OweMalawi uthi ngeke akhethe iphela emasini



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi weMalawi uMario Marinica uthi ngeke ancome umdlali oyedwa ngokudlulela kwalelizwe koweLast 16 kwi-African Cup of Nations (Afcon).
Lo mqeqeshi akafunanga nhlobo ukuncoma umgadli uGabadinho Mhango we-Orlando Pirates yalapha eNingizimu Afrika.
“Angithandi ukuncoma umdlali oyedwa. Siyiqembu, kumele wonke umdlali ezizwe ebalulekile, kodwa ngeke sakuphikisa ukuthi uMhango wenza kahle. Konke esikwenzayo sikwenza siyiqembu, uma sihlulwa kuhlulwa iqembu kanti noma sihlulwa kuhlulwa iqembu. Sinabadlali baphamabili esifuna besishayele amagoli, sinabadlali basemumva esifuna basivimbele amagoli. Sinabasesiswini okumele besikhandele amabhola, kanye nonozinti okumele asivimbele amabhola epalini” kusho uMarinica.
Uqhube wathi: “Wonke umdlali enkundleni kumele asebenze kanzima. Wonke umdlali engasinqobela umdlalo, singanqotshelwa ngisho umdlali wasemumva. Ingakho ekhempini sidlezi sibeka phambili ubunye” usho kanje.
IMalawi ibingena okwesithathu kulo mqhudelwano kulo nyaka, yangena ngonyaka we-1984 nangowezi-2010.
Kowe Last 16 izotholana phezulu neMorocco, lo mdlalo uzoba namhlanje ngoLwesibili e-Ahmadou Ahidjo Stadium ngehora lesi-9 kusihlwa.
“Umdlalo ozoba nzima kakhulu lo ngoba iMorocco yenza kahle kakhulu, kodwa nathi siyazithemba ukuthi singamangaza abaningi. Okumele sikwenze nje ukuthi siqhubeke nokubambisana sibone ukuthi imizuzu engama-90 iphela senze njani” kusho uMarinica.
Omunye umdlalo onamhlanje ophakathi kweSenegal neCape Verde, lo mdlalo uzoqala ngehora lesi-6 kusihlwa.