Now Reading
Ukubuka kwabahlaziyi ngokwesula kukaMbali kuDA
Dark Light

Ukubuka kwabahlaziyi ngokwesula kukaMbali kuDA

Umhlaziyi wezepolitiki, uLevy Ndou, usechaze ukushiya kukaNks uMbali Ntuli kuDemocratic Alliance (DA) njengegalelo elikhulu eqenjini. UNtuli umemezele ukushiya kwakhe kuDA ngesonto eledlule wathi ufuna ukuhlola ezinye izindlela. Kodwa iqembu KwaZulu-Natal lithi ukwesula kukaNtuli akumangazi ngoba waveza ukuthi uzimisele ngokushiya.

UMbali usengomunye umholi woHlanga othe usephumile kuDA. Uchithe iminyaka eli-15 eqenjini. Uthathe isinqumo sokulishiya iqembu wasula esikhundleni sokuba yilungu leSishayamthetho sesifundazwe saKwaZulu-Natal. Lo mholi  oneminyaka engama-33 ubudala, wakhala ngaphansi embangweni wokuhola iqembu ngonyaka odlule  ibhekene nowayebambile  uJohn Steenhuisen. UNdou uthi, “Ngicabanga ukuthi kuyiphutha ukuthi iDA ilahlekelwe ngosezingeni likaMbali Ntuli. Lona ngumuntu obongwe ngokwenza umsebenzi omuhle kakhulu ekwakheni iDemocratic Alliance KwaZulu-Natal. Lona ngumuntu oyedwa, owakhula eqenjini futhi uma eshiya iqembu, okungenzeka ukuthi angase ahambe nokusekelwa kwakhe, noma yikuphi lapho eya khona. Sekuyisikhathi sokuthi iDA izame ngakho konke okusemandleni ukuthi ingalahlekelwa ngabaholi boHlanga abaqavile ngoba lokho kunomthelela ekukhuleni kwayo.”

Kodwa, umholi weDA KwaZulu-Natal, uFrancois Rogers uthe ukwesula kukaMbali  osekunesikhathi eside eseqenjini akumangazi. Uthi useke wakhuluma naye phambilini ngesifiso sakhe sokuyohlola ezinye izindawo.

“Angazi ukuthi uMbali akahambisani nemigomo nemibono, ubengakangikhombisi lokho. Ngicabanga ukuthi iqiniso lokuthi udinga izinselelo ezintsha empilweni yakhe nokuthi izinto ezibalulekile kuye mhlawumbe sezishintshile futhi kufanele ngikuhloniphe lokho futhi ngimbonge ngokubamba iqhaza kwakhe eqenjini ezindimeni ezehlukene kanye nabambe iqhaza njengelungu lenhlangano. ISishayamthetho sesifundazwe,” kusho uRogers.

See Also

Omunye umhlaziyi wezepolitiki, uTessa Dooms, uthe ukushiya kukaNtuli kuDA akuzange kumangaze abaningi. “Ngicabanga ukuthi kuvela emlandweni omude ngamazwi akhe njengoba ethi uhlanganyele neqembu ngezindlela eziningi, wakhuluma futhi hhayi ngempela ukuthola isimo seqembu esivumela ukuthi kube namazwi nemibono ehlukene.”

Scroll To Top