Usakhuluma nazo umfana kaMapholoba kuphalaze amasoka


UHhashi Elimhlophe igama elaziwa kakhulu eNingizimu Afrika endimeni yomculo kamaskandi. Iciko uBaba uBheki Ngcobo nokunguye owaziwa njengoHhashi Elimhlophe waqala ukuqopha umculo kamaskandi ngonyaka wezi-1986, emva kwalokho akangabe esabheka emumva. Uqopha nje wayekade esuke ekhaya esigodini sakwaBiyela KwaZulu-Natal ngowezi-1976 walibangisa kwaNdonga Ziyaduma eyobheka amadlelo aluhlaza.
Waqala emculweni ewumdlali wesigingci lesi esindondayo (bass guitarist) esidlalela ingqalabutho iSoul Brothers. Yibona ababona ikhono ayenalo base bemenza umculi ozohola iqembu elincane leSoul Brothers ababelibiza ngokuthi Imitshotshovu. Emveni nje kokuqopha iqoqo lezingoma ‘Icala’ ngempumelelo, uBaba uMnu uNgcobo wabe esenquma ukuxebuka eqenjini ukuze ezokwazi ukuzimela. Yilapho-ke abe esezetha khona igama elithi Ihhashi Elimhlophe. Abalandeli bakhe abaningi babemazi ngobunyonico bokudlala isiginci sakhe ngendlela eyayikitaza izindlebe yenze olalele anganeli ngenxa yobumnandi. Iqoqo lokuqala lezingoma zakhe elalibizwa ngokuthi ‘Hololo’ lelanywa ngamanye amaningi ayengaconsi phansi. Esewonke awaqophile evile ema-28.
UHhashi Elimhlophe akugcinanga nje kuyigama lakhe aziwa ngalo ngabalandeli bakhe kepha walendlala lasabalala njengoba kulo kwavela ‘Amaponi’ ayeholwa nguNkk Linah uMaKhama Ngcobo (owaziwa ngo-Ebony naye onawakhe amagalelo aziwayo endimeni yomculo) nabantwana bakhe abane. Kuyo impumelelo yakhe uHhashi Elimhlophe uphinde wasebenzisana nabaculi abafana noPhuzekhemisi noMfaz’Omnyama nokungabaculi abahlonishwa kakhulu kuleli kanti babezibiza ngokuthi Izingqungqulu Zomhlaba – nokuyiqembu eladonsa amehlo amaningi endimeni yomculo kamaskandi.
UHhashi waziwa ngokungakwenqeni ukuxuba umculo kamaskandi nezinye izinhlobo ezihlanganisa iHip Hop, iKwaito, iJazz, Afro-Pop House, iBoeremusiek, owokholo, owamakhwaya, kanti useke wasebenzisana nabaculi abahlonishwayo ezweni abevile kwabangama-25. Namanje uma egibela esiteji kusachwaza izihlwele, zimbona eshona phansi evumbuka eshaya amaWololo neminye imidanso yesimanje ehlabahlosile nethandwa ngabaningi ikakhulu intsha.