Now Reading
Usuyabuya umgqigqo kaDolly azakhele ngawo udumo ebholeni
Dark Light

Usuyabuya umgqigqo kaDolly azakhele ngawo udumo ebholeni

Emuva kwezingqinamba ezibe khona ku Keagan Dolly neqembu lakhe iKaizer Chiefs lesi silomo somdlali sesiwubuyisile umgqigqo esaziwa ngawo sabuyiselwa ngisho eqenjini lesizwe, iBafana Bafana.

UDolly ujoyine Amakhosi ekuqaleni kwesizini esuka kuMontpellier yaseFrance abegijima kuyona kula masizini amane adlule. Emidlalweni yokuqala yeZimpofana akazange abonakale ngenxa yokuthi ubengakabi sesimweni esihle.

Ezinkundleni zokuxhumana kuze kwasabalala nezithombe ebezakhiwe ziveza uDolly enonile. Ugcine ephenduka ihlaya ezinkundleni zokuxhumana kodwa izinto zishintshile manje.
Nguyena osephendula isitobha zezitha ihlaya. Emidlalweni eyishumi, leli nxele selibhakuzise enethini amagoli amahlanu lase lakha amathathu. Muva nje usanda kuhlohla amabili emdlalweni wabakhaya baseSoweto obaphakathi kwaMakhosi ne-Orlando Pirates.

Imeneja yakhe, uPaul Mitchell weSiyavuma Sports Agency ichazele elaboHlanga ngokwenza uDolly abuyele ezingeni aziwa ngalo. “Angifuni ukuthi uvuke emaqandeni. Phela abathandi bebhola kumele bakuqonde ukuthi akuyona insangu ukuthi usuke kuPremier Soccer League uye kodlala kuLigue 1 eFrance. Akuyona into elula ukufika lapha udlale amasonto onke. Ngesikhathi inkontileka yakhe iphela eFrance uthathe isinqumo sokuthi abuyele eNingizimu Afrika. Ubenalo ithuba lokuhlala e-Europe ngoba akhona amanye amaqembu abemfuna kodwa wakhetha ukubuyela ekhaya. Lokho kuyakucacisa ukuthi ubengehlelwe yifomu. Njengamanje usesondelene nomndeni wakhe futhi usengubaba,” kuchaza uMitchell.
Ifomu enhle kaDolly isimbuyisele naseqenjini lesizwe, iBafana Bafana ebidlala imidlalo yokuhlungela ukuzibekisela indawo kweyeNdebe yoMhlaba eQatar.

“Ukusondelana nomndeni nokuba ngubaba kumenza ajabule. UKeagan angeke umenze lutho-ke uma ejabule. Ifomu yakhe yamanje ayingithusi nakancane. Yishwa nje ukuthi kuke kwasabalala ukuthi uKeagan ubehlale elimele eFrance kule minyaka emine nohhafu okungamahebezi angelona iqiniso. Ulimale kabili. Waphuka umlenze ngemuva kwalokho wabuya wathinteka eseqenjini lesizwe. Ngaphandle kwalokho akakaze aphinde alimale. Ngowezi-2019/2020, udlale inqwaba yemidlalo. Sekuphele iminyaka emibili manje engathintekile. KuMontpellier udlale ngaphansi kwabaqeqeshi abahlanu abahlukene kumasizini amane. Kula masizini amabili adlule kufike umqeqeshi odlale uhlelo olungavumelani nebhola likaKeagan,” kubeka uMitchell.

UDolly usethubeni elihle lokuthi aqokwe njengomdlali ovelele kuLwezi. Uzobanga noPeter Shalulile weMamelodi Sundowns noLinda Mntambo wePirates.

See Also

“UKeagan akayena umdlali wasesiswini kodwa uyingozi uma eqhamuka ngasophondweni noma edlala ngemuva kwabagadli. Ngaphandle kwalokho kumsizile ukudlala eFrance ikakhulukazi ohlangothini lwezezimali. Ufeze iphupho lakhe lokudlala phesheya kwezilwandle. Wonke umfana omncane wase-Afrika iphupho lakhe wukudlala phesheya nabadlali abaseqophelweni eliphezulu. Njengamanje ujabule empilweni yakhe. Lokho kubonakala ngebhola alidlalayo. Useqenjini elisezingeni eliphezulu kuKaizer Chiefs,’’ kusho uMitchell.
UDolly uhlezi endaweni yesibili ohlwini lwabadlali asebakhe amagoli amaningi kuDSTV Premiership. UVicent Pule weZimnyama uhlezi eqhulwini.

‘’Useqenjini elimnika ithuba lokuzibonakalisa. Uma enikwe ithuba akakaze aphoxe. Ngebhadi kuMontpellier akalitholanga ithuba elanele lokudlala endaweni ayijwayele. Lokho kunomthelela omkhulu efomini yomdlali. KuChiefs akaqali nje kuphela imidlalo kodwa udlaliswa endaweni ayijwayele,’’ kusho uMitchell.
Ngaphambi kokuqala kwesizini uDolly uke wasolwa ngokuzimuka okwenze wagxekwa ngapha nangapha ezinkundleni zokuxhumana. “Abantu bakhuluma yonke insambatheka lena ezinkundleni zokuxhumana lapha eNingizimu Afrika. Abazihluphi ngokubheka amaqiniso. Uvale isizini eFrance ekuqaleni kukaNhlaba. Uze wabuyela ensimini zingamashumi amabili nane kuNtulikazi. Noma yimuphi umdlali osuke ehlabe ikhefu ekuqaleni kukaNhlaba bese ebuya sekuyophela uNtulikazi maningi amathuba okuthi abuye engekho esimweni sakhe. Amalungiselelo okuqala kwesizini athatha amasonto ayisishiyagalombili. Uqale ukuzicija neChiefs ngoNtulikazi ngemuva kwamasonto amathathu ubesedlala. Ngomdlalo wakhe wokuqala kuMTN8 ungene esuka ebhentshini wafika wakha igoli,” kuqhuba uMitchell.
Ukugxekwa akuthole ezinkundleni zokuxhumana akuzange kumphazamise. “Uma usebholeni awusoze wakubalekela ukugxekwa. Yinto eyohlezi ikhona noma nini. Engikuthanda ngoKeagan wukuthi akayifaki emqondweni indaba yokugxekwa. Zonke izinkulumo uziphendula enkundleni. Uyakwazi ukuziphatha kahle futhi uyazinakekela. Ubeseholidini elide okwenze kwamthatha amaviki amahlanu ukuthi abe yilo Keagan esimaziyo.” kulandisa uMitchell.
Lolu qweqwe lomphathi wabadlali lusanda kubuyisela uSiyanda Xulu phesheya kwezilwandle.
“Iminyango yokubuyela phesheya asiyivalile. Ebholeni angeke ushaye phansi ngonyawo uthi into ethize angeke yenzeke. Ubenalo ithuba lokuhlala e-Europe nakwezinye izifunda emhlabeni. Nokho sithathe isinqumo sokuthi abuye. Ikusasa alaziwa. Kusangenzeka athole elinye ithuba lokuyodlala phesheya esikhathini esizayo, angeke sazi. Nokho akuyona into esigxile kuyona manje. Into agxile kuyona manje wukusiza iChiefs ekutheni ibuyise udumo layo lwezicoco. Uzinikele kuChiefs. Akanawo umcabango wokuthi eminyakeni emibili ezayo kungenzeka ngibe sengidlala kwenye indawo.’’ kuphetha uMitchell.

Scroll To Top