Ufana nowamanqamu oweNigeria ne-Egypt
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Iyaqhubeka namuhla imidlalo yomqhudelwano omkhulu e-Africa obizwa nge-African Cup of Nations (AFCON) nobanjelwe ezweni iCameroon.
Umdlalo okuyiwo ozovula namhlanje obandakanya i-Algeria neSierra Leone. I-Algeria iyona eyizimfivilithi ekutheni zingawunqoba lo mdlalo kwazise iphethe abadlali abashisayo, phezu kwalokho iyona evikela lesi sicoco neyasinqoba ngonyaka wezi-2019. Omunye wabadlali oseqophelweni eliphezulu kuyona uRiyard Mahrez othi mayedlala emaqenjini adlalele iManchester City yase-England, nakuyona wenza ezibukwayo.
Lo mdlalo walamazwe uzoqala ngelesithathu ntambama uzobanjelwa eJapoma Stadium.
Umdlalo wosuku nofana nowamanqamu ilowo ozoqala ngehora lesi-6 ntambama, lo mdlalo ozobanjelwa eRounde Adija Stadium ubandakanya iNigeria ne-Egypt.
I-Egypt inomlando omuhle kakhulu kulo mqhduelwano njengoba kuyiyo eseke yawunqoba izikhathi eziningi nje. Abadlali bayo abaningi beza kulo mqhudelwano nje bahambela njengoba besanda kunqoba umqhudelwano wamaqembu iCaf Super Cup ne-Al Ahly.
Umlando phakathi kwala mazwe uveza ukuthi asetholane emdlalweni eli-18 iNigeria inqobe eyi-8, i-Egypt yanqoba emihlanu adlala ngokulingana kwemihlanu.
Umdlali ozobe ebhekiwe ukuthi agqame kulo mdlalo uMohamed Salah wase-Egypt, ngaphandle kokungabazwa muva nje ungohamba phambili lapha e-Africa lokho ukutshengisa ngendlela enza ngayo eqenjini agijima kulo iLiverpool FC yase-England. Ugila izimanga kwi-English Premier Legaue (EPL) nakumqhudelwano i-UEFA Champions League.
Okuyiwo umdlalo ozovala usuku ilowo obandakanya iSudan neGuinea-Bissau, nawo lo mdlalo uzobanjelwa eRounde Adija Stadium uzoqala ngelesi-9 kusihlwa.