Now Reading
Bavela enkantolo abasolwa ngokuzama ukuketula uhulumeni
Dark Light

Bavela enkantolo abasolwa ngokuzama ukuketula uhulumeni

Amalungu ahola iqembu eliphikisayo eBelarus aqale ukuqulwa kwamacala ngoLwesithathu. Lokhu kuyingxenye yomkhankaso wokulwa nalokhu uhulumeni wakulelilizwe okubiza ngokuvukelwa kombuso kulandela imibhikisho eyathatha izinyanga ephikisana nemiphumela yokhetho eyavuna uMengameli u-Alexander Lukashenko.

UNkk uMaria Kolesnikova, oyilungu eliphezulu kuMkhandlu Wokuphikisa, ubelokhu egcinwe esitokisini selokhu aboshwa ngoMandulo wanyakenye. Usolwa ngokwakha itulo lokushaqa amandla ombuso, ukusungula inhlangano eyeqisa abantu kulelilizwe ibase kwangomakhelwane kanye nokufuna kwenziwe izenzo ezilimaza ukuphepha kombuso.
Icala likaNkk uKolesnikova noMmeli uMaxim Znak (elinye ilungu eliphambili loMkhandlu Wokuxhumanisa) naye obhekene namacala afanayo, liqale ngasese eNkantolo yesiFunda yaseMinsk enhlokodolobha yaseBelarus.

Bangase babhekane neminyaka eli-12 ejele uma belahlwa yicala. UNkk uKolesnikova, owasiza ukuhlanganisa imibhikisho ephikisayo eyaqubuka ngemuva kokumenyezelwa kwemiphumela yokhetho ngoNcwaba wanyakenye wayiphikisa imizamo yeziphathimandla yokumphoqa ukuba ashiye izwe.

Ngesikhathi izikhulu zezokuphepha zaseBelarus zimyisa emngceleni ne-Ukraine ngoMandulo wanyakenye ukuyomxosha ngenkani, waklebhula incwadi yemvume emuwezela kulelilizwe wabe esebuyela eBelarus lapho ezoboshwa khona.

Ngemuva kokuthi abameli bakhe bethule ukuthi useboshiwe lomholi wabaphathisa umyalezo othi; “Inkululeko kufanele siyilwele. Ungesabi ukukhululeka. Angizisoli ngalutho futhi ngingakuphinda nanini.” Ngaphambi kokuqala kokuqulwa kwecala lakhe, uNkk uKolesnikova usho encwadini ayibhale esejele ukuthi iziphathimandla zathembisa ukumkhulula esitokisini uma ecela ushwele futhi enikeza ingxoxo ephendukile kwabezindaba zombuso.

Wama kwelokuthi akanacala futhi wasenqaba lesi sipho. Ngenkathi uNkk uKoresnikova noMnu uZnak beqhubeka nokuqulwa kwecala, umsubathi wase-Belarus okuma-Olimpiki wabaleka esuka eTokyo waya e-Europe ngemuva kokumelana nomzamo wezikhulu zethimba lakhe zokumthumela ngenkani ekhaya lakhe eBelarus ngemuva kwengxabano ngokuqeqesha. Lomsubathi oneminyaka engama-24 ubudala uKrystsina Tsimanouskaya uthe angaba sengozini uma ebuyela ezweni lakhe.

IBelarus ishaqiswe yimibhikisho yezinyanga ebhebhezelwe nguMengameli Alexander Lukashenko ngokunikezwa ihlandla lesithupha ngemuva kokhetho lwanyakenye, okuyinto abaphikisi nabaseNtshonalanga abayibiza ngehlazo. Uphendule lemibhikisho ngomkhankaso omkhulu owenze kwaboshwa abantu abangaphezu kwama-35 000 nezinkulungwane zashaywa ngamaphoyisa.

Iziphathimandla ziqinise umkhankaso wazo wokulwa nokungezwani emasontweni adlule, zikhombe izintatheli ezizimele kanye nezishoshovu zentando yeningi ekuhlaselweni ngamakhulu.

See Also

NgoLwesithathu, uhlaka lwezokuphepha lombuso waseBelarus olusebenza ngaphansi kwegama layo leSoviet KGB lubophe uUladzimir Matskevich, onguSolwazi wefilosofi owasungula inyuvesi ephezulu ezimele, ngemuva kokugasela efulethini lakhe eMinsk.
Uzakwabo kaMatskevich, uTatsiana Vadalazhskaya, owayeyilungu le-Coordination Council ephikisayo, no-Ulad Vialichka, owayeyinhloko ye-EuroBelarus inhlangano engekho ngaphansi kukahulumeni, nabo baboshwa kulandela ukuseshwa emafulethini abo.

IVasna Human Rights Centre ithe iziphathimandla zibasola ngokulimaza ezokuphepha kombuso nokudala udweshu. NgoLwesibili, uVitaly Shishov, isishoshovu saseBelarus ebesiphethe iqembu e-Ukraine lisiza abantu baseBelarus ababalekela ukushushiswa, utholwe elenga epaki kwinhlokodolobha yase-Ukraine iKyiv.

Amaphoyisa ase-Ukraine avule idokodo lokuphenya ukuthi ngabe ukuzibulala noma ukubulala okwenziwa ukuthi kubukeke njengokuzibulala. UMengameli wase-Ukraine uVolodymyr Zelenskyy uyalele abomthetho bezwe ngoLwesithathu ukuthi bavikele kangcono abantu baseBelarus abafuna ukuphephela ezweni lakhe.

Kulenkulumo uqhubeke wathi; “Wonke umuntu waseBelarus ongaba isisulu sezelelesi ngenxa yesimo sezepolitiki kumele athole ukuvikelwa okukhethekile,”.

Scroll To Top