Now Reading
Akuvuselelwe imidlalo kugqugquzelwe ukuncintisana kwezikole
Dark Light

Akuvuselelwe imidlalo kugqugquzelwe ukuncintisana kwezikole

NgoLwesihlanu olwedlule bekunomcimbi ebengiwuhambele obuzoba sePinetown ekuseni, bekuhlanganwa enkundleni yokugijima eKing’s Park Stadium, eThekwini. Ngesikhathi sisalindile nozakwethu sibe sesigxila kobekwenzeka okuwukugijima kwabafundi, nesithe uma sithola kwathiwa iligi yezikole.

Esinye sezikole ebesiyingxenye yale ligi yezokusubatha, iNorthwood High School. Engikunakile ukuthi zonke izikole ebeziyingxenye yale ligi ezabadla izambane likapondo, ngizibuze umbuzo owodwa ukuthi engabe ezakithi izikole zikuphi?

Okunye engikunakile ukuhleleka obekukhona, bekukhombisa ukuthi ayi cha iligi yezikole zomtakabani le ibiyesekwe ngakho konke.

Njengoba kuqala unyaka nje ngizwe ngifikelwa umbono wokuthi, ngibona kuyisikhathi esihle sokuthi abaphathi bezemidlalo kuleli, bebuyise le nto yakudala ukuthi benze imiqhudelwano ezikoleni kungabi unobhutshuzwayo kuphela kodwa kube iminxa yonke yezemidlalo. Lokho kuzokwandisa ukuthi sibe nabadlali abaningi boHlanga abadlala emaqenjini esizwe eminxeni ehlukene.

Buka nje iqembu lamaBhokobhoko likeliswe phezulu emhlabeni ilona elingompetha boMhlaba liholwa uSiya Kolisi, elekhilikithi iProteas emdlalweni yeTest lenza kahle kakhulu liholwa uThemba Bavuma, iBlitzbokke yenza kahle kakhulu muva nje iholwa uSiviwe Soyizwapi. Lokho kusho ukuthi aboHlanga banekhono kuyona yonke iminxa yezemidlalo ayi kunobhutshuzwayo lo ondlebezikhanya ilanga bezitshela ukuthi sazi wona kuphela.

Kubuhlungu ukuthi ngisho nayo imiqhudelwano kanobhutshuzwayo okuwumdlalo ekuthiwa siwazi kangcono isiyagqoza ezikoleni.

Ngike ngihlale nabantu abadala abadlala unobhutshuzwayo, bahlezi bexoxa ngobumnandi bemiqhudelwano yezikole ngezikhathi zakudala lapho inkundla yayigcwala ithi phama kuzobukwa imidlalo, le nto engasenzeki muva nje.

Nami lowo muzwa ngiwuzwile ngesikhathi ngifunda eDr J.L Dube High School, bekuthi uma sibhekene neNhlakanipho High School obekuba umdlalo womkhaya impela kuhlephuke izidindi.

Bekuthi uma kudlala imiqhudelwano yezikole, kumiswe ukufunda kuthiwe kuyobukwa unobhutshuzwayo lapho khona abadlali abathize abayizithenjwa zesikole. Uzwe abesifazane bememeza bethi “usibanibani uzolala la” besho bezithinta isifuba bechazwa indlela adlala ngayo lowo mdlali.

See Also

Ekuseni ngakusasa uzomiswa phambili emthandazweni kuthiwa isikole sinqobe kungenxa kasibanibani, usuku lonke esikoleni abe isilomo konke lokho akusenzeki ezikoleni.
USiyabonga “Bhele” Nomvethe ungomunye wabadlali abagqama ngayo imidlalo yezikole efunda eMzuvele High School, nalapho athathwa khona i-African Wanderers.

Ibikhona imiqhudelwano efana neSpar Tournament, iCoca Cola, iMcDonalds, iKay Motsepe School League. Iqiniso ukuthi ngonyaka wezi-2019 bese kuqala ukubuka leli siko lemidlalo yezikole kodwa ukufika kokhuvethe kumise yonke into kwaphela ngale miqhudelwano.
Kodwa konke lokhu kuze kube impumelelo kumele nothisha bekhombise ukweseka imidlalo, bededele izingane kuliqiniso uthi singabantu sinamakhono angafani.

Abadlali abancane abadlala unobhutshuzwayo banethuba elikhulu lokugqama manje, kuneligi yabadlali abaneminyaka engaphansi kwengama-21 iDStv Diski Challenge kwiGladAfrica Championship bayadingaka;a abadlali abancane. Impela uMnyango weZemidlalo akube khona into oyenzayo unyaka usaqala.

Intsha isigcina igxila kwizidakamizwa kanti ukube khona imiqhudelwano yezikole, ithi iqeda ukudlala esikoleni iye kodlalela iqembu layo langakubo ngabe isikhathi sokuhlala emgwaqeni idle izidakamizwa siyaphela.

Scroll To Top