Kungqubuzana igama ngokwenhlalo, ngokwepolitiki nangokomlando



UMxolisi Themba ongusomabhizinisi emkhakheni wezamandla ezithuthi nezakhiwo eMgungundlovu
Sekukaningi ngizwa abantu, ngokuhluka hlukana kwabo bebuza ukuthi igama elithi, abelungu lisho ukuthini nokuthi liqhamuka phi. Iyadida indaba yalo ngoba umlando walo awuqoshiwe. Nababewazi kabasekho. Lokhu kudala ukuthi kube kuningi okushiwoyo okuthiwa wumlando walo. Akukho lapho kuhambisana khona uma ucwaninga okushiwoyo ngomlando walo. Okunye kungathi kuyaqagelwa.
UMike Loewe ngowe-2016 wake wabhala ngaleli gama kuDispatchlive emveni kokushayisana phakathi kukaRoy Pape noThobela Macozoma. UPape wathi uMacozoma wambiza ngomlungu emcwasa, yena wabe esembiza ngekaffir kodwa uMacozoma wakuphika lokhu wathi wambiza ngeBhunu. Babe sebevulelana amacala okucwasa emaphoyiseni. Lokhu kwaholela ekubizweni kongoti bolwimi lwesiXhosa bona bathi igama umlungu noma abelungu alicwasi kodwa lichaza abokudabuka e-Europe noma abohlanga lwase maMpondweni abayisizukulwane sabase-Europe abalahlwa wulwandle kade kuhlakazeke umkhumbi wabo, labakhiphela ezweni lamaMpondo.
UPape wabe ethi igama abelungu lichaza ukungcola noma amagwebu olwandle ngakho bona abasikho ukungcola kolwandle. UDkt uMpumelelo Mbatha, owungoti wolwimi lwesiZulu wake wathi leli gama lisukela kwelithi abelumbi. Baningi lapha kwaZulu abasho njalo. Abanye bathi yiSilo sakwaDukuza esaqamba abamhlophe sathi ngabelumbi. Nami ngingomunye wababecabanga ukuthi umlando waleli gama awumuhle, inhloso kwabe kuwukuhlambalaza, kodwa manje kangisazi. Uma ubuka igama be-lu-ngu, bese ulisho uqala ekugcineni ugcine ekuqaleni, kuphuma igama elichaza inkoshosho.
Okuyigama elisetshenziswa ukuhlambalaza abamhlophe. Kungenzeka ukuthi kwahlanakezelwa leli elichaza inkoshosho ukuze kungabonakali ukuthi kuyagadlwa. Angiboni kuyinhlanhla noma yibhadi nje lokuqondana kwamagama. Lo mlando wabelumbi awukaze ungigculise.
Ngicabanga ukuthi igama abelungu ukungamukelwa kwalo abamhlophe kunakho ukungathandi ukuqanjwa amagama ngaBantu. Uma ngithi aBantu ngisho thina boHlanga ngabelungu. Ngenkathi yobandlululo abamhlophe babethi bona kabasibo abantu. Babethi bangamaNgisi bangamaBoere, bangama-Afrikaner, amaJalimani, njalo njalo, amagama walapho badabuka khona, noma abaziqamba wona. Igama umuntu uma libhekiswe kubona babe lithatha njengenhlamba. Mhlawumbe yingoba lalisebenza ngokulingana kanje ngokusebenza kuthina. Kodwa ingqondo yabo ibaphikisa ngoba yazi ukuthi asilingani.
Sisemumva kakhulu kunabo. Igama aBantu yithi. Yigama lethu. Leli gama linezincazelo ezahlukene. Ongoti abenza ucwaningo lokuhlobana kwezinhlanga ezahlukahlukene e-Afrika bayalisebenziza leli gama ukuchaza uhlobo oluthile lwabahlobene. Liyaphinda lichaze isidalwa esikhuluma ulwimi, esihamba, sigijime ngezinyawo ezimbili, sibase umlilo, esidla ukudla okuphekiwe.
UHulumeni wobandlululo wakhetha ukulisebenzisa leli gama, aBantu ukwakha uhlelo lwabo lobandlululo. Kukhona okuye kudide abanye ngaleli gama nobandlululo. Bavame ukuthi igama aBantu yigama elibi elicwasayo. Bathi yigama eliyisici. Kukhona indoda eyayikade ifundisa ngobuNazaretha emsakazweni Ukhozi eyakusho lokhu. Yathi sizokhumbula ukuthi kwake kwaba khona into okwakuthiwa yiBantu Education. Esho lokhu ukusekela ukuthi igama aBantu yigama eliyisici, elibi. Igama uBantu alikaze laba yisici. Alikaze laba wubandlululo. Alikaze laba yingcindezelo. Akungahlanganiswa izinto ezingahlangani. Ingcindezelo nobandlululo yinqubo kaHulumeni owakusungula lokhu. Ubandlululo lwalubhekene nathi lakhelwe thina. Kwakungasetshenziswa noma yiliphi igama ukuchaza thina noma ubandlululo kodwa kwakungewuguqule umphumela wohlelo.
Le ncazelo yale ndoda angizange ngiyikholwe ngoba ezinye izinto zisobala. Yena wayefuna ukunciphisa igama uBantu ukuze kuqhakambe igama ama-Afrika bese kuchuma inkolelo awayefundisa ngayo. Inkulumo ethi singama-Afrika yinto yakamuva efike nepolitiki eyabe ibhekene nobandlululo nengcindezelo. Ngakho le nkulumo wubuzwe bepolitiki kodwa obungasabonakali bunjalo, bubonakala kuwubuzwe obuthi singabohlanga olulodwa siyinto eyodwa. Ubu-Afrika badalwa osopolitiki bahumushwa ngezindlela ezahlukene baze bamukelwa nangabezenkolo. Abanye bathi asingasho ukuthi singamaZulu ngoba lokho kuyabandlulula, asithi singama-Afrika. Asingasikhulumi isiZulu asikhulume isiNgisi. Ukukhuluma isiZulu kuzokwenza sibukeke singcono kunezinye izilwimi bese kuba khona abazozizwa bebandlululeka.
IsiNgisi sisenza sonke sifane. Amasiko nomlando wesiZulu akungashiwo ukuthi okwesiZulu ngoba lokho kuyabandlulula akuthiwe okwama-Afrika. Yipolitiki ekhulunywayo le kulezi zinsuku. Ubu-Afrika bafika nabantu ababengazi ukuthi badabuka kwabaphi abantu. Laba bantu babe yisizukulwane sababethunjwe e-Afrika baweliswa ulwandle ukuyoba yizigqila eNyakatho naseNingizimu Melika. Ukuze babhekane ngqo nobandlululo kwakhiwa ipolitiki yobu-Afrika bekholwa wukuthi izobahlanganisa beyisizukulwane iphinde ibahlanganise nabasezwenikazi i-Afrika, umzabalazo wabo ube namandla.
Lapha eNingizimu Afrika ipolitiki yobu-Afrika, uma ngingaphosisi, yafika noDkt uPixely kaSeme eyifunde e-USA. Okwenza kwalula ukuthi izinze kwaba yindlela izwe elabe seliphethwe ngayo. AmaNgisi ayezihlukanisa ethi bangamaNgisi namaJalimani nabo benamadolobha ababethi ngawabo. AmaBhunu nawo ngokunjalo. Bese amaNdiya noma babengenawo umhlaba ababewulawula kodwa nabo babezihlukanisa, benezabo izinhlangano nabaholi ababebhekele izidingo zabo. Ipolitiki yobu-Afrika ifike izohlanganisa aBantu ukuze idudule ubugqila obabufike nabamhlophe. Namhlanje ubu-Afrika busetshenziswa ukubulala ukuma kwezinhlanga ezakhiwa ngokhokho ngoba kuthiwa ziyabandlulula: ubuwula.
Angivale ngokucaphuna ingqondo kaMfundisi uJohn Langalibalele Dube oweyengomunye wabokuqala ababhala ulwimi lwesiZulu. Ngimcaphuna embhalweni owakhishwa ephepheni iLanga laseNatal, 10 Nhlaba 1935. Lapha ubhala ngowayesanda kuba ngumufi uMqaliwendlela yamaNazaretha uShembe. Uthi, ‘Wafa ngoLwesine ngelesi-9 ekuseni isidumbu safika ngoMgqibelo Ekuphakameni.
NgeSonto abantu babebaningi kakhulu bebandla lakhe nezibukeli abelungu nabantu nama-India.’ UDube uyahlukanisa abelungu abantu nama India. Igama abantu ulisebenzisa njengegama elichaza abokudabuka lapha kwaZulu noma eNingizimu Afrika. Yingakho ngithi noma ngabe abanye bayalichitha leli gama bethi abalifuni kababona abantu kodwa thina siyibo siyohlezi siyibo. Yigama lethu esalishiyelwa ngokhokho. Uma igama aBantu liyisici kusho ukuthi nathi siyisici ngokunjalo.