Iyabonakala imisebenzi kaNondaba ekhilikithini yakuleli
Umlando owabhalwa nguLinda Zondi (LZ) neqembu lesizwe lika-Under 19 ngesikhathi likhala lemuka nesicoco seNdebe YoMhlaba ngowezi-2016 awusoze walibaleka uma kukhulunywa ngekhilikithi eNingizimu Afrika.
UZondi wadla isicoco seNdebe yoMhlaba nomqeqeshi uRay Jennings ebophele izibabuli ezifana noKagiso “KG” Rabada no-Aiden Markram owayengukaputeni ngaleso sikhathi.
Ngemuva kokugila izimanga neqembu lesizwe lika-Under 19 njengenhloko yabaqoki, uZondi wanyuselwa eqenjini elikhulu amaProteas.
Uxoxe noZipho Singela (ZS) oyintatheli yelaboHlanga ngebanga aselihambile emdlalweni wekhilikithi.
Zipho Singela (ZS): Mfo kaZondi usuzuze izinto eziningi empilweni yakho uma kukhulunywa ngekhilikithi. Impumelelo yakho ize ngokukhulu ukushesha. Ngabe nawe yakwethusa?
Linda Zondi (LZ): Kuningi ebengifisa ukukuzuza ngoba umuntu akalitholanga ithuba elanele lokuzakhela igama esadlala. Ngijabule ngokuthi uhlelo engaqala ngalo lweSunfoil Township Cricket selukhiqize inqwaba yabadlali abagijima emaqenjini esizwe nasemaqenjini ekhilikithi eNingizimu Afrika.
Kuyimanje nje sino-Andile Simelane odlala eqenjini lesizwe lika-Under-19 elidlala eNdebeni yoMhlaba yekhilikithi. Lo mfana samthola eneminyaka eyisishiyagalombili. Akuyena yedwa kodwa kunenqwaba yabafana asebedlala ezingeni elikhokhelayo.
Ngeneme ngokuthi abafana abanjengoRabada noMarkram esanqoba ngabo ikhilikithi sebeyizithenjwa zeqembu lesizwe elikhulu. Ngakho ngingathi angizange ngethuke ngempumelelo yami kodwa ngajabula ukuthi ngikwazi ukuzuza izinto ebengizifisa.
ZS: Sisekhona isifiso sokubuyela kumaProteas?
LZ: Yebo, sisekhona futhi sikhulu. Nginalo icebo lokuthi iNdebe yoMhlaba singayinqoba kanjani. Sengineminyaka emibili manje ngashiya kuCricket South Africa (CSA) kodwa angililahlile ithemba lokubuyela khona. Ngesikhathi kukhangiswe umsebenzi ngasifaka isicelo kodwa ngangawuthola umsebenzi futhi namanje angazi kanjani. Nokho sengidlulile lapho. Isifiso sami wukunqoba iNdebe yoMhlaba namaProteas hhayi kanye noma kabili kodwa amahlandla amaningi.
ZS: Weneme ngomsebenzi owenze njengenhloko yethimba labaqeqeshi kumaProteas?
LZ: Kakhulu mfowethu. Ngaphansi kobuholi bami njengenhloko yethimba labaqoki iqembu lakithi bese limelelekile kuzo zonke izinhlanga. Nginike abafana abancane abafana noKagiso Rabada, uLungi Ngidi, uLutho Siphamla, u-Aaron Phangiso, uKhaya Zondi, u-Andile Phehlukwayo, uKeshav Maharaj, uTemba Bavuma, uTabraiz Shamsi, uZubayr Hamza, uDwaine Petorious noReeza Hendricks. Iqembu lethu belimeleleke ngazo zonke izinhlanga ngoba bekukhona noQuinton de Kock, uFaf Du Plesiss, uVernon Philander, uJP Duminy noHashim Amla ngaleso sikhathi. Kimina lokhu kwasho lukhulu.
ZS: Ngabe kunzima kangakanani ukudlalela iqembu lesizwe uma ibala lakho limnyama?
LZ: Iyokanye into ebengilwela ukuyiqeda. Ngeneme ngokuthi abadlali abafana noRabada, uNgidi, uPhehlukwayo, uBavuma noMaharaj bakwazile ukulibamba ngezandla zombili ithuba abebenikwa lona. Bakhombisile ukuthi abafakelwe esikwatini ngoba kuzanywa ukubhalansisa indaba yebala. Kumele iphele lento yokuthi uma kunomdlali omnyama obizelwa eqenjini lesizwe bese kuqubuka imibuzo yokuthi ukufanele yini ukudlalela elesizwe kodwa uma kungumdlali omhlophe kuvele kuthiwe unikwa ithuba. Uma siqoka abadlali asingabheki ibala kodwa asibheke ikhono labadlali. Awukwazi ukuthi ungabuza umdlali odlale kuzo zonke izigaba zeCSA waphinda wafunda kulezi zikole eziphucuzekile ukuthi kumfanele yini ukungena kwelesizwe. Lowo mbuzo ufana nenhlamba. Abadlali bakithi abamnyama sebekhombisile ukuthi banalo ikhono lokudlala ezingeni eliphezulu.
ZS: IProteas ishaye elaseNdiya kweyosuku olulodwa nakweyamaTest. Ngabe ngokwakho iqembu likusiphi isigaba manje?
LZ: Iqembu lesizwe laseNdiya libalwa namaqembu ahamba phambili emhlabeni. Phezu kwalokho belibophele zonke izinsika zalo. Okwenziwe ngamaProteas kufanele kushayelwe izandla. Abadlali abasha basiphakamisile isandla kwathi izinsika zeqembu nazo zashaya into ecokeme. Lezi yizimpawu ezinhle. Iqembu kukhona lapho libheke khona manje. Okumqoka manje wukukhombisa umgqigqo. Sinqobile eWest Indies sabuya seza ekhaya saqumba phansi elaseNdiya. Ngenyanga ezayo kumele sifike eNew Zealand siqhubeke lapho sigcine khona ekhaya.
ZS: UMarkham izinto azimhambeli kahle kweyamaTest. Ngabe kumele ashintshwe indawo abhetha kuyona?
LZ: Ngokwami uMarkram angabhetha noma yikuphi kusukela endaweni yokuqala kuze kufinyelele endaweni yesithupha. Okwamanje wehlelwe yifomu okuyinto eyenzeka kubona bonke abadlali. Uke wabathola o-100 evula noDean Elgar. Uzobuyela efomini. Izinto ezifuze lezi ziyenzeka. Uma singamshintsha sizophazamisa uhlelo lwethu lokubhetha. Njengamanje bonke abadlali eqenjini bayaziqonda izinselelo ababhekene nazo. Asimnike isikhathi uzobuyela efomini.
ZS: Nondaba siyabonga ngesikhathi sakho.
LZ: Kubonga mina ngethuba.