Now Reading
Usizi lwaboHlanga: Ingozi yomgwaqo yifa lezinja
Dark Light

Usizi lwaboHlanga: Ingozi yomgwaqo yifa lezinja

Ubuntu abusekho kubantu, lokhu kucaca kuthi bha njengonogwaja omhlophe ehlungwini. Uma kwenzeke ingozi yomgwaqo usekhona yini umuntu osondela kuleyo ngozi ngenhloso yokusiza abalimele? Nakubona abosizo oluphuthumayo namaphoyisa imbala, bangakanani abafika bezosiza abalimele, babasize ngobuqotho nangobuntu?

Okwenzeke kubaba u-Evaristus Zwelithini Mkhize odabuka eHluthankungu (Jolivethi) ikhona okucacise bha ukuthi ingozi yomgwaqo ‘ifa lezinja.’ 

Ingozi imehlele engwaqeni uR612 osuka kuN2 uze ufike eXobho ngomhla zingama-21 kuMbasa wezi-2011 wayesuka emsebenzini eJacobs eya ekhaya ehamba nabashana bakhe abathathu. Ingozi yehla eseseduze nasekhaya. UMkhize ulandisa ngokwenzeka:

Umuntu wokuqala owafika endaweni yesigameko kwakuwumuntu owayeshayela isitakulizithuthi, umuntu engimaziyo futhi naye uyangazi. Wafika wathatha isigqoko sami kanye namasandali. Ngambuza ukuthi uzithathelani lezi zinto, wathi uzozifaka emotweni ukuze zigcineke kahle. Nanamuhla lokhu angikaze ngizithole.

Owesibili owafika kwaba iphoyisa lombutho waseNigizimu Afrika (SAPS) naye ngiyamazi ungumuntu wendawo. Wadlula sengathi akwenzekakanga lutho. Ukube wama wasiza wayezokwazi ukubamba imoto eyadala ingozi yase iyabaleka. Kwashayisana izimoto ezimbili kodwa eyaba imbangela yengozi yabaleka, kwasala lezi ezimbili endaweni yesigameko. Emotweni ngangihamba nabashana bami abathathu, oyedwa walimala kabi kanye nami, lona omunye wayebonakala engenalutho kanti uyena ozoshona. 

Kwagcina kufike amaphoyisa akwaSawoti okuyiwona ashayela i-ambulensi ucingo. Emotweni kwakunekesi likagologo kwazise ngangizokwenza umsebenzi ekhaya. Amanye amabhodlela afa ekesini amanye asala, lana asalayo engafanga athathwa yiwo la maphoyisa ayethunyelwe ukuzongihlenga. 

Ngesikhathi i-ambulensi ifika izosithatha yafika yaqinisekisa ukuthi omunye wabashana useshonile. Sekuqinisekisiwe ukuthi umshana ushonile, okwangishaqisa izinwele ukuzwa inkulumo eyayithi kusazoshona omunye futhi kulaba abalimele. Le nkulumo yayivele kubona abosizo oluphuthumayo, ikhulunywa yiNdiya, ngaze ngalibuza ukuthi wazi kanjani ukuthi ukhona osazoshona, kodwa angangayithola impendulo. 

Uma sisuka endaweni yesigameko sayiswa eG.J. Crookes Hospital. Uma sifika esibhedlela sithathwe amagazi nalona esishayisene naye. Ingozi yenzeka ngehora lesine ntambama kodwa safika esibhedlela sekuhwalala. Uma siqeda ukuthathwa amagazi ngihanjiswe e-O.P.D ngalala lapho kwaze kwasa, ngifakwe idriphu kuphela, okwezinhlungu akukho, nonginakile nje akekho, ubaba owayekhona lapho kwakunzima nokuthi angembese ingubo uma iwa wayelokhu ekhalaza ngokuthi ngiyahlupha. 

Uma kufika umkhwenyana kadadewethu, abuze ukuthi uphi udokotela kuthiwe ukhona kodwa usebhizi nesinye isiguli – ngenkulu intukuthelo umkhwenyana angithathe ngestreshi angise kudokotela owayesasebenza esinye isiguli. Kubangwa ukuthi udokotela usiza isiguli esifike namuhla kodwa mina ngifike izolo anginakiwe, aphoqeleke kanjalo udokotela ukuthi angisize. 

Ngesikhathi engixilonga udokotela athole ukuthi ithambo lenyonga ligudlukile endaweni yalo, uma kutholakala lokhu kwamele ukuba ngidluliselwe ePort Shepstone Hospital, kodwa kwatholakala ukuthi i-ambulensi ayikho. Ize yangithatha ngehora lesithathu ntambama yangisa ePort Shepstone Hospital nakhona ngafika sekuhwalala futhi. 

Ilapho engaqala khona ukuthola usizo nento ezothiba izinhlungu. Nakhona ngafika igumbi lamathambo ligcwele ngahlala egumbini lami ngedwa kwaze kwaphela isonto. Uma indawo isikhona, ngangeniswa ngachazelwa ukuthi ngizohlinzwa; ubuhlungu engabuzwa ngesikhathi ngihlinzwa angibufiseli omunye umuntu, ukuhlinzwa okungenalo uzwelo, okunesihluku nokuhlukumeza. Uma ngithi ngiyababuza indlela ekuyiyona yini ukuthi ningihlinze ngizwa nje, ngingaphuze maphilisi, ngingathole mjovo noma olalisayo bathi asizukuzwa ngawe ngomsebenzi wethu. 

Ukuhlukumezeka okukhulu ngakuthola kudokotela onesibongo esifana nesami futhi namanje ngingamkhomba. 

Uma sebeqedile abasePort Shepstone ngibuyiselwe eG.J. Crookes Hospital nakhona ayikho into yokuthiba izinhlungu. Ubuhlungu nesihluku engabuzwiswa amaPhysiotherapist angibufiseli omunye umuntu, baze banonya abantu. Uma ngiqeda ukuhlinzwa amaPhysiotherapist afika athi azongelula lapho ngisezinhlungwini angikaqalisi nokuphola ezinhlungwini. Ngiyabatshela ukuthi ngeke ngikwazi ukusukuma ngoba izilonda zisabhibha kodwa baphikelela ngenkani. Bangiphoqa ngenkani ukungelula lagudluka ithambo endaweni yalo. 

Indlela amaPhysiotherapist angihlukumeza ngayo kwaze kwaphoqeleka ukuthi ngibuyiselwe ePort Shepstone Hospital ngoba nethambo lenyonga lase liphinde lagudluka ligudluzwa yiwo amaPhysiotherapist ngokuba nesihluku nokunganaki. Lapho izinhlungu ziyasho. Ilapho owaqala khona umlenze ukubola nokubhibha okungalawuleki kuze kube imanje. 

Uma ngifika ePort Shepstone Hospital odokotela bathi kumele ngibholwe futhi ethanjeni ukuze bafake indonsamathambo ngoba ngangikade ngifakwe indonsasikhumba. Nabo odokotela babengavumelani ngazwi linye ngendlela okumele ngibholwe ngayo. Kwakubonakala nje ukuthi babanga amandla okuphatha. 

Ukuhlukumezeka engakuthola kulezi zibhedlela ezingenhla zombili angikufiseli omunye umuntu. Ubuhlungu engabuzwa kulezi zibhedlela zombili abulinganiswa nalutho. 

See Also

  Lapha ngikhuluma ngezinhlungu zokulimala sezihlangene nezokuhlinzwa kabi ngendlela enobudlabha, nesihluku esisabekayo.

  Ngikhuluma ngobuhlungu bokunganakwa, kube sengathi uyajeziswa ngokungena kulezi zibhedlela.

Umthungo namanje usabhibha anginalo ulwazi lokuthi kubikwa kuphi uma isimo sinje. Izinhlungu namanje zisangiphethe kuqaqamba umzimba wonke. Uma ngicabanga ngalezi zibhedlela ngizwa ubuhlungu ekujuleni kwenhliziyo yami ngifikelwe umunyu, inhliziyo ivele icwile emafutheni. 

Ngithe ngisababaza isihluku salezi zibhedlela ezimbili kanti sengizohlukumezeka okokugcina sekumele ngithole isinxephezelo sami kwaRoad Accident Fund. Ngaqasha ummeli ukuthi kube uyena ozongiphathela udaba lwami kanti akezukukwenza ubulungiswa ngacela ukuthi abuyise amafayela ami ukuze ngithole omunye ummeli. Wathi angimkhokhele imali eyizi-R250 000.00 ukuze adedele amafayela. Ngenhlanhla umshana wami ubesesitholile isinxephezelo sakhe. 

Umshana wangiboleka leso samba ngamcela ummeli ukuthi asihlangane ebhange ukuze ngimkhokhele. Gwiqiqi, “Hhayi angeke ngikwazi ukuthatha imali yakho udaba lungakaphothulwa. Ama-akhawunti ami ayamonithwa” kusho ummeli. 

Ngalubika lolu daba enhlanganweni ephethe abammeli kodwa angikaze ngisizakale kuze kube manje – kusukela ngowezi-2011 kuze kube owezi-2022 ngisagqigqa udaba lwefayela yami ngoba ummeli ugweve nalo, kwehlula ngisho sengizame abanye abammeli. Nabo bayahluleka ukuwathola kulo mmeli.

Ingakho ngithi ingozi yomgwaqo yifa lezinja ngoba ekulimaleni kwami sekumele kuzuze abantu abangahlangene nokulimala kwami, mina ngisale ngincinda izithupha. 

Scroll To Top