Now Reading
IZambia isikhulumile kanti abanye bashaqekile
Dark Light

IZambia isikhulumile kanti abanye bashaqekile

Anathi Mtaka

Amaphoyisa aseZambia anxuse izakhamizi ukuthi ziyeke ukuveza ukukhungatheka kwazo ngokubhikisha ezitaladini. Isikhalazo siza ngemuva kokuthi ikhomishini yokhetho yaseZambia iqinisekise ukuthi uMnu uHakainde Hichilema unqobile okhethweni lokuba nguMengameli .

Kulolu khetho umholi weqembu eliphikisayo uMnu uHakainde Hichilema wehlule u-Edgar Lungu onguMengameli waseZambia. Ezibalweni zokugcina ezikhishwe nguSihlalo wenhlangano ebhekelele ukhetho, uMnu u-Esau Chulu uHichilema uthole amavoti ayizi-2,810,777 kwathi uLungu wasendaweni yesibili ngamavoti ayizi-1,814,201, kwabavoti ababhalisile abayizigidi eziyisikhombisa .

Yize engcine eyivumile induku uLungu kepha ike yatibula indoda isola ukuthi ukhetho lolu belugcwele udlame ezifundazweni ezintathu ezibalulekile futhi belungakhululekile. Lokhu bekuyinto engejwayelekile ngoba kuvame ukuthi kube ngabaphikisayo abakhala ngokungahambi kahle kokhetho.

UMqondisi enhlanganweni engenzi nzuzo iCommon Cause Zambia uNks uSusan Mwape waphawula wathi ngalokhu: “UMengameli uthe ukhetho belungahambi kahle ngoba amalungu eqembu lakhe  exoshiwe esikhungweni sokuvota esifundazweni esisenyakatho nentshonalanga kanye nasesifundazweni esiseningizimu. Uthe amanye amalungu abo athunjiwe. Kuphinde kwavela nezindaba zokushona kukasihlalo weqembu esifundazweni esisenyakatho nentshonalanga. Kusolwa ukuthi wabulawa esemsebenzini. ”

Ukuzidlela amahlanga kukaHichilema kumbeka endaweni enhle njengoba kuzoba lula ukwenza izinguquko. Iningi likuncomile ukuvuma induku kukaLungu nokuyinto engejwayelekile njengoba osesihlalweni unede nje angehlulwa bese ebhoka nolaka kuboshwe kwenye inkathi kufe nabantu. Kwenzeka konke nje iZambia isasemanzini emuva kokwedlula ngaloyo obenguBaba wesizwe uMnu uKaunda.

See Also

Scroll To Top