Ukuvulwa kwezikole kube impumelelo
UMphathiswa Wemfundo KwaZulu-Natal uMnu uKwazi Mshengu uthi ugculisekile ngesimo asibone ngosuku lokuqala kade kuvulwa izikole namhlanje ekuseni.
Ngemuva kokuvakashela izikole ezimbalwa ePhoenix, uMshengu uthe konke ukubone kuhamba kahle. Indawo yasePhoenix isematheni kulezi zinsuku emva kwezigameko zokubulawa kwaboHlanga ngabomdabu baseNdiya.
“Sinqume ukuthi sihambele izikole zalapha ePhoenix ngoba cishe sonke siyasazi isimo esikhona kulendawo, besifuna ukubona ukuthi ukuqala kokufunda kuhamba kanjani kulendawo njengoba sazi ukuthi izikole zalapha ezinye zazo zigcwele abafundi abamnyama abaqhamuka ezindaweni ezingomakhelwano njengakwaMashu naseNanda,” kusho uMshengu.
Simanzonzo isimo kulendawo emveni kwezigameko zokuhlaselwa kwaboHlanga njengoba kunokubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwaboHlanga nabomdabu baseNdiya, kunanovalo lokuthi aboHlanga bangase baziphindiselele.
UMshengu uthe benze isiqiniseko sokuthi zonke izidingo nezinsiza ezidingeka ezikoleni zikhona ukuze kungabikhona ukuphazamiseka kokufunda nokufundisa.
Uthe ithimba labo lizoqhubeka nokuqapha izikole kuzona zonke izifunda ezili-12.
Izikole ezingaphezu kwe-100, KwaZulu-Natal zacekeleka phansi ngesikhathi kuqhubeka imibhikisho enodlame neyaholela ekutheni abanye abantu ababeyingxenye yayo bagcine sebezingenela ezitolo bantshontsha ukudla nezimpahla.
UMshengu uthe kulezo zikole ezicekelwe phansi bafaka izinsiza zesikhashana ukwenza isiqiniseko sokuthi ukufunda akuphazamiseki.
UMnyango Wemfundo eyisiSekelo umemezele ukuthi abafundi basemazingeni aphansi kusukela ngesonto elizayo ngoMsombuluko sebezofunda ngokugcwele isonto lonke hhayi ukuthi bangene izinsuku ezimbalwa esontweni ngenhloso yokuzama ukuvala isikhala esimoshekile njengoba bekuhlale kufundwa kubuye kumiwe ngenxa yoKhuvethe olugubuzele umhlaba oseludlule nenqwaba yemiphefumulo.
UMshengu uthe uhlelo lokugoma othisha luhamba kahle.