Now Reading
Iyavuthwa eyokuya eLuthuli House entsheni
Dark Light

Iyavuthwa eyokuya eLuthuli House entsheni

I-African National Congress Youth League (ANCYL) KwaZulu-Natal ayikuchithi ukuthi kungenzeka ukuthi kube nemashi ebheke ekomkhulu le-ANC eLuthuli House mayelana nokumelwa kwentsha ohlwini lwamagama abantu abazongenela ukhetho lwale nhlangano.

Ngesonto eledlule, amalungu amaningana ekomidi lokulungiselela ingqungquthela yesifundazwe abhikishe ngaphandle kwamahhovisi esifundazwe eThekwini, efuna amaphesenti angama-25 wokumelwa kwentsha kubo bonke omasipala esifundazweni. Okhulumela i-ANC Youth League KwaZulu-Natal uSibonelo Nomvalo uthe bazocindezela ubuholi ukuthi buhambisane nemigomo.

“Sifinyelele esinqumweni sokuthi ukuhlinzekwa ngamaphesenti angama-25 akulandelwe, kodwa hhayi ohlwini lwamaPR kuphela. Sibe nenkinga nakumakhansela esigceme. Asikwazi ukuthi sinqume ukuthi yini esizoyenza ngokuzayo lapho singazi isimo sobuholi. Uma umbono wabo uthi kumele siye emahhovisi, ayikho enye indlela ngaphandle kokumasha siye emahhovisi,” kusho uNomvalo.

Ngasekuqaleni kwaleli sonto, uMengameli uCyril Ramaphosa uthe abantu abasha bazoba nomthelela omkhulu ekumeleni iqembu koHulumeni Bendawo, okungenani ikota labazongenela ukhetho loHulumeni Basekhaya ngowezi-2021 kube yintsha.
UMengameli we-ANC uthe amaphesenti angama-90 walabo ababhalisela ukuvota okokuqala ngempelasonto yokubhalisa ekuqaleni kwale nyanga, ngabantu abasha. Abantu baseNingizimu Afrika baya okhethweni ngoLwezi lulu-1. UMengameli uRamaphosa uthe umuntu omncane kunabo bonke ozongenela ukhetho ngaphansi kwe-ANC uneminyaka engama-20 nje kuphela

See Also

I-ANC ithembisa ukuxazulula izingxabano zohlu lwabazongenela ukhetho
I-ANC ithembise ukuthi kuzoxazululwa zonke izingxabano maqondana nohlu lwabazongenela ukhetho. IKomidi Lezokhetho le-ANC eliholwa yilowo owayenguMengameli wezwe uKgalema Motlanthe libhekene nazo zonke izingxabano eziphathelene nalabo abazongenela ukhetho.

Scroll To Top