Izinkani zababili embangweni wokuhola eSudan
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Umholi wombutho olawula iSudan u-Abdel Fattah al Burhan uqede ithemba lezingxoxo zokuqeda impi eshiya angalazi kuzimbangi zakhe iRapid Support Forces (RSF). Ubize lolu phiko “ngamambuka” wathembisa nokudla umhlanganiso enkulumweni yakhe kumasosha.
Izigidi ziphoqeleke ukuthi zishiye amakhaya futhi inkinga yobuntu iye yanda selokhu kwaqala ukungqubuzana phakathi kwamasosha neRSF ngoMbasa. Izingxoxo ezilandelanayo zehlulekile ukumisa impi. “Asenzi izivumelwano namambuka, asenzi izivumelwano nanoma ngubani othengise abantu baseSudan,” kusho uBurhan, ophinde abe yinhloko yamasosha, etshela amasosha abejabule eFlamingo
Base ePort Sudan oLwandle Olubomvu. Inkulumo yakhe iqhamuke ngosuku ngemuva kokuba inhloko yeRSF izwakalise ukuvuleleka ezingxoxweni kanye nokumiswa kwezikhali isikhathi eside, nangemva kwezinsuku uBurhan eqhamuke enhlokodolobha iKhartoum okokuqala selokhu kuqubuke impi.
Lezinhlangothi zombili zabelane ngamandla kusukela ekuketulweni kuka-Omar al-Bashir ngowezi-2019 futhi asolana ngokuqala impi, eyaqubuka phakathi nezinhlelo zokuhlanganisa amasosha awo abe yibutho elilodwa njengengxenye yokuguqukela entandweni yeningi.
UBurhan useqale uhambo lokuvakashela amaklamu ezifundeni ezilawulwa amasosha kanti kulindeleke ukuthi alibangise eSaudi Arabia nase-Egypt, okwenza abanye bacabange ukuthi kunesivumelwano esiseduze.
“Sinikela sonke isikhathi sethu kule mpi… ukuze siqede lokhu kuvukela umbuso,” kusho uBurhan, ethembisa ukunqoba okusheshayo nokunenqumo, enanela izitatimende zangaphambilini zobuholi bezempi. IRSF “iphelile ngokuphelele – umzamo omncane nje futhi izophela,” esho.
UBurhan ukuchithile ukuthi amasosha akhe athole usizo lwangaphandle wathi ukuphuma kwakhe enhlokodolobha kungenxa yomkhankaso wezempi ohlanganisa umbutho wezomoya kanye namasosha asemanzini, wathi amasosha amabili ashonile kulesi senzo.
Emasontweni asanda kwedlula, amasosha alwe nokuhlasela kweRSF endaweni ye-Armored Corps eningizimu yeKhartoum, okungenye yezinqaba zayo ezisele enhlokodolobha, enye kuyikomkhulu lamasosha lapho uBurhan ayezinze khona.