Now Reading
Ingane enhle ngebingelelayo, ebongayo nevalelisayo
Dark Light

Ingane enhle ngebingelelayo, ebongayo nevalelisayo

Abazali bethu banomsebenzi omkhulu wokusifundisa indlela okumele siziphathe ngayo singaboHlanga. Bayathanda kakhulu ukusifundisa ngobuntu obuqukethe iziyalo eziningi ezakhayo. Namuhla sizofunda ngeziyalo ezintathu ezimqoka kakhulu ezongamelwe wubuntu: ukubingelela; ukubonga; nokuvalelisa.  

Ukubingelela ukuzethula ngesihle nesizotha ngenhloso yokwamukela umuntu noma abantu obafice ndaweni thizeni futhi kuyisendlalelo sezingxoxo ezingakha nobungani phakathi kwabantu.

Uma ubingelela ukhombisa ukumhlonipha nokumazisa omunye umuntu futhi uzakhela nogazi kubantu abakwaziyo nabangakwazi.

Akekho umuntu okuthakaselayo ukuzitshwa, yingakho kukuhle ukuthi ubingelele omunye umuntu kuqala ungalindi ukuthi kuze kubingelelwe wena kuqala! Akubona ubuntu lokho.   Uma ubingelela uthi: Sawubona; ovumayo aphendule athi Yebo! Usawubona uyishisho esifushane kakhulu kepha esimqoka kakhulu.

Kwehlukile kakhulu ukubingelela abangani nokubingelela abantu abadala nokubingelela iziNkosi nabaHoli njalo njalo. Kokunye uyaxhawula, noma ubambe izandla zombili, noma ukhothame.

Ukhumbule ukuthi ingwe idla ngamabala okuchaza ukuthi umuntu uzithandekisa yena ngezenzo zakhe; uma ungumuntu okwaziyo ukubingelela abanye bayakuhlonipha kakhulu futhi ubayisilomo ngemfundiso enhle oyizuze ekhaya nangobuntu bakho.

Ayikho into enhle njengokubonga uma uwumuntu. IsiZulu sithi kubongwa okuncane kubongwe okukhulu inqobo nje uma uthole usizo!  Uma ubonga utshengisa ukucoliseka kwenhliziyo yakho nokwetusa lokhu okuphiwe. Kumenza ajabule kakhulu umuntu okuphayo uma ezwa amazwi okubonga phinde kumuphe ugqozi nokuzigqaja.

Ukubonga kuyinkomba yothando nenhlonipho.  Abantu abagcwele ukubonga hlezi benamile futhi nempilo yabo ayibuthaka neze. Usizo baluthola ngokuphazima kweso abantu abakwazisayo ukubonga.

Ukubonga akugcini nje uma ufumana izipho kepha noma uthola usizo kumele ubonge. Kungaba onogada abakuvulela isango; noma abadayisi ezitolo uma bekunika impahla noma ushintshi wakho, nasekhaya uma uphakelwa ukudla; konke lokhu kuyakubongwa ukutshengisa ubuntu nenhlonipho.  Ukungabongi akuyona into enhle futhi akubona ubuntu kepha isimilo sobuluhlaza.

Ukungabongi kucanula wonke umuntu ngale kwalokho kukwakhela ubutha ebantwini.

See Also

Yingakho ukubonga kubalulekile ngoba kuletha intokozo kuwe muntu obongayo naloyo obongwayo buphinde buqinise nobungani nobuhlobo.

Okokugcina esizofunda ngakho namuhla ukuvalelisa. Uma uvalelisa usuke uphetha olunye uhambo noma inhlangano bese uqala olunye uhambo olusha.  Kuyisihle nenhlonipho ukuthi abantu obuhlanganyele nabo ubavalelise uma ushamba ukuze uthole izibusiso zendlela nokuthi nabo bakubone futhi bazi ukuthi usugodukile.

Njengesibingelelo, nakho ukuvalelisa kwehlukile futhi kuya ngokuthi uvalelisa bani nokuthi abazali ekhaya bakufundise kanjani.

Uma uhlukana nabangani bakho nilibangise emakhaya ngokwahluka-hlukana kunezindlela enivalelisana ngazo eziyinkomba yothando nenhlonipho enihloniphana ngayo nongabangani. Ukuvalelisa kuyinkomba yokubaluleka kwabantu obashiya ngemuva futhi kuwubuntu.

Scroll To Top