Now Reading
Useyindoda ekhululekile eTanzania uFreeman Mbowe
Dark Light

Useyindoda ekhululekile eTanzania uFreeman Mbowe

UMengameli waseTanzania, uSamia Suluhu Hassan, ngoLwesihlanu uhlangane nomholi weqembu eliphikisayo, uFreeman Mbowe (osesithombeni), kusho iHhovisi likaMengameli, ngemuva kwamahora abashushisi behoxise amacala obushokobezi ayebekwe uMbowe, bamkhulula. UMbowe, uSihlalo weChadema, uboshwe ngoNtulikazi odlule edolobheni elisoLwandle iMwanza lapho bekumele ahambele ingqungquthela yeziphakamiso zomthethosisekelo omusha.

“UMengameli uSamia ugcizelele isidingo sokubambana ngezandla ukuze kwakhiwe isizwe, ngokuthembana nenhlonipho eyakhelwe phezu kwesisekelo sobulungiswa,” kusho ihhovisi lakhe esitatimendeni, limemezela umhlangano. Esitatimendeni sicaphune uMbowe ethi bavumelene ngokuba nomphakathi kwezombusazwe, wathi uzosebenzisana nohulumeni emzamweni wokuthuthukisa izwe laseMpumalanga Afrika. Ubekwe icala enkantolo ngoNtulikazi zingama-26, phezu kokuba iqembu lakhe libhikishela ukuthi la macala anenhlese yezepolitiki.

“Umqondisi wezokushushiswa uwahoxisile amacala ezomnotho kanye nobushokobezi,” kusho iChadema kuTwitter. Abasolwa abathathu nabo bakhululiwe, kusho iqembu. Abalandeli bakaMbowe, abebephume ngobuningi babo enkantolo bezolandela ukuqulwa kwaleli cala, bajabule ngemuva kokumenyezelwa kwesinqumo sokuhoxiswa kwamacala, kanti abameli bakhe bagonene.

Ukuboshwa kanye nokuqulwa kwecala lakhe kuye kwaphakamisa imibuzo mayelana nokuzibophezela kukaHassan ekubekezeleleni okukhulu ukungezwani kwezepolitiki. UHassan, owathatha izintambo ngemuva kokushona kukamanduleli wakhe uJohn Magufuli ngoNdasa wonyaka odlule, wesula umthetho wokuvinjelwa kwamaphephandaba amane futhi wahlangana nomholi weqembu eliphikisayo owayedingisiwe eBrussels ngenyanga edlule, okwavusa amathemba okubekezelela okukhulu ukungezwani kwezombusazwe.

See Also

Izikhulu zikaHulumeni ziyaziphika izinsolo zokwephulwa kwamalungelo kanye nokucindezela intando yeningi. Abalingani bakaHulumeni bayamukele inkululeko kaMbowe. “Ukuchithwa kwanamuhla kwecala elibhekene noFreeman Mbowe kuyithuba elamukelekayo lokuthi iTanzania ivule ikhasi futhi igxile esikhathini esizayo,” kusho uDonald Wright, inxusa lase-USA eTanzania.

Scroll To Top