Kubukeka ikusasa liqhakazile kowaduma kweZimnyama
UKaltego “Mahoota” Mashego uthathe umhlalaphansi ebholeni ngowezi-2019. Njengamanje uphansi phezulu nezifundo zakhe ze-LLB Law azenza e-Unisa (Unisa).
Exoxa nelaboHlanga, uMashego uveze ukuthi sekusele kancane aphothule iziqu zobummeli bese egqoka ijazi.
“Ngisalelwe izifundo eziyi-12 bese ngiyaqeda. Njengamanje sengenze ezingama-28. Ukuze ngigqoke ijazi kumele ngenze izifundo ezingama-40. Isinqumo sokwenza izifundo zobummeli ngisithathe ngenxa yokuthi ekhaya yimina kuphela obengenalo ijazi. Nami ngifuna ukubalwa namalunga omndeni anamajazi. Yingakho ngikhethe ukwenza iziqu zobummeli,” kusho uMashego.
Lo mgadli oqale ukubonakala ebholeni elikhokhelayo ngowezi-2004 kuPlatinum Stars aqale ukuzakhela udumo kuyona. Ngemuva kwalokho akaphindanga wabheka emuva.
“Ngiqale ukudlala ibhola ngisaneminyaka eyi-18. Ngaphambi kokuthi ngingene ebholeni ngenza unyaka owodwa eWits Tech. Ngenza izifundo zokusebenza ebhange. Ukube kwabheda ebholeni ngangizoqedela izifundo zami zokusebenza ebhange. Indaba yokufunda isegazini kimina. Isikole simqoka ngendlela eyisimanga. Uma uneziqu, akekho umuntu ongakuphuca zona. Akufani nokuba semkhakheni othize lapho uzobuye uphelelwe khona yisikhathi,” kuqhuba uMashego.
Eqenjini lesizwe, iBafana Bafana udlale imidlalo engama-22 wahlohla amagoli amabili. Wayekhona esikwatini seBafana esasiyibambe kuFifa Confederation Cup ngo-2009.
“Ibhola sengiliyekile. Sekunesikhathi manje ngingadlali. Ngigcine ukudlala ngowezi-2019. Ngiyazidlalela nje ngasekhaya ukuzigcina ngisesimeni esihle. Ngineminyaka engama-39 manje. Ngeke kuwenze umqondo uma ngingathi ngisabheke ukudlala,” kulandisa uMashego.
Unqobe izicoco eziyisithupha zeligi lapha eNingizimu Afrika. Uhlabane ngezimbili esadlala kuSuperSport United. Kuthe kusabatshazwa lokho wafika wahlomula ngesinye ku-Orlando Pirates.
“Akukho engizisola ngakho ngengikuzuze ebholeni. Uma ngingathi kukhona engizisola ngakho ngabe ngiyaganga. Uma usemkhakheni othize kufanele wenze umehluko kulowo mkhakha. Lokho kwenza ukuthi uma usuthathe umhlalaphansi uziqhenye ngokuzuzile. Uma udlala iminyaka eyisithupha ayanele. Kumele udlale iminyaka ethe xaxa. Ngizinqobe zonke izicoco ezikhona eNingizimu Afrika. Ayikho indawo engingazange ngiyihambe ngenxa yebhola. Akukho engizisola ngakho eminyakeni engiyidlalile. Nakanjani uma ungumuntu uhlale ufuna ukwenza okungaphezu kwalokhu onakho. Konke kuhambe kahle,” kubeka uMashego.
KuSundowns ufike wayisiza yanqoba izicoco ezintathu zeligi neseTelkom Knockout.
“Ngazibekela umgomo wokuthi uma sengiyeka ukudlala ngifuna ukuhlaba ikhefu ebholeni. Uma kukhona into ehehayo engibuyisela ebholeni angeke ngiyivale leyo minyango. Ngithathe leli khefu ukuze ngifunde ngiphinde ngigxile kwezinye izinto zami zamabhizinisi. Okwamanje ngisahlabe ikhefu ezintweni ezithinta ibhola kodwa angeke saliqagela ikusasa,” kusho uMashego.
Ngowezi-2012/13, uMashego wakhala wemuka nomklomelo womdlali oshaye amagoli amaningi emidlalweni yeligi ngesikhathi esagijima kuMoroka Swallows.
“Imakethe yabadlali asebethathe umhlalaphansi eNingizimu Afrika ayikho nkulu. Asikutholi ukwesekwa uma sesiyekile ukudlala. Akufani naphesheya lapho uthola khona umdlali obekade edlala esiyimenenja jikelele yeqembu elithize. Kukancane ukubona izinto ezifuze lezi ebholeni lethu. Ngisho imakethe yokuqeqesha kunzima ukungena kuyona. Akufani naphesheya kwezilwandle lapho amaqembu amakhulu eqeqeshwa ngabaqeqeshi abebedlala ibhola. OWayne Rooney, John Terry, Steven Gerrad noFrank Lampard bonke bangabaqeqeshi manje kodwa besidlala ngesikhathi esisodwa nabo. Thina senza izinto ngendlela eyehlukile,” kulandisa uMashego.
URhulani Mokwena nguyena umqeqeshi omncane kunabobonke kuDSTV Premiership.
“Kufanele sikhule njengezwe. Kumqoka ukuthi sibenabaqeqeshi abancane abahambisana nesitayela sebhola sesimanjemanje. Abaqeqeshi eNingizimu Afrika bajikajika endaweni eyodwa. Uthola kubaqeqeshi abahlanu asebeqeqeshe amaqembu ayisikhombisa ahlukene. Abanye baze babuyele emaqenjini afanayo. Akuyona inkinga esingayisombulula kalula. Okunye okumqoka wukuthi ngeke some abaqeqeshi sonke. Amaqembu esinawo mancane. Angama-32 kuphela,” kubeka uMashego.
Lo mgadli odabuka eMpumalanga udlale ezingeni elikhokhelayo iminyaka eyi-14.
“Ibhola lethu ngeke uliqhathanise kakhulu nebhola laphesheya. Phesheya imali iningi. Konke ofisa ukukwenza ungakwenza konke usadlala. Lapha eNingizimu Afrika kwehlukile. Kumele uthenge umuzi bese uwukhokhela iminyaka engama-20 ekubeni mhlawumbe wena uzodlala iminyaka eyi-10. Yingakho kumele uhlakaniphe ngokuthatha izinqumo eziphusile. Akumele ugagamele uthenge umuzi wezigidi eziyi-10. Phela lapho usuke uzokhokha imali elinganiselwa kwizinkulungwane ezingama–R50 000 ngenyanga. Uma usadlala ungakwazi ukuwukhokhela ngoba uhola izinkulungwane ezingama-R200 000 eqenjini lakho kodwa uma ungasadlali angeke ukwazi ukuqhubeka nesikweletu somuzi,” kusho uMashego.
Abadlali abagijima esigabeni esikhulu badume ngokuphila impilo entofontofo.
“Nakhona uma usadlala kungenzeka iqembu ebelikunika izinkulungwane ezingama-R200 000 likuchithe uye kwelinye lifike likhale ngeholo lakho ligcina likunika izinkulungwane ezingama-R60 000. Lapho usushayekile ngoba ukhokha isikweletu sendlu sezi-R50 000 ngenyanga. Abadlalo kumele bakuqonde ukuthi impilo abayiphila besadlala ibhola angeke ifane nempilo abasuke bezoyiphila uma bengasadlali. Yingakho kumqoka ukuhlelela ikusasa bese wehlisa izindleko. Iyona into ebulala abadlali bethu. Uhamba ngemoto oyikhokhela izinkulungwane ezi-R20 000 kanti ukhokhela nomuzi wezi-R50 000,” kusho uMashego.
Ukuziphatha kahle kumsizile kakhulu uMashego ngoba ukwazile ukuqala amabhizinisi esadlala. Njengamanje usegxile kuwona.
“Amaqembu amancane angeke akunike lezi zindodla ozithola uma usadlala emaqenjini amakhulu. Lokhu kuholela ekutheni abadlali bagcina sebehluleka wukukhokhela izindlu nezimoto zabo. Amabhange awadlali-ke uma usuhluleka wukukhokha. Ayaqala afune ukulanda okungowabo. Abadlali bethu kumele bahlakaniphe ngokwehlisa izindleko zabo zanyanga zonke,” kubeka uMashego.
Isikhathi esiningi abadlali bathola enkulu ingcindezi emphakathini ngohlobo lwempilo okumele bayiphile. Lokhu kugcina sekwenza ukuthi baphile impilo yamanga.
“Akekho omunye umuntu owaziyo ukuthi uhola malini ngaphandle kwakho uqobo. Awukho umgomo othi ngoba nakhu manje usudlalela iPirates kumele uphile impilo ewubukhazikhazi. Abadlali yibona okumele baziphathe kahle. Kunzima ukuphila impilo elindelwe ngabanye abantu. Abantu bohlale bebheke lukhulu kuwena kodwa phela kumele sikuqonde ukuthi kunenqwaba yabantu abanemali abangalidlali ibhola. Ngakho awufuni ukuziqhathanisa nabo ngoba uzothola ukuthi amaphakethe enu akalingani,” kuqhuba uMashego.
Abadlali bebhola abaconsi phansi kwabesifazane kodwa uMashego uyabaxwayisa.
“Impilo yebhola ayifani nempilo yosaziwayo. Ebholeni kumele unakekele umzimba wakhe ngoba usebenza ngawo.” kusho uMashego.