UNotoane uzigwaze ngowakhe ehluleka eToyko
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Iqembu likanobhutshuzwayo lakuleli labaneminyaka engaphansi kwengama-23 eliseJapan, eToyko lapho kusingethwe khona umqhudelwano ama-Olympics benginethemba lokuthi lizoyithola indondo yegolide, eyesiliva noma eyethusi okungenani.
Ukuba kwami nethemba kwaba ngesikhathi umqeqeshi uDavid Notoane, ememezela abadlali abangama-40 ayezokhetha kubona kwabazoya eToyko lalikhombisa ukuthi liqine kakhulu. Ngizizwe ngiphoxeka sengibona ememezela iqembu lakhe lokugcina.
Ngokwami ngalibona liyiqembu okungelula ukuthi lingenza ezibukwayo kulo mqhudelwano omkhulu ngaphezulu kweNdebe YoMhlaba.
Okwenza ngalibona leli qembu ukuthi ngeke liye kude kulo mqhudelwano ingoba uNotoane wavele wamemezela iqembu elinabadlali abaningi abadlala emumva, okukhona ukaputeni uTercious Malepe we-FC Minaj yase-Ukraine, uLuke Fleurs weSuperSport United, uSibusiso Mabiliso noReeve Frosler Kaizer Chiefs, uThendu Mukhumela weCape Town Spurs, uThabiso Monyane we-Orlando Pirates noKatlego Mohamme we-University of Pretoria FC.
Umdlalo wokuqala neJapan wakhombisa ukusaba efaka abadlali abahlanu basemumva ekhombisa ukuthi uyasaba futhi akukho angakwenza njengoba abadlali bengekho nje. Wafaka uMabiliso, uMalepe, uFrosler, uMukhumela noFlerurs.
Esiswini enabadlali abayi-6 uTeboho Mokoena weSuperSport United, uThabo Cele weCD Cova Piedade yasePortugal, uNkosingiphile Ngcobo weKaizer Chiefs, 21, uGoodman Mosele weBaroka FC, uKamohelo Mahlatsi weSwallows FC noKobamelo Kodisang weSC Braga yasePortugal.
Kubagadli kukhona abadlali ababili nje kuphela uLuther Singh weSC Braga, Portugal no-Evidence Makgopa weBaroka FC.
Lokhu kungishiye nombuzo wokuthi kanjani uNotoane ehambe nabadlali abancane kangaka ekubeni amanye amazwe ekhombisa ukuthi azimisele ukwenza kahle kulo mqhudelwano. IBrazil ifike noDaniel Alves kanye noRicharlison we-Everton, uRicharlison emdlalweni wokuqala washaya amagoli amathathu.
Sinabadlali abaningi uNotoane abaneminyaka engaphansi kwengama-23 akade engakhetha kubona uma engabatholi laba abafunayo. UGiven Msimango ongukaputeni omncane kwiDStv Premiership no-Ethan Brooks beTS Galaxy, uBongokuhle Hlongwane weMaritzburg United noCelimpilo Ngema weMarumo Gallants FC ebiyaziwa ngeTTM ukubala abambalwa nje.
La badlali kukhona akade bengakwenza ngoba babe nesizini enhle emaqenjini abo. Kuliqiniso ukuthi khona amaqembu anqabile nabadlali babo njengeBrighton & Hove Albion yase-England eyanqaba noPercy Tau, iSundowns eyanqaba noThemba Zwane yathi ukhathele, noSphephelo Sithole weBelenenses yasePortugal.
Yize kunjalo kodwa baningi abadlali ekade bengathathwa ababili abadala, uBradley Grobler weSupersport United ube ngumgadli oshaye amagoli amaningi kuligi yeDStv Premiership, Siyethemba Sithebe wa-AmaZulu FC oqokwe njengomdlali ovelele kumqhudelwano iCosafa Cup, uThabiso Kutumela kukhona akade engakwenza phambili noBongani Zungu ubuhlakani bakhe bebungasiza kakhulu.
Kodwa iNingizimu Afrika ibikholelwa ukuthi uNotoane engenza kahle kodwa ngokwami ngibona ehlulekile ukuthaka iqembu lakhe.
Bamubalwa abadlali abatshengise ukulwela izwe, abanye bebezidlalela bona. Bengilindele lukhulu kuSingh nakuMokoena (Ngimbongele ngokushaya igoli elihle sibhekene neFrance) kodwa labadlali ngokwami badlale into encane. Yize kunjalo kodwa kuleli qembu likaNotoane bathathu abadlali abangihlabe umxhwele.
UThabo Cele: Kuyona yonke imidlalo usibambe saqina isisu, uzenzele ugazi kubantu abaningi. Baningi abantu akade beqala ukumbona kodwa utshengisile ukuthi naseqenjini elikhulu engancintisana nabadlali abaningi. Kuyimanje ufunwa uthuli izinkunzi zasePortugal iFC Porto. Lo mfana waKwaMashu ikusasa lakhe liqhakazile, futhi nephupho lakhe lizofezeka. Ngaphambi kwalo mqhudelwano wakhuluma nelaboHlanga wathi ufuna ukuzidayisa ngokuthi enze kahle.
ULuke Fleurs: Lesi sitobha singikhumbuza uMbulelo “Oj” Mabizela sikwenza konke asitatazeli nhlobo, sisukile naphansi okuyinto ethandwa amaqembu aphesheya. Naye njengoba enemidlalo engama-20 nje ikusasa lakhe naye liqhakazile kakhulu.
UKabemelo Kodisang: Lo mdlali odlala ohlangothini naye udlala kahle kakhulu, ngithemba ukuthi usazoqhubeka nokudlala phesheya kwezilwandle.