Now Reading
Isenzangakhona: Isidinga iSADC eyaKwaNgwane
Dark Light

Isenzangakhona: Isidinga iSADC eyaKwaNgwane

Sekuphele izinyanga ezithi azibe yisi-5 kwaqubuka imibhikisho Eswatini nokucacile ukuthi, uma kungathathwa izinyathelo ezinqala zokuthola indlela yokuthi kube nokubuyisana ezweni, isakude ukuphela. Emveni komonakalo owadalwa ababhikishi, iNgwenyama uMswati III wethula ngokusemthethweni iReconstruction Fund athi isineminikelo ebalelwa esigidigidini seLilangeni, nasethula njengesikhwama esizongenelela ekuxhaseni bonke abathintekile ngesikhathi seziyaluyalu ezibe khona. Kodwa lesi sinyathelo asibanga namthelela.

Kunalokho, usuku nosuku kusukela kuNhlangulana liyanda inani lemibhikisho, yindluzula nesihluku samaphoyisa nabezokuphepha kubabhikishi kodwa noma kunjalo, akubonakali bekhombisa ukuphela umoya, kunalokho umhlwenga uya ngokuqina. Kwesinye sezigaba sakamuva kulesi siqephu sodweshu Eswatini kukhale iningi lapho kuvela imibiko ekhombisa amaphoyisa ephatha ngesihluku abafundi abasemazingeni aphansi nabekade bengenele imibhikisho bekhalela imfundo yamahhala, kanye nedemokhrasi ezweni, nokuphoqe uHulumeni anqume ukuvala izikole okwesikhashana.

Kuthe kunjalo izinyunyana, amaqembu aphikisayo, nabashayeli bamabhasi babeyingxenye yemibhikisho yakamuva osekuthathe amasonto amabili iqalile, nalapho okuhamba phambili ukukhululwa kwamalungu eSishayamthetho amabili uBacede Mabuza noMthandeni Dube ababoshwa mhla zili-25 kuNtulikazi.

Ngamazwe angomakhelwane ne’Eswatini, ikakhulukazi iNingizimu Afrika, azothola amachaphazelo uma ingasukunyelwa eyokuthola ikhambi kulesi simo esimanzonzo kwezepolitiki nokubuswa kwezwe. Njengoba kwenzeka kolwaseZimbabwe eminyakeni edlule, ukudonsa izinyayo ngesisombululo kweyayibhekene nakho kwezepolitiki kwakapakela kumazwe angomakhelwane anjengeBotswana neNingizimu Afrika ngoba azithola ‘esamukela’ izakhamuzi eziningi zakuleli lizwe. Nakweyase Eswatini ngokuqhubeka kwesikhathi, lizokwanda inani lezakhamuzi eseziqoma ukubhacela komakhelwane kuze kufike isikhathi lapho zibona sengathi isimo kwelakuba siyalunga.

Kepha inkinga isekutheni akekho onesiqiniseko sokuthi isimo esifana nesase Eswatini njengoba kwenzeka eZimbabwe, singathatha isikhathi esingakanani ngaphambi kokuba kuthiwe sesingcono. Ngakho ke uma amazwe angomakhelwane engafisi ukuzithola abhekene nesimo esifana nesaseZimbabwe aphoqelekile ukuthi athathe izinyathelo kusemanje.

Kuphinde kube yiwo amazwe angomakhelwane, ngaphansi kweNhlangano iSouthern African Development Community (SADC) okumele akhulume ngazwi linye, aphuthume nomhlahlandlela ngokumele kwenzeke eSwatini, ikakhulukazi ozobe uqonde ukwakha ukubuyisana. Uma ehluleka ukwenzenjalo azozithola enengcindezi yokujahana nemihlahlandlela eyakhiwe amazwe nezinhlaka eziqhamuka ngaphandle kwe-Afrika, njengoba azithola kwenzeka kweyaseZimbabwe ngaphambili.

Kukhulunywa nje, amazwe anjenge United States of America (USA) neNxusa lawo elise ESwatini, ayaqhubeka nokubeka imibono ngokwenzekayo kulelizwe neseka iziphakamiso zababhikishi. Nakuleli sonto emveni kokuvela kwemibiko ekhombisa ukuhlukunyezwa ngamaphoyisa kwabafundi abebebhikisha inhlangano yezizwe i-United Nations (UN) yenze isitatimende esigcizelele ukukhalaza kwayo ngalesi sehlakalo, nalapho uNobhala Jikelele uMnu Guterres ethe: “Ukhathazekile ngokwenzekayo e-Eswatini, okubandakanya ukusatshalaliswa kwamabutho ezokuphepha ahlomile ezikoleni ezehlukene, imibiko yokusetshenziswa kwamandla ngokweqile kwimibhikisho yabafundi, nokuvalwa kwezikole.

Uqhube wathi: Unxusa uHulumeni ukuthi aqinisekise ukuthi ezokuphepha zisebenza ngokuhambisana namazinga afanele omhlaba wonke wamalungelo abantu, okubandakanya ne-United Nations Convention on the Rights of the Child.”

See Also

Phambilini, i-European Union (EU) yafaka elayo izwi ngendluzula ezokuphepha ezenza ngayo eSwatini. Ukuqhubeka kwezinhlaka ezifana nalezi kanye namazwe abuya ngaphandle ukukhalaza ngokwenzekayo Eswatini kuzohamba kuze kufinyelele lapho bethatha izinqumo nabazozama ngakho konke ukuthi zifezeke ngokumele ‘kulungiswe’ nokuthi kanjani kweyase Eswatini. Inkinga ekhona ukuthi okwamanje iSADC ayikhombisi ukuthi kukhona eyakufunda ngesikhathi kuqala eyaseZimbabwe, ngoba nakulena yase Eswatini, iyikasho lutho, nokwandisa amathuba okuthi udaba okumele luphathwe ngama-Afrika, lugcine luxovwa abokufika.

Yize kufanele ukuba iSADC igqugquzelwe ngokuthi ingenelele, kodwa alikho ikhambi elingaqhamuka ngaphandle bese lisebenza uma zonke izinhlaka eziphathekayo Eswatini zingakasiboni isidingo sokuthi zifakane imilomo kunokulwa nokubulalana okusalokhu kwenzeka ukuze kutholakale isisombululo. Njengoba sekuphele izinyanga kwaqubuka imibhikisho okucace bha wukuthi ikhona ingxenye yezakhamuzi engasazizwa imunye neNgonyama yabo kanye neSihlalo soBukhosi nokwakuhlezi kuwuphawu lobuntu nobunjalo babo njengamaSwati.

Ngakolunye uhlangatho, kuyabonakala ukuthi sekufinyelele lapho neNgwenyama kukhona abantu bayo engasabezwa. Lokhu sikusho ngoba, ngasohlangothini lwababhikishi, iziqubulo zabo sezigxile kakhulu ekutheni sebelwela ukuthi iSihlalo soBukhosi siphele. Lokhu kuphinde kugcizeleleke uma kubhekwa uhlu lweziphakamiso abanye bababhikishi abalukhiphile ngokumele kwenzeke eSwatini, nalapho bethe noma bezimisile ukubamba izingxoxo, kepha abafisi ukuba iNgwenyama ibeyingxenye yazo. Umbuzo ongabuzwa kubo ngothi bangahlangana ngaliphi, futhi bangafisa kanjani ukudingida ephatha ukubuswa kweze eliphethwe ubukhosi, kepha kuthiwe bungabambi iqhaza.

Ngasohlangothini lweNgwenyama inkulumo eyenze zili-15 kwephezulu mhlazane evula isibhedlela esisha igxekwe ngabaningi ngokuthi isebenzise amagama aqinile ukuchaza ababhikishi afana nokuthi “timfingo”, “tichwanguchwangu”; “tibhemansangu”, “tidzakwa”, nalapho athi “abekhanywe”.

Scroll To Top