Izingane zaboHlanga zingabavikeli bamanzi
Bangaki abakhumbulayo ukuthi sebekhuzwe kangaki ukuthi abavale umpompi? Uke uzibuze ukuthi kungani abadala behlale besikhuza ukuthi sivale amanzi? Iqiniso lithi amanzi amqoka, ayimpilo kithi njengabantu. Aphinde abe yimpilo ezilwaneni kanye nasezitshalweni. Njengoba sibonile kumathelevishini nakuBAYEDE – Iphepha laboHlanga, umhlaba wonke ubhekene nenkinga yokuguquguquka kwesimokade sezulu. Lesi simo senza ukuthi uma kushisa kushise kakhulu kuthi uma kunemvula kube nezinhlekelele. Abanye ngenxa yemvula abasenazo nezindawo zokudlala nezikole. Kanti uma lishisa abanye baze baphathwe yizifo ezahlukene.
Namuhla sifundisana ukuthi singaqinisekisa kanjani ukuthi siba namanzi anele nokuthi asidlali ngamanzi. Lokhu kuhle ukunameke ekilasini lakho, egunjini lakho ekhaya uphinde ufindise nabanye.
- Uma ugeza izitsha ngezandla, musa ukuvulela amanzi ageleze. Gcwalisa isitsha ngamanzi okuzigeza nesinye ngamanzi okuzihlambulula.
- Iba nengilazi eyodwa yokuphuza amanzi nsuku zonke noma ibhodlela lamanzi. Lokhu kunciphisa inani lezingilazi okufanele uzigeze.
- Geza izithelo namaveji esitsheni samanzi kunokuba uvulele amanzi ageleze.
- Iba nesitsha sokufaka amanzi efrijini kunokuthi uphuze amanzi agelezayo empompini. Ngale ndlela lonke iconsi lamanzi liyaphuzwa alikho elihamba namapayipi.
- Uma uwise iqhezu leqhwa musa ukulilahla kusinki. Lifake esitshalweni sasendlini.
- Vala umpompi ngesikhathi usaxubha.
- Vala umpompi ngesikhathi usageza izinwele.
- Uma ugeza izandla vala umpompi usabhixa izandla.
- Geza eshaweni imizuzu emihlanu kunokungena ebhavini.
- Faka amathishu emgqomeni kunokuba uwahambise ngamanzi wonge amanzi sonke isikhathi.
- Iconsi elilodwa ngesekhondi kuba amalitha angama-25 ngosuku. Bheka ukuthi bonke ompompi namakhanda amashawa awaconsi yini.
- Vala ompompi emxeni kokubasebenzisa.
- Uma ufuna ukuzipholisa sebenzisa isifafazi endaweni enotshani lapho kudingeka khona amanzi kakhulu.