Umshwibi onamava ucacisa ngobunzima kwelesizwe


Ubhoboka ngobunzima bokushikisha ibhentshi kuProteas umdlali wamaTitans, u-Aaron Phangiso osenalo ithemba lokugqoka ijezi lesizwe.
Lo mshwibi osezinqobe zonke izicoco ezikhona eNingizimu Afrika uke wabhekana nesimo esinzima kwelesizwe.
Ngaso sonke isikhathi uma enikwe ithuba ubenza ezibukwayo kodwa bese kuthi emdlalweni olandelayo abekwe ngaphandle.
UPhangiso ubebanga indawo kwelesizwe nomunye wabashwibi abahamba phambili emhlabeni u-Imran Tahir.
“Kwakunzima kakhulu ukuba sezichathulweni zami. Kwakungeyona into elula ukufike udlale kahle bese kuthi emdlalweni olandelayo ubekwe ngaphandle. Nokho konke lokho kuyingxenye yomdlalo wekhilikithi. Bengibanga indawo no-Imran Tahir. Ngaleso sikhathi kwakunguyena umshwibi ojikijela ngeSpin ohamba phambili. Mina ngangiza emuva kwakhe. Sasibophele izinkunzi zabashwibi okubalwa kubona oDale Styen, uMorne Morkel noVernon Philander. Iqembu lethu lalidlala ngeSpinner esisodwa. Njengoba ngangibanga no-Imran owayehamba phambili, kwakunzima ukuthi ngidlale njalo,” kubeka uPhangiso.
Kwelesizwe udlale imidlalo engama-21 yosuku olulodwa kwathi kweyeT20 wayibamba imidlalo eli-16.
Uthathe amawikhethi angama-26 kweyosuku olulodwa kwase kuthi kweyeT20 wahlomula angama-20.
“Okungijabulisayo wukuthi ithuba nethuba engangilithola ngangilibamba ngezandla zombili. Ngikhumbula nje ngenye iNdebe YoMhlaba lapho nganikwa khona ithuba lokudlala kwathi ngemuva komdlalo ngaqokwa njengomdlali ovelele. Kimina lokho kwasho lukhulu ngoba eNdebeni YoMhlaba kusuke kuboshelwe izingqungqulu zodwa,” kuchaza uPhangiso.
Ngowezi-2015, uPhangiso ubeseqenjini lesizwe elidlale eNdebeni YoMhlaba eNew Zeland nase-Australia.
“KuProteas ngazizwa ngamukelekile. Okwenza ngashesha ngajwayela wukuthi iningi labadlali ngakhula nabo. U-AB De Villiers ngaqala ukudlala nabo ngisaneminyaka eli-13 ubudala. Yebo, kona zibe khona izingqinamba engibhekane nazo njengale yokungadlali njalo. Akuyona into elula ukuhamba amazwe ngamazwe ufike uhlale ebhentshini. Kubuhlungu kakhulu-ke futhi uma ulithola ithuba ulisebenzisa kodwa emidlalweni elandelayo ubekwe ngaphandle. Inkinga kwakuyileyo. Ngaphandle kwalokho ngazizwa ngamukelekile,” kusho uPhangiso.
Leli nxele selidlale ezingeni elikhokhelayo iminyaka engaphezu kweyishumi. “Thina sangena kulo mdlalo wekhilikithi ngesikhathi usathathwa njengomdlalo wabamhlophe. Ngakho bekumele sizikhombise ukuthi asinikwanga nje ithuba ngoba nakhu singaboHlanga kodwa sinikwe ithuba ngoba sikufanele ukugqoka ijezi leqembu lesizwe. Ngeneme ngokuthi indlela iningi labadlali boHlanga abadlala ngayo iyazikhulumela,” kucacisa uPhangiso.
Kwelesizwe uqale ukudlala ngowezi-2012 ngemuva kokwenza ezibukwayo neLions. Ngemuva kwalokho akabange esabheka emuva.
“Kuyiphupho labo bonke abadlali abadlala ezemidlalo ukumela amazwe abo. Nami ngikhule ngifisa ukufeza iphupho lami lokudlalela iProteas. Ngiyajabula ukuthi lelo phupho lifezekile. Ngaphezu kwalokho ngize ngathola ngisho ithuba lokuyodlala eNdebeni YoMhlaba. Nganikwa ithuba ngafika ngenza kahle ukukhombisa ukuthi ngiyakwazi ukumelana nabadlali abanonhlonze emhlabeni jikelele,” kuchaza uPhangiso.
Njengamanje uPhangiso ubalwa namaSpinner ahamba phambili eNingizimu Afrika.
“Akuyona into encane ukumela izwe lakho njengomdlali omnyama. Iningi lethu siphuma noma sikhulele ngaphansi kwezimo ezinzima. Ukudlala ezingeni lomhlaba yinto enkulu. Kunika ithemba kuzozonke izingane ezimnyama eziphuma ezimeni ezinzima ukuthi akukho okungenzeki. Yingakho uma ngithole ithuba bengilibamba ngezandla zombili ngoba ngiyazi ukuthi bengimele iShosanguve neMamelodi. Bengingazimele nje mina nomndeni wami kuphela,” kulandisa uPhangiso.
Emidlalweni yalapha ekhaya usethathe amawikhethi angama-202.
“Bengifuna ukwenza bonke abantu abamnyama abasuke emalokishini baziqhenye. Ngiyajabula ukuthi ngikwazile ukwenza lokho,” kubeka uPhangiso.
Lo mdlali leminyaka engama-38 ubudala ugcine ukudlala kwelesizwe ngonyaka wezi-2018.
“Uma livela elinye ithuba lokudlalela iqembu lesizwe angeke ngilinqabe. Njengamanje ngenza kahle kumaTitans. Siqale kahle kuCSA T20 kanti sisethubeni lokunqoba iFour Days Series. Ngizimisele ngokuqhubeka nokwenza kahle.” kuphetha uPhangiso.