Ikhombisa ukuchanasa iBrazillians kunobhutshuzwayo
IMamelodi Sundowns isiphenduke undabamlonyeni ebholeni laseNingizimu Afrika ngenxa yokuqoqa zonke izicoco ezimqoka.
Muva nje, iSundowns ikhale yemuka nesheke lezigidi eziyisishiyagalombili lamarandi ngemuva kokuthela othulini iCape Town City ngamagoli ama-3 kwama-2 sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni wamanqamu weMTN8 obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
AmaBrazilians aqophe umlando ngesizini edlule eba yiqembu lokuqala emlandweni webhola kuleli ukudla isicoco seligi amahlandla amane elandelana.
Intatheli yelaboHlanga, uZipho Zingela ibheka amaphuzu enza iSundowns ingabambeki. Ixoxe noGordon Igesund ophethe izicoco ezine zokunqoba iligi eMzansi. KuSundowns wahlabana ngesicoco seligi neSAA Super Eight.
UGordon Igesund:
Imiholo namabhonasi:
Umndeni wakwaMotsepe wakhe isisekelo esiqinile kuSundowns. Uneqiniso uma ngizwa ngasekukhokheleni abadlali. Uma benqoba izicoco bathola amabhonasi amabhonasi amathe kanti nemiholo yabo iyaheha. Lokhu kukodwa kuyabagqugquzela abadlali nethimba labaqeqeshi. Uma abadlali benza kahle bahlale bezothola imihlomulo emihle.
Baqasha abaqeqeshi abanesipiliyoni:
ISundowns ilanda abaqeqeshi beqophelo eliphezulu. Phezulu kwalokho banikwa isikhathi sokuletha imiphumela eqenjini. ISundowns ayibashintshashintshi abaqeqeshi. Amanye amaqembu azama ukwehlisa izindleko ngokunika amaphini noma izinkakha zeqembu izikhundla zokuqeqesha. Isikhathi esiningi uthola ukuthi ukhakhayi lusuke lungakaqini kahle.
Ukhuvethe:
Ukhutheve lumoshe kakhulu. Amaqembu akasazimisele ukukhipha imali athenge abadlali abaseqophelweni eliphezulu. Bonke abadlali abenza kahle kwamanye amaqembu lapha eNingizimu Afrika sebephelela kuSundowns. Ayisenawo umbango emakethe. Ukungavunyelwa kwabalandeli ezinkundleni ngenxa yokhuvethe kuwaphazamisile amaqembu afana noKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates. Awubuke nje bazolahlekelwa yizigidi ezingakanani ngokungabibikho kwabalandeli enkundleni kule mpelasonto. Phela le mali abayenza ngemidlalo yabakhaya iyalekelela nasezindlekweni zeqembu. ISundowns inazozonke izinsiza zokubhekana nokhuvethe.
Abadlali abaseqophelweni eliphezulu:
KuSundowns wonke umuntu ulwela indawo yakhe ngoba indawo eyodwa ibangwa ngabadlali abathathu abaseqophelweni eliphezulu. Uma ungawenzi umsebenzi kukhona ozongena enze kangcono kunawe. Lokhu kwenza umbango wejezi uhlale ushubile ngaso sonke isikhathi. Yingakho noma kunezinguquko kungabonakali. Bake badlala neKaizer Chiefs engekho uDenis Onyango kodwa uKennedy Mwene wafika wabamba amaphenathi amathathu banqoba.
Ubungeke usho ukuthi u-Onyango akekho. Akekho umdlali owazi ukuthi unendawo yakhe kuSundowns.
Imithetho iqinile:
Abaqeqeshi kuSundowns benza umsebenzi omuhle wokwenza isiqiniseko sokuthi abekho abadlali abawuhlupho eqenjini. Uma uhlupha bayakukhulula. Ikhempu yabo inokuthula. Azikho izindaba eziletha uqhekeko eqenjini. Ulimi olukhulunywayo elokunqoba izicoco nje qha.
Wonke umuntu ulwela indawo yakhe eqenjini. Iyona inkinga engike ngiyibone kwamanye amaqembu. Abadlali abahlangene. Kunzima-ke ukuzuza impumelelo uma ningahlangene.
Izicoco kumasizini angu-11 adlule:
Izicoco zeligi (6):
Ngowezi-2013/14, ngowezi-2015/16, ngowezi-2017/18, ngowezi-2018/19, ngowezi-2019/20 nangowezi-2020/21.
Telkom Knockout (2):
Ngowezi-2015 nangowezi-2019.
MTN8 (1):
Ngowezi-2021.
Nedbank Cup (2):
Ngowezi-2014/15 nangowezi-2019/2020.
Caf Champions League:
Ngowezi-2016.
Caf Super Cup:
Ngowezi-2017.
Abadlali abasuka kuSundowns bebheke emaqenjini aphesheya kwezilwandle:
Bongani Zungu
NguSiyanda Xulu:
Ngowezi-2012, ushiye iSundowns wajoyina iRostov yaseRussia.
NguNyasha Mushekwi:
Ngowezi-2013, uthengwe yi-Oostende yaseBelgium.
NguKeagan Dolly:
Ngowezi-2017, ujoyine iMontpellier yaseFrance esuka kuSundowns.
NguPercy Tau:
Ngowezi-2018, uTau usayiniswe yiBrighton Hove Albion.
Abahlomule ngemiklomelo yePremier Soccer League eminyakeni eyedlule:
NguKhama Billiat:
- Uqokwe njengomdlali ovelele, waqokwa ngozakwabo njengomdlali ovelele wase esehlabana nangowomdlali wasesiswini ovelele. Konke ukuzuze ngowe-2016.
NguThemba Zwane:
- Uqokwe njengomdlali ovelele, waqokwa ngozakwabo njengomdlali ovelele wase esehlabana nangowomdlali wasesiswini ovelele. Konke ukuzuze ngowe-2019/2020.
NguHlompo Kekana:
- Ngowezi-2019, uqokwe njengomdlali wasesiswini ovelele.
NguPercy Tau:
- Uqokwe njengomdlali ovelele, waqokwa ngozakwabo njengomdlali ovelele wase esehlabana nangowomdlali oshaye amagoli amaningi. Konke ukuzuze ngowezi-2017/18.
NguDenis Onyango:
- Uqokwe njengonozintu ovelele ngowe-2015/16 nangowezi-2020/2021.
NguPitso Mosimane:
- Uqokwe njengomqeqeshi ovelele amahlandla amahlanu.
NguPeter Shalulile:
- Uqokwe njengomdlali ovelele, waqokwa ngozakwabo njengomdlali ovelele wase esehlabana nangowomdlali wasesiswini ovelele. Konke ukuzuze ngesizini edlule.
Ngabe umqeqeshi weSundowns uRhulani Mokwena uthini ngempumelelo yeqembu: “Usiko lweSundowns luncike kakhulu ekusebenzeni kanzima. Wonke umuntu oyingxenye yeqembu uyaqonda ukuthi kumqoka kangakanani ekutheni sizikhandle ukuze iqembu liphumelele. Sonke sizama ngayoyonke indlela ekutheni senze izinto ngendlela eqondile yize sazi ukuthi akulula. Nokho ayikho into edlula umgqigqo.”