Ovikela umphakathi uvikela iso lakhe



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMvikeli WoMphakathi uBusisiwe Mkhwebane (osesithombeni) ufake isikhalo kuJudicial Service Commission (JSC) ngoMehluleli osewathatha umhlalaphansi weNkantolo YoMthethosisekelo uChris Jafta.
Lokhu kuhlobene nesinqumo sikaJafta ecaleni eliphakathi kukaMkhwebane noMengameli uCyril Ramaphosa. Encwadini yakhe efungelwe, uMkhwebane usola uJafta ngokwephula umthetho wezokuziphatha ngokubeka esinqumweni sakhe ukuthi washintsha amagama e-Executive Code of Ethics ekutholeni kwakhe uMengameli Ramaphosa ophenyweni lwakhe lweCR17. Nokho, wehlulekile ukuthi iNkantolo YoMthethosisekelo isihoxise lesi sinqumo.
Manje, uMkhwebane usephendukele kuJSC wathi nakuba eqonda ukuthi ikhomishini ayivunyelwe ukufaka isikhalo esivela esinqumweni seNkantolo noma umyalelo wesinqumo sikaJafta sasinephutha nokuthi ukukhetha kwamagama kukaMehluleli kweqe imingcele yokusola.
Ngakolunye uhlangothi
I-United Democratic Movement (UDM) ithi asikho isidingo sokuthi iPhalamende liphuthume uhlelo lokugudluzwa koMvikeli WoMphakathi u-Busisiwe Mkhwabane. Iqembu lithi isigungu sikazwelonke kumele silandele imithetho equkethwe eSigabeni 89 soMthethosisekelo.
I-UDM ingummangalelwa we-10 ukufaka incwadi efungelwe odabeni phakathi kukaMkhwebane, uSomlomo WePhalamende Likazwelonke uNosiviwe Mapisa-Nqakula, noMengameli uCyril Ramaphosa. Isicelo esiphuthumayo soMvikeli WoMphakathi kulindeleke ukuthi silalelwe eNkantolo Enkulu yaseKapa ngoMsombuluko nangoLwesibili ngesonto elizayo. I-UDM kanye ne-African Transformation Movement (ATM) bayameseka uMkhwebane ekutheni angasuswa esikhundleni.
Umholi we-UDM, uBantu Holomisa, uthi uhlelo lokuketula uMkhwebane kumele lumiswe njengoba kusalindwe imiphumela yesicelo sokuhoxiswa kwakhe eNkantolo YoMthethosisekelo. “Ngakho-ke, ngokomthetho oqukethwe kuRule 89 weMithetho yeSishayamthetho Sikazwelonke noma ukuchibiyela umthetho uqobo, kusho ukuthi kufanele silinde. Ngakho-ke, asixoxi ngezindaba ezibalulekile njengamanje. Sisesezingeni lenqubo, ngakho-ke asiqale sisuse lezo zingqinamba bese kuthi uma sesiziqedile bese sikhuluma ngezindaba ezibucayi,” kusho uHolomisa.