UNhlolanja nomlando waboHlanga
Inyanga esikuyona nebizwa ngoNhlolanja ingemqoka kakhulu uma kukhulunywa ngomlando waboHlanga. Uyakhumbula sifundisana ukuthi uma sikhuluma ngaboHlanga sikhuluma ngobani? Yebo nawe njengengane yabeNguni ungowoHlanga.
Le nyanga imqoka ngoba yilapho aboHlanga emhlabeni jikelele bebungaza umlando wabo. Yini ukubungaza omunye uzobuza. Impendulo kulokhu ithi uma sibungaza sisuke sijabula noma sigubha okuthile okumqoka ngathi. AboHlanga njengazo zonke izizwe banento abangayijabulela emlandweni wabo. Okokuqala nje bangajabulela ukuthi uMvelinqangi, uNkulunkulu, ubenze baba ngaboHlanga nokuyinto emqoka. Okunye emlandweni wethu njengaboHlanga bakhona abaholi ababanomthelela abenza izinto ezinhle.
INyanga YoMlando waboHlanga yaqanjwa ngaboHlanga e-United State of America (USA) ukuqwashisa ngegalelo laboHlanga kuleliya lizwe. Lapha aboHlanga basuke bebungazwa kuyo yonke imikhakha yempilo.
Kuyancomeka ukuthi owakuqala kude le namuhla sekugujwa umhlaba wonke. Nawe kule nyanga nabangani bakho ningafundisana ngaboHlanga abenza kahle lokho nize nikwenze nasesikoleni.