Nakulokhu u-Eskom uthwesa abantu namabhizinisi itshe



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Ngalesi sikhathi iningi lezakhamuzi zakuleli zingaphansi kwengcindezi yezempilo kanye nomnotho inhlangano ehlinzekela ngogesi kuleli i-Eskom ihlongoza ukwandisa ingcindezi.
Lokhu kulandela isiphakamiso sale nkampani kuNational Energy Regulator of South Africa (Nersa) lapho ithi icela ukuvunyelwa ukwenyusa intengo kagesi ngama-20.5, nangama-15.07% nangama-10% eminyakeni emithathu elandelayo.
Abakwa-Eskom bathi lokhu bafisa kwenzeke maduze nje kulo nyakamali wezi-2022/23, kusuka mhla lulu-1 kuMbasa kubathengi abangekho ngaphansi kukamasipala, kuthi mhla lulu-1 kuNtulikazi kubathengi bakamasipala. UNersa kufanele ethule ukwenyuka okuhlonziwe ePhalamende mhla zili-15 kuNdasa.
Yize i-Eskom ihlale iziphungela ngokuthi amanani lawa ayisithako esimqoka ekwakheni ingqalasizinda engcono nezokwenza izwe libe nogesi owanele, umphakathi kanye namabhizinisi kawaneme ngale nkampani.
Ukucisha kukagesi kuleli sekuyinsakavukela kanti kukhinyabeza cishe yonke imikhakha yempilo.
Omasipala okuyibo abaphoqeleka ukuba okwenziwa ngu-Eskom kubo nabo bakwenze kubathengi bakhala ubumayemaye ngoba lokhu bathi kuzofaka ingcindezi emphakathi kwande nokungakhokhelwa kukagesi okugcina kucijise imikhonto phakathi kwabo nomphakathi.
Kwenzeka konke nje lokhu kukhona vele imiphakathi esiphume iqhubu nomasipala nebasola ‘ngokuhlukumeza’ uma becisha ugesi ngoba nabo bengakhokhelwa.
Ezindaweni ezifana naseSoweto nje kuyajijimezwana, i-Eskom icima ugesi kuthi ngakolunye uhlangothi umphakathi wona uvala imigwaqo. Lapha akukho ongathi uyinqobile impi. Namanje akukho ukungabaza ukuthi uma lesi sicelo samukeleka, i-Eskom inikwa igunya umphakathi namabhizinisi bazothinteka kanjalo nomnotho. Okungehli kahle kwabaningi wukuthi ukukhuphuka kwamanani akuqinisekisi ukuthi ugesi ngeke usaphela okwamanje.
Ngamafuphi uyothi ukhokha kepha ube ngezinye izikhathi uhlala ebumnyameni.
Uma kugcina kuye ngokuka-Eskom oMasipala bazothwala kanzima ngoba yibo abasondelene nemiphakathi. Kungahle kubonakale imibhikishi nokwanda kokungakhokhelwa kwezidingo okuvele kuyabikwa kwezinye izindawo. Nabo oMasipala banengcindezi yokukhokhela u-Eskom njengoba esifundazweni iFree State nakwezinye izingxenye zezwe u-Eskom waphoqeleka ukuvalela omasipala ugesi kuze kube bayawukhokhela. Amabhizinisi yiwo azoshayeka kakhulu ngoba kuzosho nokunyuka kwentengo yezinto okungabalekisa amakhasimende kwehlise nengeniso emabhizinisini abo.