Uzimisele ngokusabalalisa ulwazi lwezomnqakiswano uVilane



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi omnkantshubomvu kwelomnqakiswano uCryil Jabulani Vilane uwuvale kahle unyaka ngokuba aqokwe njengomqeqeshi ovelele esifundazweni iKwaZulu-Natal.
Igama likaVilane yilo elimenyeziwe ngesikhathi kubizwa umqeqeshi ovelele, ngoMgqibelo owedlule eHollywoodbets Kings Park Stadium kusihlwa lo mkomelo ubewubanga noPitso Xaba.
Ngesikhathi ekhuluma nelaboHlanga lo mqeqeshi, uthe ukunqoba lo mklomelo kumkhuthaze kakhulu.
“Ngizizwa ngijabule kakhulu futhi kuyangigqugquzela ukuba ngiqhubeke ngithuthukise lomdlalo womnqakiswano kwibalazwe nakuzwelonke. Nebekuyinto ebiyisifiso sami ukuthi ngelinye ilanga ngibe ngomunye wabaqeqeshi balomdlalo womnqakiswano, abahamba phambili ekuthuthukiseni lo mdlalo” kusho uVilane.
Lo mqeqeshi waqala ukuzibandakanya nalo mdlalo ngonyaka wezi-2007, kodwa uthando waba nalo esafunda isikole. Akavedanga waba ngumqeqeshi kodwa naye waqale waba ngumdlali, edlala maphakathi, iphambili nasemumva ezinhlangothini.
Esengumqeqeshi uqeqeshe kwimiqhudelwano iSalga, iKay Motsepe Schools, iTransnet Schools Foundation neTransnet Schools Foundation. Uke waqeqesha isifunda uMkhanyakude. Ngaphandle kokuqeqesha iqembu lesizwe uqeqesha iqembu elaziwa ngokuthi iZiphozonke Netball Club, okuyiqembu eligijima ngaphansi kweKZN Super League, i-Enseleni Netball Club eyasungulwa uyena okuyiqembu elidlala ngaphansi koMhlathuze Netball League futhi uphinde aqeqeshe iTholokuhle High School. Uneziqu zokuqeqesha kuLevel 2, ulwela ukuthola ezaLevel 3.
“Ukuthola lo mklomelo kugcizelele ukuthi lona kube unyaka obe muhle kakhulu kumina njengoba, ngathola inqayizivele yethuba lokuba ngiqeqeshe iqembu lesizwe labesilisa sadlala imiqhudelwano esenze kahle kakhulu kuyona lapha e-Africa naphesheya kwezilwandle. Ngibonga abeNetball South Africa (NSA), KwaZulu-Natal Netball (KZNN), King Cetshwayo District Netball nabo bonke ababe nesandla ekutheni konke lokhu okwenzekayo okuhle kwenzeke” kusho uVilane.
Uthe uzimisele ukusabalalisa ulwazi kwabanye abaqeqeshi abasebancane, kubadlali, isezikoleni nakusosonke isifundazwe iKwaZulu-Natal.
Uthe njengoba iNdebe YoMhlaba isemome nje kuyamkhathaza ukuthi abantu abaningi abawulandeli lo mdlalo.
“Kuliqiniso ukuthi thina bathandi balo mdlalo sesiyilindele iNdebe YoMhlaba ngonyaka ozayo, kodwa sisasalelwe umsebenzi omukhulu okuthi kulesi sikhathi esincane esisele sigijime wonke amagumbi omhlaba sifake uthando lwalo mdlalo kubantu bakithi. Namazwe ayobe efike kuleli abone ukuthi lo mdlalo uyathakaselwa lapha ekhaya.
Abanqobe imikomelo ebibhekwe kakhulu osukwini lwangoMgqibelo uJeante Strydom kwiSportwoman of the Years, uScelo Gamede kwiSportsman of the Year, Honey Dlamini kwiSport Personality of the Year.