Now Reading
I-ANC isukumela oloMphathiswa ocwase abasebenzi
Dark Light

I-ANC isukumela oloMphathiswa ocwase abasebenzi

ISIFUNDAZWE iGauteng yisona esibhekwe ngabomvu ngamaqembu ezepolitiki amakhulu okuyi-ANC, iDA ne-EFF okhethweni lomhla ziyisi-8 kuNhlaba futhi nawo asekushilo ukuthi kuzoshiyana ukwenza. Njengoba sezishoshela izinsuku zokhetho la maqembu aseyacophelela ukuthi anyathela kanjani eGauteng nezinkulumo aseyazicwecwa ngoba lesi sifundazwe siwumgogodla womnotho weNingizimu Afrika. Lithe lishona elayizolo bese kukhona ukukhuluma okuthi inkulumo eqoshiwe kaMphathiswa Wezemidlalo Nokungcebeleka uNkk uFaith Mazibuko iputshukile kungenzeka ilenzele phansi iqembu lakhe i-ANC okhethweni. Kule nkulumo uNkk uMazibuko uzwakala ehhahhameza abasebenzi ababili abasezikhundleni eziphezulu ehhovisi lakhe.

Kule nkulumo uzwakala ebasabisa ngokubaxosha njengoba ebahlala entanyeni mayelana nezinkundla ezimidlaloningi okufanele bazakhe ngaphambi kokhetho lukazwelonke lowezi-2019 ukuze bakwazi ukunqoba ukhetho.

Ubuye azwakale ethi eminye iminyango yesifunda ayifuni ukusebenza nabelungu noma namaNdiya. Okuqoshiwe, okukhishwe yisikhungo amaBhungane kuzwakala kukho uNkk wakwaMazibuko ezifuna ngo dli izinkundla ezimidlaloningi ethi zizolekelela ukulethela i-ANC amavoti ngelanga lokhetho.

“Sifuna ukuzisebenzisela ukukhankasa sinqobe ukhetho. Yingakho nje kungekho nowodwa uMnyango ezifundazweni ngisho nakuzwelonke oholwa yiNdiya noma umlungu. Yingakho ningafuneki yingoba nikhuluma isilungu. Kumele nikwenze lokhu engikushoyo kumnyama kubomvu ngale kwalokho nisule emsebenzini,” kuzwakala uMhlonishwa esho. Ngemuva kuzwakala laba basebenzi besifazane beshweleza kuMhlonishwa bemchazela nokuthi kunemithetho ebabambile, ngabe uthi abayishaye ndiva yini?

I-ANC esifundazweni isizwakalise ukwethuka kwayo lapho uNobhala wayo uMnu uJacob Khawe etshele abezindaba ukuthi usekhulumile noNkk Mazibuko. “Sesimbizile ukuthi azochaza ngalokhu akushilo.

Kuyishwa elingathetheleleki futhi kuyadumaza lokhu akuphimise ngowakhe umlomo,” kusho uKhawe. UKhawe uthe uMphathiswa usazisiwe ukuthi kumele avele ngaphambi kwekomiti lobuqotho le-ANC.

See Also

UNobhala wesifundazwe uthe ukuziphatha kukaMhlonishwa uMazibuko akuthetheleleki. I-ANC yaseGauteng ifuna ukwazi ukuthi bekwenzenjani aze akhulume ngokunentukuthelo engaka. Sonke simelene nalabo ababhebhezela ubuhlanga ezweni lethu.”

Ubuye wathi i-ANC ifuna ukuxolisa kubantu baseGauteng, ikakhulukazi kubelungu namaNdiya. Uthe inhlangano ikholwa wukuthi uMazibuko ubazi ukuthi akwenzayo akulungile. Izolo ntambama uNkk uMazibuko uxolisile ezisebenzini zehhovisi lakhe ngendlela aziphathe ngayo.

Scroll To Top