Now Reading
Usegcotshiwe njengoMengameli omusha uRaisi
Dark Light

Usegcotshiwe njengoMengameli omusha uRaisi

UMengameli olungiselela ukuthatha izintambo e-Iran uMnu u-Ebrahim Raisi (osesithombeni) uthembise ukuthi uzothatha izinyathelo zokususa unswinyomnotho olunzima olwenziwe yi-United States of America (USA) futhi avale igebe nabantu base-Irani abanganelisekile ngendlela lelilizwe elibuswa ngayo.

Nakuba ekushilo lokhu kodwa wagcizelela ukuthi ngeke abophele ikusasa laleli lizwe kumazwe aseNtshonalanga.

Ngemuva kokuvunyelwa ngokusemthethweni ngoLwesibili nguMholi oPhakeme u-Ayatollah Ali Khamenei njengoMengameli wesishiyagalombili wase-Iran, uMnu uRaisi uthembise ukuthi uzoqhubeka nezingxoxo zokubuyisa isivumelwano sangowezi-2015 ne-USA kanye namanye amazwe omhlaba sokulawula ukusetshenziswa kobuchwepheshe beNuzi e-Iran kanye nokuhoxiswa kwazozonke izinhlelo zonswinyomnotho ezibhekiswe kulelilizwe.

Lesisivumelwano sivuselelwa nje yingoba i-USA yahoxa kuso ngoNhlaba wezi-2018. Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe emcimbini kwamabonakude obukwinhlokodolobha iTehran uMnu uRaisi uthe; “Ngokuqinisekile sizobe sesisusile unswinyo olunonya, kodwa ngeke senze impilo yabantu nomnotho ube sesimeni esifanele, futhi ngeke sikubophele entandweni yabantu bakwamanye amazwe,”.

Izingxoxo zesithupha nabasayine isivumelwano enhlokodolobha yase-Austria ziphele ngoNhlangulana, ngemuva kwalokho i-Iran iveze ukuthi izingxoxo zizoqhubeka kuphela ngemuva kokuba uRaisi eqale ukusebenza kuleli sonto.

UMnu u-Enrique Mora, omele phezulu i-European Union (EU) ezingxoxweni zase-Austria ebahambele umcimbi wokugcotshwa kukaMnu uRaisi izolo okuyisenzo esigxekwe kakhulu yimbangi yesifunda sase-Iran i-Israel.

Yize kusalindelwe ukuthi kubekwe usuku ukuze kuqhutshwe izingxoxo kulandela ukufungiswa kukaRaisi, izinkulumo ezenziwa yi-Iran kanye ne-USA kuleli sonto eledlule ziphakamise ukuthi izidingo zamazwe womabili ziyaphikisana futhi zombili zingadinga ukwenza ukuyekethisa okukhulu ezingxoxweni ukuze kufinyelelwe esivumelwaneni.

UMnu uRaisi uzophinde athathe izintambo zombuso ngemuva kwezinsuku i-USA, i-United Kingdom (UK) kanye ne-Israel besola i-Iran ngokuqhumisa ithangi likawoyela elixhumene nosomabhizinisi wase-Israel, okwashona khona abasebenzi ababili, okubalwa kubo owase-UK nowaseRomania. I-Iran izichithile lezi zinsolo, ithi izophendula ngokuqinile uma amanye amazwe ethatha isinqumo sokuhlasela izintshisekelo zawo.

Enkulumweni yakhe ngoLwesibili, uMnu uRaisi uthe abantu base-Iran bafisa ushintsho esimweni esikhona, nokuthi uzolwenza lolo shintsho ngokuya ngezinguquko ezivezwe ngumholi ophakeme. Ngenkathi ethembisa ukulwa nenkohlakalo uMnu uRaisi uthe; “Abantu bacele uhulumeni ozovala isikhala sokwethembana kwabo okulimele, abuyise lokho kuthenjwa futhi avale igebe phakathi kwabantu nohulumeni,”. Inkulumo yakhe futhi ibigxile nakanjani emnothweni wezwe okhubazekile, obhekene nokwenyuka kwezinga lokwehla kwamandla emali okungaphezu kwamaphesenti angama-40, ukuswelakala kwemisebenzi okuphezulu kanye nokushoda kwemali phakathi kwezinye izinto.

UMnu uRaisi utshele abantu base-Irani ukuthi abaphathi bakhe (esho umholi ophakeme kanye nesigungu sakhe) banezinhlelo ezisheshayo zokulungisa izinkinga ezinkulu zezomnotho. Phambilini ubethembise ukuthi uzoguqula isimo sokwehla kwamandla emali, akhe amakhaya ayizigidi ezine eminyakeni emine bese edala amathuba emisebenzi ayisigidi ngonyaka.

Ukunqoba kukaMnu uRaisi okhethweni lokuqoka uMengameli omusha olwaba nempikiswano zili-18 kuNhlangulana bekuphinde kwaba yindawo yokukhuluma emcimbini wangoLwesibili.
UMnu uRaisi uthe abantu bamukhombisa uthando ngosuku lokhetho, bathumela umyalezo wokweseka lelilizwe laSulumane kanti uyaqonda ukuthi bafuna ubulungiswa kuphele nokulungiswa kokungalingani nokuqedwa kwenkohlakalo.

See Also

Ngokwezibalo ezisemthethweni, inani lababephumile ukuyovota lalingamaphesenti angama-48.8, okuyisibalo esiphansi kunawo wonke emncintiswaneni kaMengameli selokhu kwaba nezinguquko ngowe-1979. Futhi ngokokuqala ngqa selokhu kwaba nenguquko, isabelo samavoti angenalutho saba ngesesibili ngobukhulu ngemuva kukaRaisi.

Umjikelezo wokhetho ubuye wakhonjwa ukungavunyelwa okubanzi kwabafuna izinguquko nabalinganiselayo, iningi labo elibhikishele ukungavunyelwa kwabo kepha lakhuthaza abantu ukuthi bavote nokho.

Umholi ophakeme uKhamenei ngoLwesibili uthe inani labavotayo lihle, uma kubhekwa ubhabhane lokhuvethe nalokho akuchaze njengemizamo yezitha yokuqinisekisa ukuthi abantu abavoti.

Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe emcimbini wokweseka uMnu uRaisi ngoLwesibili uKhamenei uthe; “Itulo lokuduba ukhetho lalihlelwe yizitha, okwalandelwa ngabathile ngaphakathi ezweni kungaba budedengu noma ngenhloso, kepha ukubamba iqhaza kwabantu kwaba yimpendulo enqumayo kulokho,”.

NoMengameli ophumayo uHassan Rouhani obehleli eceleni komholi ophakeme wabuye wathi ukudluliswa kwamandla ngokuthula kukhombisa ukwehluka kwezepolitiki kanye nenkululeko kanjalo nempilo yokhetho. UKhamenei uyalele uRaisi ukuthi asheshe asungule uhulumeni ozosebenzela abantu, akhulume nabo ngobuqotho futhi alwe nenkohlakalo.

Scroll To Top