Now Reading
Impi yamagqubu kulempelasonto kwiDSTV Premeirship
Dark Light

Impi yamagqubu kulempelasonto kwiDSTV Premeirship

Namanje asikapholi isilonda sokukhishwa kwiMTN8 kweZimnyama. EzikaMagebhula yizona ebezivikela lesicoco seMTN8 azisinqobe ngesizini edlule. IZinyoni ziwone zawuqeda umcimbi wamaBhakabhaka e-Orlando ziwashisa leli qembi ijezi ekuseni kwesikaMaminzela isigodi.

Ngemuva kwalokho ibhantshi ligcwale umoya kuJosef Zinnbauer obeshayela umkhumbi weZimnyama. URuzaigh Gamilden nguyena oyiphendukele esiswini njengotshwala iPirates evalela enethini amagoli amabili. ISwallows igcine inqobe ngo 2-1 zaguqa kanjalo eZimnyama eSoweto.

Kule mpelasonto iPirates izothola ingqayizivele yethuba lokubuyisa izinduku kuSwallows uma la maqembu amabili esebanga amaphuzu amathathu.

IPirates ayikaze inqobe selokhu kuqale isizini. Isidlale ngokulingana imidlalo emibili kweyeligi kwathi kuMTN8 yawashiswa ijezi iSwallows.

Elinye iqembu laseSoweto elizobe libheke ukubuyisa izinduku yiKaizer Chiefs. Amakhosi azotholana phezulu neMamelodi Sundowns ngeSonto ngehora lesi-5 ntambama emdlalweni obhekwe ngamehlo abovu. Womabili la maqembu asanda kuhlangana kuma-quarterfinal eMTN8 eLucas Moripe Stadium.

Adlale ingcwenga yebhola ebambana ngo 2-2 ngemuva kwemizuzu engama-120. AmaBrazilians agcine enqobe sekukhahlelwa emaphenathi.

Isitobha seChiefs, uNjabulo Blom sikubeke kwacaca ukuthi bawafuna agcwele amaphuzu amathathu.

“Siwulungele umdlalo weMamelodi Sundowns. Sifuna ukuthola umphumela omuhle ngeSonto. Into emqoka wukuya emdlalweni sidlale ngendlela esihlale sidlala ngayo,” kubeka uBlom weChiefs.

See Also

ISundowns akugatshazwa ukuthi izobe ibheke ukuvuvuzela usawoti esilondeni seChiefs.

Womabili la maqembu abambene ngamaphuzu amane ngemuva kwemidlalo emibili. Akayazi induku emidlalweni yeligi. Ngakolunye uhlangothi iSundowns iyizwa ngendaba induku kuyo yonke imiqhudelwano.

Amehlo azobe ehlezi kuKeagan Dolly noThemba Zwane ekutheni basize amaqembu abo aqoqe amaphuzu amathathu uma iSundowns isidudulana neChiefs.

UDolly uqokwe njengomdlali ovelele ezakhe ziguqisa iBaroka FC ngo 2-1 emdlalweni odlule weligi. IChiefs imlande phesheya kwezilwandle ngenhloso yokuthi azoyisiza iqede indlala yezicoco. Amakhosi sekuphele iminyaka eyisithupha agcine ukuphakamisa izicoco okuyinto engakaze yenzeke emlandweni weqembu selokhu kwathi nhlo.

Scroll To Top