ICameroon inqobe umdlalo, iComoros yanqoba izinhliziyo zabantu



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
ICameroon esingethe umqhudelwano wamazwe i-African Cup of Nations (Afcon) idlulele esigabeni esilandelayo emva kokuthi ihlule iComoros koweLast 16.
Osokhaya kulo mdlalo obubanjelwe e-Olembe Stadium izolo ngoMsombuluko, banqobe ngamagoli amabili kwelilodwa. Yize benqobile emdlalweni osokhaya kodwa iComoros yona inqobe izinhliziyo zabantu abaningi.
Zintathu izizathu ezenze iComoros yanqoba izinhliziyo zabantu, esokuqala ukuthi ikwaze ukudlala umdlalo ivinjelwe umdlali waphakathi uChaker Alhadur odlala kwesokunxele emumva. Isizathu sokuthi kuvimbe u-Alhadur ingoba onozinti ababili balelizwe batholakale ukuthi banokhuvethe, kanti omunye wathola ukulimala emdlalweni yamaqoqo.
U-Alhadur yize engenelwe amagoli amabili kodwa ukwazile ukuthi avimbe amabhola amane abeqondiswe epalini.
Isizathu sesibili, ukuthi ikwaze ukubamba umdlalo ekubeni kade isidlala ili-10 kusukela ngomzuzu wesi-7, kwazise uNadjim Abdou ngomzuzu wesi-6 uthole ikhadi elimbomvu. Kanti isizathu sesithathu ukuthi kwenzeka konke lokhu nje ibibhekene nosokhaya, ikwazile ukuthi ibabambe ekubeni bekubhekeke ukuba iziphuzele isobho.
IComoros yize ibixhugela kodwa ikwaze ukuzibamba ziqina kwaze kwaba umzuzu wama-29 lapho uToko Ekambi eshaye igoli le-Indomitable Lions (iCameroon).
Ngomzuzu wama-70 igcine ikwazile ukukhululeka iCameroon ngesikhathi ukaputeni wayo uVincent Aboubakar eshaya igoli lesibili. Leli bekuyigoli lakhe lesithupha kwi-Afcon ka-2021, emidlalweni emina ayidlalile.
U-Aboubakar ube ngumdlali wokuqala ukushaya amagoli angaphazulu kwamahlanu kulo mqhudelwano emva kweminyaka engama-24.
Abadlali abaseke bakwazi ukushaya amagoli angaphazulu naba yi-7 kwaba uBenni McCarthy walapha eNingizimu Afrika noHossam Hassan wase-Egypt, labadlali la magoli bawashaya ngonyaka owodwa ngowe-1998.
IComoros ngomzuzu wama-81 iComoros ithole ifree kick ethathwe uYoussef M’Chamanga, washaya ingcwenga ayizwe ngendaba u-Andre Onana. UM’Chamanga uyena ogcine eqokwe njengomdlali wosuku, kodwa ubebonakala ukuthi umkomelo ubefuna ukuthi uye kunozinti wabo obe yiqhawe.
Komunye umdlalo wayizolo iGuinea iwashiswe ijezi iGambia enqobe ngegoli elilodwa eqandeni.