Kuhlulwe iGhana kwajabula iNingizimu Afrika



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
“IGhana izowunqoba umdlalo wokugcina bese iqhubekela esigabeni esilandelayo esingesomkhumulajezi”.
Lawa ngamazwi acashunwa enkulumweni eyayishiwo u-Andrew Ayew ongukaputeni weGhana esongela iComoros. Wawaphimisa ngesikhathi izwe lakhe lidlala ngokulingana neGabon.
U-Ayew ubekhuluma ngomdlalo obuyizolo kusihlwa, nokade kowokugcina wamaqoqo.
Kodwa akuyanga ngamagama akhe u-Ayew njengoba iBlack Stars ingene ehlazweni ngesikhathi ishaywa yiComoros Island ngamathathu kwamabili. U-Ayew ugcine engawuqedanga lo mdlalo njengoba ethole ikhadi elibomvu ngesiwombe sokuqala.
IComoros ibiqala ngqa ukudlala kwi-Afcon kanti ibingakaze ishaye nelilodwa igoli ngaphambi kokuthi ibhekane neGhana.
Konke lokho ikufundele kwiGhana njengoba ihlohle amagoli mathathu yaphinde yawina umdlalo wayo wokuqala kwi-Afcon.
IGhana ingelinye lamazwe obekubhekwe lukhulu kuyona njengoba ihlezi yenza kahle nje kulo mqhudelwano okuwubufakazi balokho ukuthi iseke yawunqoba amahlandla amane, kodwa kube ihlazo njengoba igcine isiqeda ekugcineni eqoqweni ebikulo.
Iqede inephuzu elilodwa, ikwaze ukushaya amagoli amathathu emdlalweni emithathu.
IBlack Stars iwuqale ngebatha lo mqhudelwano ngesikhathi idedela igoli ekugcineni ibhekene neMorocco, yagcina ishaywe ngo 1-0 emdlalweni wokuvula. Bekuthenjwa ukuthi izobuya uma isibhekene neGabon kodwa nalapho yadedela igoli ekugcineni umdlalo waphela zibambene ngelilodwa nhlangothi zombili.
Bekuqala ukuthi iGhana iphume kulesi sigaba selokhu yaqala ukudlala kwi-Afcon eminyeni engu-23 edlule lapho ibingaphuthwa khona yilo mqhudelwano. Udonga lwayo luyenzele phansi kakhulu kuyona yomithathu imidlalo eyidlalile. Konke kuhambe kabi kakhulu kwiGhana kule Afcon ka-2021.
Ukubhacaza kweGhana kujabulise abalandeli abaningi baseNingizimu Afrika. Okwenza lokho ingoba emdlalweni wokuhlungela iNdebe YoMhlaba iGhana yaxhopha elakuleli inqoba ngephenathi eyasusa omkhulu umsindo.
Abalandeli bakanobhutshuzwayo abakufihlanga ukungayifuni iGhana njengoba bebejabula ezinkundleni zokuxhumana.
Isithombe sa-Ayew ekhala isona ekade sihamba phambili, bethi abanye kumele iGhana ize icele ushwele kwiNingizimu Afrika.