Now Reading
Isithole uNdunankulu omusha iLebanon
Dark Light

Isithole uNdunankulu omusha iLebanon

nguNtobeko Shozi

Usomabhizinisi ongusozigidi uMnu uNajib Mikati uqokwe njengoNdunankulu omusha ngoMsombuluko kulandela ukubambisana kwePhalamende noMengameli uMichel Aoun. UMikati ugijime cishe engaphikiswa, uthole amavoti angama-72, nowayeyinxusa lakhe uNawaf Salam wathola ivoti elilodwa vo. Amalungu ePhalamende angama-42 alonile ivoti lawo, kanti amalungu amathathu awazange avote nhlobo.

Ukuqokwa kwakhe kwenzeka ezinsukwini ezili-11 nje kuphela ngemuva kokusula esikhundleni kukaMnu uSaad Hariri njengoNdunankulu, ngemuva kwezinyanga eziyisishiyagalolunye zokuvalwa kwezepolitiki nokuphikisana noMengameli u-Aoun nomkhwenyana wakwakhe ePhalamende uGebran Bassil.

Etshela abezindaba ngemuva kokuqokwa kwakhe uMikati uthe; “Ngokusebenzisana nomengameli, sizokwakha uhulumeni ngokwenqubo yaseFrance,”. NgoNcwaba wanyakenye, uMengameli waseFrance uMnu uEmanuel Macron wangenelela ekungahambeni kahle kwezinto kulelilizwe wacela ukuba izwe lakhe libe ngabeluleki nenkombandlela kulelilizwe elisotakwini. Uma uMikati ewakha ngempumelelo uhulumeni, lokhu kuzoba yisikhundla sakhe sesithathu njengoNdunankulu waseLebanon.

UbenguNdunankulu izinyanga ezimbalwa ngo-Mbasa wangowezi-2005, wabe esehola uhulumeni ophelele ngowezi-2011 iminyaka emithathu. Umnotho waseLebanon uyaqhubeka nokuwohloka nengxenye yabantu abahlala ngaphansi komugqa wobuphofu kanye namandla emali alahlekelwe ngaphezu kwamaphesenti angama-90 kwinani layo. Izwe selihlale unyaka owodwa lingenawo uhulumeni ophelele futhi lilwela ukuguqula umnotho walo ukuze livule usizo lomhlaba wonke.

Losomabhizinisi wasedolobheni elisenyakatho neTripoli uthole amavoti avela emaqenjini amakhulu ezepolitiki amakhulu eLebanon, kubandakanya iFuture Movement eholwa nguNdunankulu wangaphambili uSaad Hariri, iHezbollah kanye neqembu elikanye namaShia i-Amal Movement, kanye neProgressive Socialist Party eholwa iDruze.

Isikhulu se-Senior Future Movement uMnu uMustafa Allouch uthe uMnu uHariri kanye neFuture Movement bazoqhubeka nokufuna uhulumeni wezinhlangano ezizimele ezingabandlululi. Kodwa, uMikati akazange awathole amavoti avela emaqenjini amakhulu amabili enkolo yobuKristu aseLebanon.

IFree Patriotic Movement, okuyisigungu esikhulu kunazo zonke ePhalamende lamaKrestu eLebanon, yanquma ukungamusho umuntu ozongenela ukhetho.

Ilungu lePhalamende uMnu uGebran Bassil ohola iqembu naye uthe akazange amvotele uMikati ngenxa yalokhu akubiza ngesipiliyoni sangaphambilini esasidumaza.

Ilungu lePhalamende leFree Patriotic Movement uMnu u-Alain Aoun uthe unethemba lokuthi uhulumeni uzokwakhiwa noMikati njengoNdunankulu oqokiwe kunakuqala noSaad Hariri, okwaholela ekutheni kube nokudikilana kwezinyanga eziyisishiyagalolunye.

UMnu u-Aoun uthe okusemqoka kweqembu kuhulumeni ozayo ukuvimba ukuwa kwezezimali njengesivumelwano sokutakulana se-International Monetary Fund (IMF) okufaka phakathi ukucwaningwa kwamabhuku kwezomthetho nezinye izinguquko.

See Also

Ilungu lePhalamende LaseLebanon uMnu u-Anis Nassar uthe baqale bakhetha ukuxhasa uMnu uNawaf Salam njengoba benza ngonyaka odlule, kodwa emuva kwalokho bawushintsha umqondo. Banqume ukungaphakamisi muntu.

Echaza ngalesisinqumo uthe; “Sinqume ukuthi akekho noyedwa ofanelwe esobuNdunankulu, noma ngabe unguNdunankulu ohlonipheke kangakanani, onamandla futhi onethonya elingakanani, ngaphakathi kohlelo lwezepolitiki kanye neqembu eliphakeme, angeke akwazi ukwenza lutho kuleli”. UMikati ubeyilungu lePhalamende elimele iTripoli, waphinde waba ngomunye wabanikazi bezinhlangano ezihlanganisa izigidigidi zeM1 Group.

Ngasekupheleni kowezi-2019, isakhamuzi saseLebanon saletha amacala kuMikati ngenxa yokuthola inzuzo ngokungemthetho kwimalimboleko yezindlu exhaswe nguhulumeni.
Uyaziphika lezi zinsolo futhi uthi bezihlobene nezepolitiki.

Ohlelweni lwezepolitiki yaseLebanon, isikhundla sikaNdunankulu kufanele siphathwe ngongumSunni Muslim, isikhundla sikaMengameli siphethwe ngumKrestu waseMaronite, kanti isikhulumi sephalamende ngumShia Muslim.

Scroll To Top