AbeHhovisi loMvikeli Womphakathi bakhala ngezokuphepha ezikhungweni zabo
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Abehhovisi loMvikeli Womphakathi u-Advocate uBusisi Mkhwebane bathi kufana nokuthi bahleli phandle ngoba wonke amahhovi abo ayi-17 ezifundazweni ezihlukene ezweni awanabo abaqaphi okwenza izinga lezokuphepha libe phansi kakhulu. Lokhu bakuveze ngesikhathi benza izethulo ngaphambi kweKomidi Lephalamende Lezobulungiswa ngeledlule. Bathi kuze kube ngcono ezindaweni lapho beqashe khona amahhovisi ngoba bayakwazi ukuncika konogada bakamasitende abasuke beqaphe ibhilidi.Isikhulu Esiphezulu kuleli Hhovisi uNkk uThandi Sibanyoni uthe baphila ngeNkosi Sikelela bayafisa ukuthi lolu daba lusukunyelwe phezulu. AbeKomiti Lezobulungiswa bazwakalise ukushaqeka ngalokhu banzi nebala yinto edinga ukusukunyelwa ngokushesha.
Khonamanjalo u-Advocate uMkhwebane usamile ekutheni uzophikisana nezicelo zikaSomlomo wePhalamende Likazwelonke kanye neDemocratic Alliance zokufinyelela ngqo ekudluliseni isinqumo seNkantolo Enkulu.
NgoNtulikazi, ibhentshi eliphelele leNkantolo Enkulu yaseKapa lakhipha isinqumo esivuna uMkhwebane ngezizathu ezimbili kuphela zoMthethosisekelo. INkantolo iyalele iSishayamthetho Sikazwelonke ukuthi sichibiyele imithetho ukuze kuhlinzekelwe ukumelwa okugcwele okusemthethweni kwezinhloko zezikhungo zeSahluko 9 ngesikhathi kuhlolwa ukuthi zikufanele yini ukuba sesikhundleni.
INkantolo Ephakeme iphinde yaphikisana nokufakwa kukamehluleli ukuthi ahlale nethimba lamalungu amathathu ngesikhathi sophenyo lokuqala mayelana nokufaneleka kweNhloko yeSahluko 9 Sesikhungo. Esitatimendeni sakhe esifungelwe, uMkhwebane uthe uSomlomo neDA baphakamisa izindaba ezithintana zomthetho futhi akukho zingxabano eziyiqiniso ezicelweni zabo ezahlukene.
Incwadi yakhe efungelwe iphinde ithi iDA yaletha iziphakamiso ezahlukene zokuthi akhishwe esikhundleni ngesikhathi ibona ukuthi izinsolo ezibhekiswe kuye zobumpimpi/nhloli aziphumelelanga. Uthe lowo owayenguSomlomo, uThandi Modise, wehlulekile emsebenzini wakhe wokungachemi ngesikhathi emukela iziphakamiso zeDA ngesikhathi ingekho imithetho yokuhoxiswa kwenhloko yesikhungo iSahluko 9.
USomlomo uNosiviwe Mapisa-Nqakula usivikele isinqumo sikamanduleli wakhe sokugunyaza isiphakamiso seDA sokuthi kuphenywe ukuthi ukulungele yini ukuphatha uMkhwebane. Ukudlulisa icala kukaSomlomo kanye nesicelo se-DA sokuphikisa isinqumo seNkantolo eNkulu kulindeleke ukuthi kuchithwe eNkantolo yoMthethosisekelo ngoMsombuluko.
Omele iCorruption Watch kanye neCouncil for the Advancement of the South Africa Constitution uMichelle Le Roux uthi ukuphela kwendlela yokubuyisa ukwethenjwa koMvikeli WoMphakathi uBusisiwe Mkhwebane ukuvumela uhlelo lwePhalamende Likazwelonke ukuthi luqhubeke nophenyo lokuthi ukulungele yini ukuphatha.
Bangabangani esicelweni sasenkantolo phakathi kwabo bobabili uSomlomo neDA ezibhekiswe kuMkhwebane. Abafakizicelo bafuna iNkantolo yoMthethosisekelo ibanikeze imvume eqondile yokudlulisa isinqumo seNkantolo Enkulu eKapa.
ULe Roux ukugcizelele ukuthi uMkhwebane kumele ageze igama lakhe ngohlelo lwasePhalamende. “Iyona ndlela kuphela lo Mvikeli Womphakathi angaqeda ngayo ifu lokungabaza futhi angikubeke ngaphezu kwalokho, okuvezwe ezinqumweni ezishubile zezinkantolo mayelana nokufaneleka nokusebenza kwakhe kuleyo misebenzi, ngukuthi lolu hlelo kumele luqhutshwe ePhalamende ngoba iyona kuphela indlela esingaphendula ngayo ukumethemba uMvikeli WoMphakathi futhi simenze akwazi ukuqeda ihlandla lakhe engasamile kuye.”

