Ingxoxo ekhethekile: UHunt uthi udinga isikhathi uChippa angenaso
Uma izinto zingahambi kahle akabhali ecisha kwazise ulidedela manje izembe. UDan “Dance” Malesela noRoger Sikhakhane ongasekho emhlabeni bangofakazi bokuthi uMpengesi akanalo uvalo lokudedela izembe uma iqembu liphikwa yimiphumela.
Ngakolunye uhlangothi umqeqeshi omusha weqembu uGavin Hunt ufuna ukunikwa isikhathi ukuze afake iChippa embangweni wezicoco. Ngemuva kokukhonjwa indlela kuKaizer Chiefs uHunt ujoyine iChippa United edume ngokudedela izembe kubaqeqeshi uma izinto zingahambi kahle.
Okwamanje izinto zisamhambela kahle uHunt. Emidlalweni emibili akayazi induku. Kowokuqala uthele othulini iSekhukhune United ngeli 1-0 kwathi kowesibili wabamba ompetha beligi iMamelodi Sundowns badlala ngokulingana kuyiqanda izinhlangothi zombili.
Ngaphandle kokushaya udaka eqeqesha iChiefs, lo mqeqeshi ophethe izicoco ezine zeligi eNingizimu Afrika uzakhele ugazi ngokufika emaqenjini anganakiwe awasize anqobe izicoco.
“IChippa United inalo ithuba lokubalwa namaqembu abanga izicoco eNingizimu Afrika. Lokho ngingakusho ngingananazi. Into umuntu ayidingayo nje wukunikwa isikhathi nje kwaphela,” kusho uHunt exoxa nelaboHlanga engxoxweni ekhethekile.
IChilli Boys ayikaze ihlabane ngesicoco ezingeni eliphezulu. Ngesizini edlule ishaywe kowamanqamu weNedbank Cup.
“Ngijabule ngokuthi sikwazile ukuqoqa amaphuzu emidlalweni yethu emibili yokuqala. Lokhu kuyizimpawu zokuthi kukhona lapho esibheke khona. Nokho asikasondeli ezingeni engifisa sifinyelele kulona. Sihlalelwe ngumsebenzi omningi ejimini. Ayikho indawo emqoka njengasejimini eqenjini lebhola. Ngoba ilapho esibona khona ukuthi ikephi la kudingakala ukuthi siqinise khona amabhawodi asaxega” kuqhuba uHunt.
Eminyakeni eyedlule uHunt unqobe inqwaba yezicoco namaqembu afana noMoroka Swallows, SuperSport United neBidvest Wits.
KuMatsatsantsa asePitori wadla izicoco zeligi amahlandla amathathu elandelana.
Akagcinanga ngokuphakamisa izindebe kodwa ukhiqize neningi labadlali abagcine bephelele eqenjini lesizwe, iBafana Bafana.
KuWits, ufike wayisiza yaqeda ishobolo leminyaka iphuthwa yizicoco.
“Zimbili izindlela zokuthi sikhule njengeqembu ukuze sifinyelele ezingeni engifuna ukubeka kulona iqembu. Wukuthi sisebenze ngokuzikhandla ejimini noma siqinise iqembu lethu ngabanye abadlali abasha emakethe. Angeke kubelula ukungena sigxile emakethe kwazise iqembu alinazo izindodla. Okumqoka ukwenza bone abadlali abasesikwatini sethu baqonde ukuthi yini edingakala kubona,” kubeka uHunt.
Iwindi lokuhwebelana ngabadlali lisavuliwe. Liyoze livalwe ngesonto elizayo.
“Asinawo amandla okuthenga kodwa kukhona abadlali esikhuluma nabo ngenhloso yokuthi bajoyine iqembu. Isikwati sethu sincane kakhulu. Siyadinga ukwengeza. Sidinga abadlali ababili noma oyedwa. Akukho lula ngoba angeke ngikwazi ukuthola engikufunayo. Okubalulekile wukusebenzisa esinakho ukuthola imiphumela engcono,” kulandisa uHunt.
Ngemuva kwekhefu lemidlalo yamazwe, iChippa United izobhekisa amabombo eThekwini ukuyogadulisana neRoyal AM koweligi.
“Leli qembu lingaya kude kakhulu. Into eliyidingayo nje yisikhathi ngoba kunezindawo ezisadinga ukupheshwa. Ukuphesha izimbobo kungathatha isikhathi. Ngabe sinaso isikhathi? Lowo ngumbuzo omkhulu.” kuphetha uHunt.
Wonke amehlo azothi-njo kuMpengesi ekutheni uzokwazi yini ukufeza isifiso sikaHunt ofuna ukunikwa isikhathi ukuze enza okungakaze kwenzeke kuleliqembu okuwukunqoba isicoco noma izicoco.