Mayingasifaki ehlazweni iNdlukulu
UMnu uSibusiso Mncwabe ukhulumela i-African Transformation Movement (ATM) kuzwelonke
Mangibonge ithuba kwelakho elihamba phambili iphephandaba.
Ngiloba nje ngithintwa yisenzo esenzeke ngoMgqibelo esisuka kuwo mhla zinhlanu kuyo le nyanga. Isenzo lesi esingithintile senzeke endaweni yokosiwa kwenyama elokishini iClermont, indawo lena yokosiwa kwenyama ibizwa ngokuthi kuseMgodini Lounge ehanjwa kakhulu ngabantu abasha nalabo nje abaselula, nomculo ugquma phezulu kule ndawo kamfo kaMdluli, ngamafuphi nje yindawo yobumnandi. Nami ngizithola sengikuyo nje ngenxa yokulandwa ngomunye umngane wami ekhaya ekhala ngokuhalela inyama eyosiwe njengoba izulu lalina linamakhaza sabe sesiphokophela khona nekloza leli elingumfowethu.
Okungihlabe umxhwele kakhulu Mhleli laphaya nokwenze ukuthi namuhla ngibhale kule nkundla yakho yabafundi yisigameko esenzekile lapho sesihlezi silinde inyama yethu ebisosiwa, sihlezi phansi umculo uqhuma phezulu abantu bejabule abanye sebefudumele ngenxa yeziphuzo ebebehlisa ngazo inyama yabo. Insizwa lena yakwaMdluli engumnikazi wendawo yiyona ebizibambele ekudlaleni umculo idlale ingoma kamasikandi wayimisa phakathi wabe esededela izibongo zeSILO esesikhotheme uMdlokombane, ngibone isimanga abantu abasha besukuma bema ngezinyawo bekhuza uBayede bengaholwa muntu, amantobanzane ekikiza ezinye izinsizwa zishaya amakhwelo.
Ngenkathi inyosi seyithi , “Igula likaJama lichithekile” ngizwe ikhala sakudangala enye inkosazana ithi ‘Hhawu kodwa ngeSILO sethu guys’ enye insizwa ebihlezi ngemuva kwami ebisifudumele impela ngiyizwe ithi; ‘HheyI, Bayede lapho’!! umfo kaMdluli uzinike isikhathi impela ededele Inyosi yeSILO ithaphuza Imbube, nomsindo wenjabulo unanela.
Lesi sigameko Mhleli singenze ngafunda lukhulu ngezingane zesizwe samaZulu noma zingabe zisendaweni okuthiwa yilokishi kodwa ubuzwe nemvelaphi yabo bayazi njengoba bezazi futhi bayazigqaja ngobuzwe babo noma ngabe kuthiwe bakusiphi isimo senjabulo kodwa uma bake bezwa into ethinta iSihlalo sikaZulu bagxuma bame ngezinyawo baphakamise izandla bekhuleka eSihlalweni. Lokhu kuthi kimi inhlonipho yokuhlonipha iSihlalo soBukhosi sikaZulu ayikapheli esizweni samaZulu ikakhulukazi entsheni, lokhu kumele sikujabulele sikushayele ihlombe uZulu njengesizwe usenalo ikusasa emhlabeni.
Noma ngingumuntu ongazihambi lezi zindawo zobumnandi kodwa angikaze ngizwe kuthiwe bekudlalwa izibongo zeSILO kwasangana abantu. Ngikuncomile kakhulu lokhu kodwa ngase ngishawa wuvalo nendumalo uma sengicabanga ngalo msindo nomdonsiswano esiwubona eNdlukulu selokhu uBhejane ekhotheme. Ngizibuze umbuzo wokuthi ngabe laba abaphehla lo msindo nodweshu bathini ngale ntsha kaZulu efana nalena ethanda iSihlalo noBukhosi babo ngale ndlela? Phela izinto ezimbi kanjena zithena amandla ziqede uthando nokuzigqaja.
INdlukulu masiyikhumbuze Mhleli ukuthi iSihlalo akusona esabo kodwa ngesethu thina sizwe, abanawo amandla nelungelo lokubanga into okungesiyo eyabo. INdlunkulu ingumndeni uNkulunkulu awukhethile ukuthi asigcinise kuwona iSihlalo sesizwe ngokuwuthemba ngoba besingeke sonke sibe yindlukulu sigcine iSihlalo yingakho uNkulunkulu akhetha umndeni owodwa ukuba ubhekele isizwe sonke lesi Sihlalo. Esethu iSihlalo, esethu iSilo.!
Enye intokazi esencane nayo ebiseceleni kwami nabangane bayo ngiyizwe ithi, ‘maGirls nike nisibone lesi esinye esisha iSilo? He is woow shame!’ besho beshayana izandla. Ngivele ngafa yinsini kulokhu. Kukhomba ukuthi abantu abasha bazilandela kangakanani izindaba ezithinta uBukhosi zesizwe sabo. Yiso lesi sigigaba Mhleli esingenze ngabona ukuthi impela lokhu okungekuhle esikubona eNdlukulu kusithela ngehlazo siyisizwe futhi kwenza uBukhosi bethu bubelula okuyinto engeke yehla kahle kithi sicela kulungiswe kusashisa nje.
Uthando nokuzigqaja kwalaba bantu abasha engibabonile yikona okumisa isithunzi sikaZulu.
UMnu uSibusiso Mncwabe ukhulumela i-African Transformation Movement (ATM) kuzwelonke