Now Reading
UMqabulasheshe usekhala ngothando lukaZawadi
Dark Light

UMqabulasheshe usekhala ngothando lukaZawadi

UMfiliseni Zamowakhe Magubane ingwazi kwezomculo ehlonishwayo kuleli nangaphandle. Wazalelwa endaweni yaseNgudwini, eShowe, esifundazweni iKwaZulu-Natal ngosuku lokuqala kuMasingana ngowezi-1965 kanti kuze kube imanje usaseyintandokazi ezinhlizweni zabalandeli bakhe.

UMqabulasheshe, nokuyigama aziwa ngalo, useneminyaka eyevile kwengama-30 esendimeni yomculo. Ukuqala kwakhe ukuqopha kwaba ngeminyaka yowezi-1986, kanti uthathwa njengomunye wamaciko avula indlela emculweni kaMaskandi waphinde waba isishoshovu ekuvikeleni isithunzi nokuhlonishwa komculo wesintu nezilimi zabeNguni.

UMagubane useqophe umculo osudlalwe emidlalweni nakumafilimu ahlonishwayo kuleli naphesheya kwezilwandle okubalwa kuwo iSarafina, Township Fever, Magic at 4A.M neMaria Maria. Useke wahambela namazwe angaphandle anjenge-Europe eyingxenye yethimba yalemidlalo ayibhalela izingoma. Kumafilimu, wabhala ingoma ethi “Vuma Dlozi Lami” eyibhalela u-Anant Singh ngefilimu iSarafina, waphinde wabhala “Isiwiliwili Samabhomu” eyibhalela uLeleti Khumalo kuMagic at 4A.M. nokuyicula elaphinde lafakwa kwiCD kaMbongeni Ngema,”ILaduma”.

See Also

Useke waba sesiteji nabaculi abaningi abahlonishwayo emhlabeni jikelele okubalwa kubo iLadysmith Black Mambazo, iMahlathini & Mahhotela Queens, uRita Marley, uMichael Jackson nabanye. Waphinde wamenywa uDanny Simms (onguphrojusa kaBob Marley noMichael Jackson) ukuba aqophe ingoma noRita Marley nabanye abaculi abadumile esitebeleni sikaMarley esiseKingston. Maningi amaFestivali omculo aseke wanandisa kuwo kanti kamuva ucule noMachafuko “Chaos” Nzimande esibhale ngaye ngeledlule ingoma lapho ekhala ngokufa uthando lwentokazi uZawadi.

Scroll To Top