Now Reading
AbakwaShuter and Shooter izikhukhukazi zolwethunga
Dark Light

AbakwaShuter and Shooter izikhukhukazi zolwethunga

Esikhathini esingangonyaka ElaboHlanga lijube uphenyo nayilapho besibheka ukuthi kambe yini ethakaselwa ngabafundi. Lokhu sikwenze eqoqweni labafundi sabuye salandela nokuphawula okwahlukene ezinkundleni zokuxhumana.

Zine izinto ezagqamayo kulolu phenyo. Abafundi bethu bakuthakasela ukubika kwethu ngezindaba ezithinta iSihlalo sikaZulu kanjalo nomlando kanye namasiko esizwe. Okunye okwatuswa ngabafundi kwaba yindlela esibhala sibuye sihlaziye ngayo ipolitiki ngolwethunga. Isinwe okwethulwa ngayo ezemidlalo kuhlanganisa nokuqhakanjiswa kwezemidlalo ezindaweni zasemakhaya, imidlalo yesintu kanye nokuqhakambisa abesifazane nabakhubazekile kwezemidlalo kwatuswa kakhulu.

Kwabe sekuba nesicelo esabe sivela kwabanye abafundi nesabe sithinta ukuqinisekisa ukuthi izingane zaboHlanga nazo ziyazuza uma kufikwa ekuthuthukisweni kolimi. Lesi sicela sasithokozela kakhulu kwazise sabe sihambisana nalokho esakuthembisayo mhla siqala elaboHlanga ukuthi ekufundiseni kwethu ngomlando kanjalo nokuzigqaja ngolwethunga ngeke sizishiye ngaphandle izingane. Ukuphumelelisa lokho ngeledlule sethule ingosi entsha eZisemaphuphu negxile ezinganeni ezineminyaka eyisi-7 kuya kweli-15.

Ngesonto elizayo sethula umlingani wethu wokuqala nongemusha kulo mkhakha wokufundisa ngamabhuku inkampani uShuter and Shooter. Lesi sikhondlakhondla senkampani yokushicilela ngonyaka owedlule besifundisa kulo leli phephandaba ngemigudu yokushicilela. Nokuyinto eyathakaselwa kakhulu ngabafundi. Manje ukuya phambili isibambisene nelaboHlanga ukuthuthukisa izinga lokufunda, ukukhuthaza uthando lokufunda kanye nolwazi. Ngaphansi kochungechunge lwezindatshana ngesikhukhukazi uKuku umfundi ngamunye uthuthuka ngokwezinga lakhe lokufunda kanti futhi uyathuthukiswa nangolwazimagama.

See Also

Sigqugquzela ukuba abazali bathengele izingane babuye baxhase nezikole ukuze kube lula ukusabalalisa ulwazi ngalo mklamo nesikholwa wukuthi uzokwenza lukhulu ekuthuthukiseni olwethunga emiphakathini yethu. Uzomangala ukuthi la ngeke kube zingane kuphela ezihlomulayo kepha nabadala abafisa ukufunda noma ukuzikhumbuza ngolimi. Lona ngumnikelo esiziqhenyayo ngawo sibambisene nabalingane bethu- abakwaShuter and Shooter.

Scroll To Top