IHaiti iqoke uNdunankulu omusha ngemuva kokubulawa kukaMengameli



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Uhulumeni waseHaiti ngoLwesibili (ngesonto eledlule) uqoke ngokusemthethweni u-Ariel Henry (osesithombeni) njengoNdunankulu walelizwe, cishe emasontweni amabili ngemuva kokuthi uMengameli uJovenel Moise edutshulwe washona, kwitulo lokubulala okungenzeka lidlulele ngale kwemingcele yalelizwe eliseCaribbean.
UHenry uthathe isikhundla sokuba ngumholi wesizwe esimpofu kakhulu eNtshonalanga Nenkabazwe ngokusemthethweni emcimbini owawusenhlokodolobha iPort-au-Prince, lapho aqala khona inkulumo yakhe yokuvula ngokucela umzuzu wokuthula (moment of silence) kuhlonishwe uMengameli obulewe.
IHaiti ibilokhu ilwa nokungabi namthetho okubhebhezelwa amaqembu ezigelekeqe futhi uHenry uthe ufuna ukudala izimo ezifanele zokuthi bavote okhethweni, okwamanje oluhlelelwe uMandulo. “Isikhathi sokubumbana nokuzinza,” kusho uHenry. Lowo owayenguNdunankulu osephuma uClaude Joseph uthe ukuqokwa kukaHenry kuhloselwe ukwenza lula ukhetho, olwagcina ukubanjwa ngowezi-2016. Wabuye waxwayisa ngomsebenzi onzima owawusazokwenzeka.
“Uthole isimo esivelele ngokungabi khona kukaMengameli ozosebenza njengesihlangu sakho, inkinga yezombusazwe engakaze ibonwe emlandweni wezwe, ukuqeda ukungazethembi, isimo sezomnotho esingesihle neze,” kusho uJoseph. Bobabili uHenry noJoseph bagcizelela ukuthi uhulumeni kudingeka abuyise ukuhleleka nokuvikeleka kanye nomsebenzi wokuqinisa umnotho owoniwe ubugebengu nobhubhane lokhuvethe.
Lo mcimbi obungoLwesibili( ngesonto eledlule) wenzeka ngesikhathi kuqala izinkonzo ezisemthethweni zokukhumbula uMoise, owabulawa phakathi kwamabili endaweni yakhe yokuhlala ePort-au-Prince yiqembu labangaphezu kuka-20 iningi labo okwakungabasebenzi baseColombia.
Umphathi wezokuphepha komholi uqobo(uMoise), amanye amaphoyisa aseHaiti kanye nabambalwa abanobuzwe baseHaiti nobaseMelika baboshiwe ngezinsolo zokubandakanyeka kutulo lokubulala umengameli. Ukubulawa kukaMoise kunyakazise uhlelo lwalelizwe lwezepolitiki eselivele luntekenteke ngenkathi kugxilwe ukunakekelwa ezikhungweni ezibuthakathaka ezibuthakathaka ezihlaselwa amaqembu ezigelekeqe anamandla alawula amasheya eHaiti njengamakhosi asembusweni.
Undunankulu uHenry, oyi-neurosurgeon oneminyaka engama-71 ubudala, wathathwa nguMoise ukuba abe nguNdunankulu omusha ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokuba abulawe, kodwa ngaleso sikhathi wayengafungiswa ngokusemthethweni kulesi sikhundla.