Now Reading
Amabhunu adwengula aBantwana uDinuzulu noZibhebhu
Dark Light

Amabhunu adwengula aBantwana uDinuzulu noZibhebhu

Iphendule inyanga yathi nalezo phela sekungezakhe zilethe ngizisebenze. lnyanga ibasebenze ibaqede bese ithi kabashiye izikhali zabo esibayeni isizelaphile ngakho ayongena azithathe ngoba seyizimboze ngenkungu eyesabekaya. Waphuma uMagasa namabutho akhe bashiya izikhali zonke esibayeni. lnyanga yeThonga yavuka ebusuku besalele yase izithatha zonke izikhali zeNkosi uCetshwayo kanye nenhlendla yayo. Yathatha nesibhamu soMntwana uZibhebhu kudekude ehlathini kwaCeza, yafika yazethula eNkosini uDinuzulu. lnyanga yasebenza iSilo ngakho konke eyayikucuye eBanganoma, lokho kwasinika amandla amakhulu iSilo nesibindi sokuba sikwazi ukuyobhekana noMntwana uZibhebhu. Kuthe kusenjalo inyanga ndini yase ikhuluma insambatheka yathi sekufuneka ukuba iSilo uDinuzulu kube yiso esizohamba siyonyathela umquba eBanganama. Yathi uma sesenze njalo iSilo kuyobe siqedile. Kuthiwa ibandla leSilo lethuka kakhulu ngoba lalazi kahle kamhlophe ukuthi kakuyi lubuyayo kuMagasa, futhi akabhekani nalutho oluma phambi kwakhe. Kanti inyanga isho entshweni kuMamongwa;

“Umathunywa avume

Njengempaka yamthakathi”

Wayeqeqeshwe nguye uMagasa wamfundisa ukuba nesibindi, iNkosi enamandla neyiqhawe. Washo wavumela phezulu uMamongwa eneqhawe laseGazini,

“lsikidam esadla

Ezinye iZikidamu”

UMntwana uMabhekeshiya. Basha baqanda khona eBanganama emini libalele. Uyafika uMamangwa uyakhuleka qede abuze uyise. Kuthi uma bembuza ukuthi ngowaphi. Abaphendule ngokuthi ngowaseMatheni uzalwa uMntwana uZiwedu kaMpande. Kuthi uma efika phambi kaMntwana uZibhebhu avele angamngabazi ukuthi ingane yamfowaba. Bavele baxoxe ngesimo sokudungeka kwezwe, uMagasa enokuzethemba okukhulu. Kuthiwa kwathi uma sebeqedile ngezingxoxo zabo, UMntwana uZibhebhu bese ekhipha inyama emnika uMntwana ukuba adle. Edlule amnikeze enye athi ngumphako aseyohamba edla endleleni. UMntwana uDinuzulu abesebonga kakhulu impatho yaMntwana qede avalelise aphume ahambe. Kuthe uma efika emfuleni athole uNdlunkulu woMntwana uZibhebhu ekha amanzi. Bese ewunika inyama yomphako athi abofika batshele iNkosi uZibhebhu ukuthi nguye lona ebikhuluma naye futhi uyabuya uzobhekana nayo ngempi. Wafika enqabeni kwaCeza qede wasehloma:

“UMahlomehlathini njengohlanya”

INdlovukazi okaMsweli kuthiwa yalila mhla iphaka lempi, ikhalela umtanayo iSilo uDinuzulu. Bathi yabuza ukuthi ngempela Dinuzulu ubuyini wena ukuthi ungabhekana noZibhebhu? lngani uZibhebhu wanqoba amaNgisi. Waqeda impi yoSuthu eMsebe. Washisa umuzi weSilo Ondini, wabulala aMakhosi nezikhulu zakwaZulu. Pho-ke wena ubuyini mtanami ukuthi ungabhekana namuntu obalekelwa aMakhosi neZikhulu zezwe? Kwaba umkhuleko lona omkhulu weNdlovukazi, ililela iSihlalo soBukhosi. 

Yangena nempi esibayeni qede yanquma ibutho uPhefeni, iMbokodebomvu, eyaziwa futhi ngokuthi iMbokodekamagayisa. Phela iSilo uDinuzulu sasingakabi nalo nebutho ngoba iNgonyama uCetshwayo yakhothama sise sincane singakabuthwa. Ngakho iNdlovukazi yalinquma ibutho impi iphuma ibheke eTshaneni. Kwathi uma impi isiphuma esibayeni, iNdlovukazi yamthatha yambeletha emhlane umntanayo. Yaphuma naye ihola impi, ilokhu imbelethe, yaze yayombeka ngaphandle komuzi. Yamehlisa sakumlahla, ingavumelekile nakumbheka. Yabuyela esikhupheni, yafike yangena endlini yayo. Yazila, igonqele umtanayo ukuba anqobe. lphuma nje impi yoSuthu isixubene namaBhunu abalelwa ngaphezulu kwamakhulu ayisishiyagalombili, ayelandwe oThaka. Lapha imbongi yeSilo uDinuzulu isihasha ithi:

Usihhawuhhawu siyinkandla bayivumile

lvunywe ngabamhlophe

See Also

Yavunywa ngabaphansi nabaphezulu

lntatheli uNkomo kaMaphuthwana Mncwango, yaphuthumisa umbiko othi uSuthu lusendleleni luza lubelethe namaBhunu. UMntwana uZibhebhu waqoqa uMandlakazi wathi akaphisele eklolweni, wathi impi kayiphume ekhaya iyobuthisa eTshaneni. ABantwana bakwaMandlakazi bala baphetha bathi namuhla abazukuphuma lapha eBanganoma bayofela ezintabeni, kade elokhu ebazulisa. Bathi baqoma ukufela ekhaya. Wathi uMntwana uZibhebhu le mpi imbi kakhulu namuhla ngoba iza ibelethe amaBhunu. lmizamo yakhe yokucela usizo embusweni wamaNgisi aseNatal yabe seyehlulekile. Bagcina bemlalelile aBantwana baphuma balishiya iBanganoma, iNkalakuthaba, kanye neminye imizi yoBukhosi bakwaMandlakazi. Kwathi uma lufika uSuthu kwaMandlakazi lwaqala ukushisa iBanganoma nayo iNkalakuthaba, luhamba lubhubhisa konke olukuthola endleleni yalo. Lwedlula lwaqonda khona eTshaneni. ABantwana nezinduna bathi uMntwana uZibhebhu angangeni empini njengoba wayecishe wafa empini yaseNdimhlane phezu koMsebe. Ngakho bathi akahlale phezulu esicongweni seTshaneni, ayibuke lapho isidumelana khona noSuthu. ISilo uDinuzulu;

Umkhangula jozi,

Ngaphansi kweTshana

Ulikhangula ngoFalaza”

Sayiphaka eyaso impi singaphesheya komfula uMkhuze. UMandlakazi wasebabela umlilo efuna ukuba uSuthu luxhotshwe yintuthu ukuze aluhlasele kahle lungasaboni. UMntwana uZibhebhu wayehlezi neqhawe lakhe elidala, uGudu uyise kaSiqhathamabhunu waseMbonjeniwemvu ngaseMbile. UGudu lona wayebambe isibhamu sakhe esesihlohlile, kanti umuntu omdala usenedumbe. Walubona uGudu, uSuthu luza lusondela kancane. Kanti impi yonke yakwaMandlakazi uMntwana uZibhebhu usayifihle ehlathini. Bathi uGudu wahlaselwa uvalo kanye nedumbe, saqhuma ezandleni zakhe isibhamu kungalindele muntu. Waqhamuka ngezikhala zonke zemithi uMandlakazi eseqonde kulo uSuthu. 

Scroll To Top