. Njengamanje uyibambe endaweni yesibili kubashwibi abahamba phambili ngokuthatha amawikhethi kulo mqhudelwano obophele izihlabani zekhilikithi.

Ngemuva kwemidlalo eyishumi uRabada usethathe amawikhethi ali-17. Emidlalweni emibili eyedlule, uRabada uthathe amawikhethi ayisishiyagalombili.

UKG ugijima kuKings Punjab. NgoLwesibili uthathe amawikhethi amane behlula iGutaraj Titans eDY Patil Stadium. Ugila lezi zimanga nje ubevele enze ezibukwayo ezakhe zibhekene neLucknow Super Giants lapho ethathe khona amanye amawikhethi amane emdlalweni owodwa.

Emidlalweni emithathu eyedlule usehlomule ngamawikhethi ayishumi. UNtini wodumo kuProteas utshele elaboHlanga ukuthi 

“URabada usetshengise kaningana ukuthi unekhono eliyisiphesheli. Lo mfana uyazwana nengcindezi. Uma ebhekene nengcindezi yilapho ekwazi ukuzibonakalisa khona kakhulu. Uma sibala abadlali abangasinqobela iNdebe yoMhlaba yeT20 e-Australia ngasekupheleni konyaka ngicabanga ukuthi igama likaRabada liseqhulwini. Uma ufuna ukunqoba iNdebe yoMhlaba uyabadinga abadlali abafana naye. Kuyajabulisa ukuthi usefomini futhi wenza kahle ku-IPL,” kuchaza uNtini.

EzikaRabada zihlezi endaweni yesihlanu kulogi ye-IPL ngamaphuzu ayishumi ngemuva kwemidlalo eyishumi. Zisethubeni lokuzibekisela indawo kowandulela amanqamu e-IPL.

“Into enhle ngoRabada ukuthi wenza kahle kuwona wonke amazwe adlala kuwona. Impumelelo yakhe incike emgqigqweni wakhe. Into esengifuna ukubona ekhula kuyona yindlela ababhetha ngayo. URabada angaba yilolu hlobo lo mdlali ukwazi ukubhetha aphinde ashwibe,” kubeka uNtini. 

Uma eqhubeka nefomi yakhe enhle angase azithole esehlabana nomklomelo womdlali othathe amawikhethi amaningi kule sizini ye-IPL.

“Indlela adlala ngayo angingabazi ukuthi uRabada uzowaphula wonke amarekhodi kuProteas. Okumqoka nje wukuthi simnakelele ngoba udlala zonke izinhlobo zekhilikithi. Udlala kuyona yonke indawo emhlabeni. Akasitholi isikhathi esanele sokuphumula. Nokho kuba njalo uma ungumdlali weqophelo eliphezulu.” kusho uNtini.

URabada usethathe amawikhethi angama-243 emidlalweni engama-52 yamaTest. Ujaha irekhodi likaDale Steyn kweyamaTest. Unamawikhethi angama-439.

Konke kusezandleni zakhe uRabada ngoba iminyaka iyamvuma. Uneminyaka engama-26. Uzothola ithuba lokwengeza isibalo sakhe samigijimo uma iProteas isibhekene ne-England ne-Australia phakathi nonyaka.

UShaun Pollock nguyena obambe irekhodi lamawikhethi amaningi emidlalweni yosuku olulodwa ngangama-387 emidlalweni engama-294.

Njengamanje uRabada uhlezi endaweni yesishiyagalolunye ohlwini lwabashwibi abanamawikhethi amaningi kweyosuku olulodwa kuProteas.

See Also

Usethathe amawikhethi ali-132 emidlalweni engama-85. KweyeT20 usele ngamawikhethi ali-15 ukuthi aphule irekhodi likaSteyn.

“URabada ukhula usuku nosuku. Angingabazi manje ukuthi usebheke ukunqobela iNingizimu Afrika iNdebe yoMhlaba kumaProteas ngoba useke wayiphakamisa neqembu lesizwe lika-Under-19.” kulandisa uNtini.

IProteas ayikaze iyinqobe iNdebe YoMhlaba kusukela abuyiselwa emidlalweni yamazwe ngowe-1992.

Isikhathi esiningi ahlale ebhanjwa kweyandulela amanqamu. Ekupheleni konyaka ozobhekisa amabombo e-Australia ukuyozama ukuqeda lesi sikhwakhalala.

IProteas iboshelwe eqoqweni elilodwa nePakistan, Bangladesh, India kanti amanye amazwe amabili asazoqinisekiswa ngemuva kwemidlalo yokuhlunga.

Amazwe amabili aqede esicongweni azodlulela kweyandulela amanqamu omqhudelwano.

Wonke amehlo azobe ethe njo kuRabada ekutheni aqhubeke nefomi yakhe enhle.

Scroll To Top