Now Reading
Kunezinkomba zokuthi ziningi izinkinga zeKwaZulu-Natal
Dark Light

Kunezinkomba zokuthi ziningi izinkinga zeKwaZulu-Natal

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu uSihle Zikalala, uthe iKwaZulu-Natal isabhekene nezinkinga zengqalasizinda yakudala nemiphakathi edinga amanzi kampompi. 

UZikalala ukhulume ngesikhathi kuvulwa iLekgotla yokuhlela yaminyaka yonke yesifundazwe eqhubeka eThekwini. ILekgotla iwumhlangano wamasu wezinga eliphezulu futhi yenzeka ngaphambi kweNkulumo Yesimo Sesifundazwe (SOPA).

UZikalala udwebe isithombe esibi salokho isifundazwe esadlula kukho ngonyaka odlule ngesikhathi sezibhelu zikaNtulikazi, umthelela wokhuvethe nokwanda kobugebengu. Uthi izingxenye zesifundazwe zinengqalasizinda endala enomthelela ekuhlinzekweni kwamanzi. 

“Senze ucwaningo olunzulu kanti kulolu cwaningo olwenziwe ngabakwaCogta KwaZulu-Natal sihlole omasipala abangama-54 esinabo. Ukuhlola kukhombise izinselelo kulezi zindawo ezilandelayo ukusilela emuva kwengqalasizinda kanye namagebe esigabeni sokufudukela emadolobheni. Ngakolunye uhlangothi sibhekene nokusalela emuva kwengqalasizinda kodwa ngingathanda ukugcizelela ukuthi sibhekene nenselelo yengqalasizinda, ukusilela emuva kwengqalasizinda kungenye yalokho. Kodwa phezu kwalokho ukuguga kwengqalasizinda nokuguga kanye nokusilela emuva,” kusho uZikalala.

UNdunankulu  ubuye wavuma ukuthi ubugebengu buyinkinga enkulu esifundazweni. 

“Inselelo yesine ebhekene nabantu baKwaZulu-Natal wudaba lonke lobugebengu kanti lokhu kusuka ekubulaweni kwezepolitiki, ukubulawa kwendabuko, udlame embonini yamatekisi nokubulawa okwenzeka emiphakathini okucatshangwa ukuthi iqhutshwa izinga eliphezulu lezidakamizwa. Kudingeka sikunake lokho. Lezi yizinkinga ezithinta abantu baKwaZulu-Natal mihla namalanga. IKwaZulu-Natal isiphenduke inhlokodolobha yamacala okubulala nokudlwengula eNingizimu Afrika kudingeka siqinisekise ukuthi siyawuqeda lo mkhuba,” kwengeza uNdunankulu.

See Also

Khonamanjalo, uNdunankulu  uphinde waveza ukuthi omasipala abayisithupha abahlulekile ukusebenzisa imali yabo yezibonelelo ezinemibandela ephuma kuhulumeni kazwelonke okuzoholela ekutheni le mali ibuyiswe. 

“Izibonelelo ezinemibandela zinikezwa uhulumeni kazwelonke ukuze enze imisebenzi ethile ecaciswe ukuthi omasipala kumele bayinakekele. Kungaba ingqalasizinda, amanzi noma imigwaqo nanoma yini kanti labo masipala abakwazi ngenxa yokuthi abanye abanazo izikhungo zokuphatha amaphrojekthi okumele zihlanganise amaphrojekthi futhi ziqinisekise ukuthi ziyabiza futhi ziyaqaliswa. 

Laba bazohlanganisa omasipala abafana noGu, uMkhanyakude, uMzinyathi labo abathathu engibakhumbulayo,” kuphetha uNdunankulu

Scroll To Top