Ababhikishi bathi bazoqhubeka lapho kwaqala khona izishoshovu ezabulawa



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Amasosha aseSudan adubule ngesisi esikhalisa unyembezi ezixukwini ebezibuthene eKhartoum ngoMgqibelo zizophikisana nombuso wamasosha nokugubha iminyaka emithathu kwabulawa inqwaba yababhikishi. Izixuku zivale umgwaqo omkhulu enhlokodolobha futhi zabeka ukudla ukuze ziphule inzila yazo yeRamadan. Kepha ngaphambi nje kokushona kwelanga, izikhulu zaqala ukuhlakaza umhlangano zajaha ababhikishi emigwaqweni eseceleni, kusho intatheli yeReuters.
Okubhalwe ezinkundleni zokuxhumana kuthe abantu baphinde bahlangana emadolobheni aseMadani, eKosti nase-El Obeid, bephethe izingqwembe ezinobuso bezinye zezinsizwa ezabulawa ngowezi-2019. “Sizoqhubeka nendlela abafel ‘ukholo abaqala ngayo,” kusho omunye wababhikishi. eKhartoum ngoMgqibelo owenqabile ukudalulwa. Imibhikisho kanye neziyaluyalu kuqhubekile nokuzamazama eSudan kusukela ezinyangeni eziningi imibhikisho yagcina ngokuketulwa kowayengumongameli u-Omar al-Bashir ngoMbasa wezi-2019.
Ngomhla zi-3 kuNhlangulana ngalowo nyaka, amadoda ahlomile asola ababhikishi ababesekela intando yeningi ababehlezi ngaphandle kwekomkhulu lezempi enkabeni yenhlokodolobha, befuna ukuthi amasosha anikeze izakhamuzi umbuso ngemuva kokuxoshwa kukaBashir. Odokotela abayizishoshovu bathe babalelwa e-130 abantu abashonile kulokhu kugasela nodlame olwalandela. Izibalo ezisemthethweni zibeka isibalo sabashonile ema-87. Amasosha ngokuhamba kwesikhathi avuma ukwabelana ngamandla nezakhamuzi kodwa aphinde athatha izintambo zokuketula umbuso ngoMfumfu wezi-2021.
Amaphoyisa aseSudan awatholakalanga ukuze aphawule ngoMgqibelo, okuwunyaka wesithathu kwagasela abantu ngokwekhalenda yenyanga yamaSulumane. Ikomidi lezokuphepha esifundazweni saseKhartoum ngoLwesihlanu linxuse imibhikisho ukuthi ihlale ngokuthula futhi ivimbe maphakathi neKhartoum. Abaholi bezempi bakuphikile ukuthi banecala ngokubulawa kwabantu ngowezi-2019. Idlanzana lamaphoyisa amancane asaqulwa amacala ngokufa.
Kusukela ngesikhathi kuketulwa umbuso ngoMfumfu, abaningi ababengabambisene noBashir bavunyelwe ukuthi baphinde bajoyine izisebenzi zikaHulumeni kanti abanye bakhululwa ejele. “Kuyadumaza kakhulu ukuthi senze umsebenzi omningi wokubakhipha, futhi sebeqala ukubuya,” kusho uHassan, umbhikishi oneminyaka engama-30 ongasebenzi kwenye ingxenye yeKhartoum.