Now Reading
Abashushisi bathi bokholwa ngokubona ngokugula kukaZuma
Dark Light

Abashushisi bathi bokholwa ngokubona ngokugula kukaZuma

Njengoba bekulindelekile, namuhla iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu iphinde yalihlehlisele inyanga ezayo icala lenkohlakalo nokukhwabanisa elithinta ithenda yokuthengwa kwezikhali elibekwe obenguMengameli wakuleli uMnu uZuma.

Nokho okugqame kakhulu kube izethulo ebezithinta isimo sempilo sika uMsholozi. Ohola ithimba labameli bakaZuma, u-Advocate uDali Mpofu utshele inkantolo ukuthi uZuma ngeke akwazi ukuba senkantolo ngoba usaxinwe ukugula.

Ekusekeleni elokugula, incwadi ebhalwe ngudokotela woMbutho wezokuVikela kuleli, uBrigadier General uMcebisi Mdutshwa idwebe isithombe ngalokhu nayilapho abechaza khona izizathu ezenze ukuba kubemqoka ukuba bangenelele. Le ncwadi ibithunyelwe iziphathimandla zejele laseMtshezi yabuye yaba yingxenye yesethulo eNkatolo.

UBrigadier-General Mdutshwa uthe incazelo ngesimo sikaZuma bayathemba ukuthi iyokwamukeleka nokuthi inkantolo izobanika isikhathi ukuze bakwazi ukuzama ukungenelela ngokushesha

Nokho uhlangothi lukaHulumeni ngomlomo woMshushisi Omkhulu u-Advocate uBilly Downer uthe abanelisekile ngezethulo zikaMdutshwa, wengeza ngokuthi ukuhlehliswa kodaba kuzophazamisa izinhlelo zokuqulwa kwecala neselithathe isikhathi eside. UDowner uthe umbuso kumele ujube udokotela wawo ozoyohlola uZuma abheke ukuthi angakwazi yini ukuzohlalela icala.

See Also

Okhulumela uPhiko lwezokuShushisa kuleli iNational Prosecuting Authority (NPA) u-Advocate Mthunzi Mhaga uthe bewumbuso besebekulungele ukuthi baqhubeke necala. “Besilindele ukuthi icala lizoqhubeka kodwa nathi ayikho into esingayenza uma obengumengameli egula, siyathemba ukuthi uzosheshe alulame khona ezokwazi ukuzoqula icala lakhe,” kusho uMhaga.

Lesi simo kubukeka sizoqhubeka nokucijisa imikhonto phakathi kwabameli njengoba kukhona ukuthelana ngodaka ekutheni ngubani okumele asolwe ngokude kuhlehla leli cala.  UZuma udonsa isigwebo sezinyanga ezili-15, kulandela ukulahlwa icala lokudelela inkantolo emva kokwenqaba ukwethula ubufakazi kwiKhomishini ephenya ngezinsolo zokugwamandwa kombuso yidlanzana.

Scroll To Top