Now Reading
Ukubungazwa kolimi lwebele emhlabeni wonke jikelele
Dark Light

Ukubungazwa kolimi lwebele emhlabeni wonke jikelele

NgoMsombuluko zingama-21 kuNhlolanja bekuwusuku lapho umhlaba wonke jikelele ubungaza ukubaluleka kolimi lwebele. Incithabuchopho yezwekazi lase-Afrika uSolwazi u-Ali Mazrui wake wenza isibonelo ngabantu baseJapan. AmaJaphani azibuza lo mbuzo olandelayo. Azibuza ukuthi ngabe bangayilandela inqubo yokuhweba yaseNtshonalanga yesimanje manje kodwa bagweme ukulandela usikompilo lwaseNtshonalanga? Emva kwezingxoxo ezijulile bavumelana ukuthi bangayilandela inqubo yokuhweba yaseNtshonalanga yesimanjemanje kodwa ngeke bayilandele inqubo yosikompilo yaseNtshonalanga. Bazokhetha. Bazolandela ubuchwepheshe baseNtshonalanga kodwa bagcine inqubo yabo yamagugu aseJapan. Isinqumo esenziwa izwe iJapan saba nomthelela omuhle ngoba namhlanje iJapan ihamba phambili kwezobuchwepheshe umhlaba jikelele. Ukuphumelela kanye nokuvelela kwabaseJapan kuncike ekutheni abagudlukanga emigomweni kanye nasekugcineni usikompilo lwabo okuhambisana nokulondolozwa kwamagugu abo angumgogogodla wokuvelela, wokudlondlobala kanye nokuphumelela kwezwe iJapan.

Ngeshwa kanye nokujabha njengoba aphawula uSolwazi Mazrui ephepheni alibhala elithi, Ngabe izwekazi i-Afrika liyafadalala liqonde ekupheleni kwalo? USolwazi ubuze lo mbuzo ngoba izwekazi i-Afrika lakhetha lona ukulandela usikompilo lwaseNtshonalanga layekela ukukhulisa umnotho wase-Afrika ngokuthi luthathe inqubo yokuhweba yaseNtshonalanga.

Ukubungazwa kosuku lolimi lwebele emhlabeni wonke jikelele kuhlose ngakho ukuba kukhunjuzwe zonke izizwe ngokubaluleka kolimi lwebele ngoba ulimi lwebele luwumgogodla wanoma isiphi isizwe ngoba ulimi lwebele yilona olulondoloze usikompilo lwethu kanye nokudlulisela esizweni sonke usikompilo okufanele isizwe siphile ngalo. Namhlanje isizwe esimnyama sidunguza ebumnyameni ngoba asizazi ukuthi kahle kahle silandela luphi usiko mpilo: usikompilo lwezifikanamthwalo noma usikompilo kanye nolimi lwebele lezwekazi lase-Afrika.

Umsebenzi wokulungisa umqondo wabantu bezwekwazi i-Afrika umsebenzi omkhulu odinga ukubambisana kwayo yonke imikhakha ezigqajayo ngobu-Afrika bayo. Izingane zethu zifunda ezikoleni lapho izilimi zabantu bomsinsi wokuzimilela lapha e-Afrika zifunda ezikoleni lapho izilimi zabanikazi bomhlaba wezwekazi i-Afrika azifundiswa ezikoleni lapho zifunda khona. Angilivume icala lami ukuthi enye yezingane zami yenza ngibe namahloni uma isihluleka ukukhuluma isiZulu esizwakalayo. Yingakho nganquma ukuba enye yezifundo zayo enyuvesi kube ulimi lwesiZulu.

Nanamhlanje ngifikelwa izinyembezi uma ngikhumbula lapho ngangihambele umhlangano wesikole lapho kwakufunda ingane yami khona. Kwakuyisikole esixubile ngezinhlanga. Kuthe uma kufika isikhathi sokukhetha izilimi okufanele zifundwe, insizwa yomlungu yasukuma yaphakamisa ukuthi incoma ukuba isiZulu sifundiswe kulesi sikole. Abazali ababhodla umlilo bashaya phansi bathi ngeke sifundwe isiZulu kulesi sikole akubanga abazali babelungu, kodwa kwaba abazali boHlanga. Ngakho-ke uma sigubha lolu suku sinenselelo yokukhipha imfundisoze ethi usuke ufundile uma ukwazi ukukhipha ulimi lwesilungu ngamakhala.

Ngisakhumbula ukuthi nasenyuvesi imvamisa abafundi ababekhethwa ukuba babesemkhandlwini wenhlangano yabafundi kwakuba yilabo ababekhuluma isiNgisi njengabelungu. Nanamhlanje isekhona le mfundisoze ukuthi umuntu okwazi ukukhuluma isiNgisi kucatshangwa ukuthi uhlakaniphile. Cha akunjalo. Kunezikhathi lapho engihambele khona imihlangano ebalulekile lapho abantu abanamaphuzu aphusile kodwa abasabayo ukuwanekela umhlangano ngoba kuvetezwa kukhulunywa isiNgisi emhlanganweni. Besikhunjuzwa ngoMsombuluko ukuba sizigqaje ngolimi lwethu. Uma kungukuthi kuzodingeka umuntu ahumushe inkulumo yalowo ongakwazi ukubeka udaba lwakhe ngesiNgisi, akube njalo yikhona kuzodaleka amathuba omsebenzi okuhumusha.

Okucasulayo wukuthi abantu bokuqala abansinsithekayo uma owoHlanga esiphohloza isiNgisi yibo aboHlanga. Okuxakayo ukuthu uma umlungu ekhuluma ephohloza ephihliza isiZulu noma yiluphi ulimi lwengabadi, aboHlanga bamshayela izandla umlungu uzwe bethi: uyazama bandla mncomeni!!! Ake abhede umuntu woHlanga, udaba lwakhe luyobe selikhulunywa koFacebook, koWhatsapp – ngamafuphi udaba lalona obhede isiNgisi luzobe selukhulunywa ezinkundleni zokuxhumana ungaze cishe udideke ukuthi ubulale umuntu.

Siyadinga ukukhumbuzana ukuthi udaba lolimi lwebele lungezinye zezinkomba ukuthi kukhona okonakele ngendlela isizwe saboHlanga esenza ngayo nangokucabanga nje. Osopolitiki bathula izinkulumo zabo ezinomlayezo ojulile ngolwimi abantu abaningi abangaluqondisisi kahle. Ugcina udideka ukuthi ngabe umholi inkulumo yakhe uyiqondise kwabezindaba noma kubantu abamvotele ukuba abahole.

UHulumeni naye unenselelo yokugqugquzela ukusetshenziswa kolimi lwabantu osibalo sabo sikhulu. Kungonakala ukuphi nje ukubhala isicelo sokwenza umcimbi othize ngesiZulu. Imigomo nenqubomgomo yokusebenza kukaHulumeni kuyadinga ukuba kuqikelelwe ukuba iyahunyshwa ihunyushelwe olimini lwaboHlanga. Ngiyobe angibenzi ubulungiswa ukungancomi umsebenzi omuhle owenziwa uHulumeni ekushicileleni imigomo yakhe ngazo zonke izilimi ezikhulunywa eNingizimu Afrika.

Kanjalo nemihlangano yabasebenzi bakaHulumeni kanye nemihlangano yongqongqoshe. Kungaba isibonelo esihle iKhabhinethi ike isibenzise ngezinye izinsuku ulwimi lwesiZulu. Angazi noma bekwenzeka kimi kuphela yini. Bengibikelwa uma ngijutshwa ukuyothula umbiko kuKhabhinethi. Ngiyolungisela ngizicije ngoba ngitshelwe ukuba isethulo sombiko wami sizothatha imizuzu elishumi. Qambe uyangena egumbini lapho kunomhlangano weKhabhinethi wethukile, uhlangane nenkulu inkinga uma umshayeli womhlangano ephawula ethi ucela ugoqe isethulo sombiko ozowethula ngemizuzu emithathu. Uyoswela umgodi wokungena ugqibeke. Sekufanele manje engqondweni yakho ufinyeze isethulo sakho obozosithula ngesiNgisi. Akulula. Angisho ukuthi uma wenza isethulo ngesiZulu ngeke lube khono uvalo kodwa uvalo luzothi ukwehla kancane.

Ucwaningo engilwenzile luthi incane ingxenye yabasebenzi bakaHulumeni eba yingxenye yezingxoxo uma kuhlangenwe ukuhlela izinhlelo zokwethula izinsizakalo emphakathini ngoba abanye abasebenzi bayesaba ukuthi amathuba maningi ukuba sibaleke isiNgisi esazama ukuchaza umbono wakhe noma uyesaba ukukhuluma ngoba akaqeqeshekile kahle olimini lwesiNgisi. Asingakhohlisani bakwethu, ulimi lweNdlovukazi yamaNgisi lunzima. Esikhathini esedlule ngike ngaba uthisha eNyuvesi. Isithombe esavela esithi izingane ezazifunde ezikoleni ezixubile zazisikhuluma zisikhipha ngamakhala isiNgisi, kodwa uma sekufanele basibhale, dololo. Ungaphika ukuthi iphepha lesivivinyo lesitshudeni ebesiveteza isiNgisi esiphezulu. Ngangigangile kwesinye isikhathi. Bekuthi uma ngibona ukuthi lona oveteza isiNgisi usebukela phansi abanye abafundi, bese ngiyalikhuphula ngabomu igiya lesiNgisi. Ngiyomshaya ngenguzunga yamagama amabili amathathu esiNgisi adideke umfundi. Kwakuyindlela yami yokwehlisa ukuphapha kulowo mfundi owayecabanga ukuthi ungungqoshishilizi wolimi lwesiNgisi.

See Also

Izingane zethu azifundiswe izilimi zethu. Sekukaningi ngifikelwa amahloni uma ngihambele umcimbi wokuvalelisa osedlulile emhlabeni. Uyocelwa umzukulu kamkhulu noma ugogo ukuba adlulise amazwi egameni labazukulu. Uyosiphohloza, asikabhe ngezembe isiZulu umzukulu kuze kugcina sekungenelela umphathi wohlelo egcina esefunda umlayezo.

Sengiphetha. Ulimi lwebele yilo olusetshenziswayo ukudlulisa usikompilo lwabantu ezizukulwaneni ngezizukulwane. Ulimi futhi olulondoloza usikompilo lwethu kanye namagugu ethu. Yilo belu ulimi lwebele esikhuthaza ngalo ukugcinwa kosikompilo kanye namagugu ethu. Ulimi olukhuthaza ukuhlukahluka ngobunye.  Ulimi lwebele yilona oluchaza ngokuphelele ukuthi umuntu ungubani, uvelaphi futhi uphokophele kuphi. Azikhuthazwe izingane zethu ukufunda ulimi lwebele. Akube nemincintiswano yokukhuthaza ukubaluleka kolimi lwebele emakhaya ethu. Izingane azazi izithakazelo zezibongo zazo. Izingane nawo wonke umuntu uyakhunjuzwa ngalolu suku lokugubha ulimi lwebele ukuthi ubuthina njengaboHlanga bugcinwe olimini lwebele.

Besiyokhunjuzwa futhi sikhuthazwa ukusebenzisa ulimi lwebele uma kungukuthi sonke siyasazi isiZulu. Imihlangano ayibanjwe ngesiZulu. Ngiyobe angibenzi ubulungiswa uma ngingancomi uMphathiswa woMnyango Wezobuciko Namasiko, umama uHlengiwe Mavimbela kanye neNhloko YoMnyango ubaba uNtokozo Chonco, ngokwenza abasebenzi bekwazi ukuvumelana nezimo bangayifaki ingcindezi yokusebenzisa ulimi lwesiNgisi nalapho kungenasidingo noma kungafanele khona. Sengathi neminye iminyango kaHulumeni ingasika iphethini kulokhu okwenziwa uMphathiswa uHlengiwe Mavimbela kanye neNhloko YoMnyango uNtokozo Chonco. Nime njalo baholi bethu.

  uDokotela Vusi Shongwe

Emgungundlovu, kwisiFundazwe saKwaZulu-Natal

Scroll To Top