Lithakwe ngabanqoba eyoMhlaba elamaBhokobhoko
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umqeqeshi weqembu lesizwe lo mbhoxo amaBhokobhoko uJacques Nienaber uthuse abaningi ngoLwesibili ngesikhathi ememezela iqembu elizoqala umdlalo kusasa ngoMgqibelo emdlalweni weRugby Championship Test yesibili. Elakuleli lizophinde libhekane ne-Argentina, emdlalweni ozobanjelwa eNelson Mandela Bay Stadium ngele-17:05 ntambama.
Okuthuse abaningi ukuthi uNienaber wenze izinguquko ezili-11, kubadlali abaqale umdlalo ngoMgqibelo odlule elakuleli libhekene nayo i-Argentina eyeteketiswa ngokuthi iPumas. Umdlalo wangeledlule wanqontshwa elakuleli ngamaphuzu angama-32 kwali-12.
Kwizinguquko ezedlule ushintshe abadlali abayi-6 abadlala emumva nabayi-5 abadlala phambili. Eqenjini lamaBhokobhoko kubuyiswe abadlali emasontweni adlule abanqobe uchungechunge ebhekene neBritish & Irish Lions.
Abadlali abazigcinile izindawo zabo nguLood de Jager, ozobe edlala kwi-Test yakhe yama-50, ukaputeni uSiya Kolisi, uJasper Wiese noCobus Reinach.
UNienaber kubadlali basemumva uzobuyela ngalabo abajwayelekile, kuthi uHandré Pollard abuye endaweni yakhe yokuba iFlyhalf, uDamian de Allende noLukhanyo Am nabo babuyelile enkundleni. Abanye ababuyelile uMakazole Mapimpi osefomini eyisimanga muva nje, uCheslin Kolbe nomdlali wasemuva uWillie le Roux, u-Orie, uMalcolm Marx noTrevor Nyakane nabo bazoqala umdlalo.
Umdlali ozobe ebhekwe kakhulu uThomas du Toit, ozobe eqala umdlalo wakhe wokuqala weTest kule sizini.
Phambili kwi-scrum u-Ox Nche uzobambisana noDweba noWilco Louw , emuva kwaso indawo ka-Franco Mostert izothathwa nguKwagga Smith.
Abadlali ababeqale umdlalo ngeledlule u-Elton Jantjies owayenikwe umsebenzi wokulawula umdlalo kwi-flyhalf, uFrans Steyn noJesse Kriel, emaphikweni kwakugijima abadlali bamaSharks, uSbu Nkosi no-Aphelele Fassi, kwase kwavala uDamian Willemse
“Ngiyazi abantu abaningi bathukile njengoba senze izinguquko eziningi kangaka nje. Abadlali abaningi abadlalanga ngesonto eledlule ngemuva kochungechunge lweLions okwakudingakala ukuthi silinqobe noma ikanjani. Okuhle sebebuyile, siyakuqonda ukuthi bakhona abadlali abasebenza kanzima ukuthi nabo bethole isikhathi sokudlala. Ezinyangeni ezimbili ezedlule, siziqeqeshe kanzima” kusho uNienaber.
Lo mqeqeshi ubalule ukuthi, lesizini izoba yinde kakhulu ngakho-ke badinga ukuthi balingane ukuze sizokwazi ukwenza izinguquko ezingeke zililimaze iqembu.
UNienaber uhalalisele uDe Jager, owanqoba ukuba ngumdlali wonyaka kwimklomelo yeSA Rugby ngonyaka wezi-2015. UDe Jager uzodlala umdlalo wakhe we-50 egqoke ijezi lesizwe, kanti ungowesine kule sizini ozodlala umdlalo angama-50.
Abazoqala umdlalo
uWillie le Roux, uCheslin Kolbe, uLukhanyo Am, uDamian de Allende, uMakazole Mapimpi, uHandre Pollard, uCobus Reinach, uJasper Wiese, uFranco Mostert, uSiya Kolisi ukaputeni, uLood de Jager, uMarvin Orie, uThomas du Toit, uMalcolm Marx noTrevor Nyakane.
Abazoqala ebhentshini
uBongi Mbonambi, uSteven Kitshoff, uFrans Malherbe, uNicolaas Janse van Rensburg, uKwagga Smith, uDan du Preez, uJaden Hendrikse noDamian Willemse.