Now Reading
UMntwana uphawula ngesigameko esenzeke eNkandla
Dark Light

UMntwana uphawula ngesigameko esenzeke eNkandla

Ngiyazi ukuthi lolu daba lwalowo owayenguMengameli wethu luyudaba olubucayi noma ngabe umuntu ulubuka ngakuluphi uhlangothi. Nxa uluthinta kalwehlukene nomuntu obhukuda kwesinengwenya.

Ngiyazi ukuthi abaholi bezinhlangano zombusazwe bonke sebephawulile ngalo. Luwudaba engibona luzokwehlukanisa kakhulu isizwe sakithi. Ngenxa yalesi sizathu ngithe kangiphawule nami siqu, hhayi ngohlangothi lwami lwezombusazwe noma njengoNdunankulu weSilo noZulu. Ngithe ngibona ngingaba necala kubantu nakuNkulunkulu uqobo uma ngingabona isizwe sakithi singase singene obhukwini uma singaqapheli ngiwuhlabe inhlali kanti sengingomunye wemithonselana esasele kontangayethu lapha emhlabeni wakithi.

Amabutho ezoqinisa idolo ilungu lawo eNkandla. Isithombe: AP

Ngifisa ukuba zisuka-nje phansi ukuba ngiphumele nje obala ukuthi ngimzwela kakhulu uMsholozi ngokuba abhekane nengwadla engaka, ebengaka ngobudala. Sekusele izinyangana ezimbalwa ahlanganise amashumi ayisishiyagalombili eminyaka (80), sesisebuxhegwini sobabili noma yena esengumfana kimi nxa kubalwa iminyaka. Ngisho futhi ukuthi ngiwuzwela kakhulu nomndeni wakhe, omkakhe, nezingane, nabazukulu bakhe. Nanjengoba ayeke wanguMengameli wethu futhi owabaneqhaza empini yethu yenkululeko. Ngakho kangimsoli yena siqu kakhulu kodwa ngisola abameli bakhe abamdukisileyo.

Nokho-ke engifuna ukugxila kukho nxa ngibona izwe lethu lingase lishe nokusha, ngakho konke lokhu okwenzeka eNkandla, wukuthi lokhu okumveleleyo uMhlonishwa uMnu uZuma akungqala ngaye. Akuqali ukuba umholi ovelele kanjengaye-nje abhekane nenkinga yokuboshwa etilongweni, kufanele noma kungafanele.

Lokhu ngikubhekise ngqo kubantu bakithi abezwa ubuhlungu nasebenza la maxongo enzekayo kwaDakw’udunuse, emzini kaMsholozi. La maxongo enzekayo ayingozi esizweni sakithi sonke. Kulimaza isithunzi sethu njengabantu besizwe sikaZulu nanjengaboHlanga.

Izolo leli likabule umhla zizi-4 kuNtulikazi bekuwusuku lapho uZulu namabutho kakhokho wami iNgonyama uCetshwayo kaMpande ahlulwa khona yimpi yamaNgisi lapha Ocwecweni, Ondini. Kuqondene ngesimanga nale ngxoxo yami nezintatheli. ISilo uCetshwayo waboshwa wadingiselwa eKapa, wayisiboshwa kuCastle eKapa nogogo. Emva kwalokho waboshelwa epulazini i-Oude Moulen. Kuleyo mpi yamaNgisi noZulu wayesemandleni amakhulu, kuyimpi yamaqhawe. AmaNgisi ayesebenzisa impi engaphezulu kwaleyo abanqoba ngayo izwe i-India, nesizwekazi sase-India ukuze anqobe uZulu lapha Ondini.

Phezu kwakho konke lokho kuboshwa nokwalandela lapho, uZulu isizwe esasinamandla angakho kasizange siqubuke sithi asilwe nalabo ababezobopha iNkosi, iSilo uCetshwayo. Kudala kangako imiqondo yesizwe sikaZulu yayisivuthwe ngokwaneleyo ukwazi ukuthi kwakungaba wubuwula bokuqala nobokugcina, ukuqubuka, bathi ngeke iNkosi yethu ngeke iboshwe, iyoboshwa sifile sonke. Babazi ukuthi ngeke bafake isizwe sikaZulu emlilweni ababengeke bakwazi ukuwucima ngoba awukho umbethe owake waphikisana nelanga.

Ngokwenzenjalo uBabamkhulu iSilo uDinuzulu, waboshwa naye noyise uMntwana uNdabuko wakwaMinyamanzi noMntwana uShingana (wasOnkweni) iNkosi uDinuzulu yadingiselwa le esiqhingini esikude eRobben Island. Ngaleso sikhathi amafelankosi ayekade eyilwela iNkosi noBukhosi esizweni sikaZulu awazange asuse nomncane umsindo. UZulu esenguZulu ngaleso sikhathi. Ngemva kwalokho yabuyiswa iNkosi ngowe-1897. Kwathi ngowe-1905 isibuyele Osuthu, kwafika iNkosi yakwaZondi endaweni yaseMgungundlovana (Greytown), yaletha umkayo eSigodlweni Osuthu uSiyekiwe (uMaZuma) kanye nendodakazi yabo uKholekile.

UMaZuma emva kwesikhathi kade esoSuthu lapho ayethukuzwe khona nendodakazi yakhe uKholekile, wayidayisa iNkosi, waya eMantshini khona lapha eMahlabathini. Wadalula ukuthi kade efihliwe emzini weSilo Osuthu. ISilo uDinuzulu waphinda waboshwa, waquliswa icala eMgungundlovana, lamlahla lokuvukela umbuso. Waboshwa wafakwa ejele eNewcastle. Nxa kwenzeka konke lokho akukho luthuthuva olwenziwa yisizwe sakwaZulu, iNkosi yabo beyithanda sebeke bayifela nasempini kaMandlalazi noSuthu KwaNdunu.

Ohlangothini lukaBaba ongizalayo, uBabamkhulu ozala uBaba, uMkhandumba kaMnyamana kwathi kungafa iNkosana kaMnyamana uTshanibezwe kwamela ukuba athathe isikhundla sokuphatha isizwe sakwaButhelezi. Kwasuka labo ababefuna ukuba kube yibo ababekwayo esikhundleni sikaTshanibezwe babophela uBabamkhulu uMkhandumba amanqina enyathi, bathi ubulele umuntu ayesemzini wakhe eMavakeni, eNgoje.

Waboshwa ubaba njengoba ayezalwa nguMnyamana owayekade enguNdunankulu weSilo sasoNdini uCetshwayo nomdidiyeli wamabutho kunguye owayephaka impi ngenkahi amaNgisi ehlasela uZulu. Kodwa ngenkathi indodana yakhe uMkhandumba iboshwa akuzange kuvumbuke noyedwa esizweni sikaZulu, nasesizweni sakwaButhelezi ukususa uthuthuva ngoba bethi bazokulwa ngoba kuboshwa uBabamkhulu uMkhandumba.

Kwathi noma uNgqongqoshe weZobulungiswa (Justice) wangaleso sikhathi, uJBM Hertzog emveni kokunqunywa kwecala, wacela kuLusibakhulu uLord Gladstone ngoba leli lizwe lalisaphethwe ngamaNgisi, uLusibalukhulu ePitoli uLord Gladstone, kodwa wenqaba ukwemukeka izincomo zikaNgqongqoshe weZobulungiswa, wathi akugcwaliswe ukuba uBabamkhulu uMkhandumba anqunywe. Nempela wanqunywa. Akuzange kusuke noyedwa esizweni sakwaButhelezi, olufana nalolu esilubona lwenziwa yilabo abathi bezwela lowo owayenguMengameli wethu, uMhlonishwa uJacob Gedleyihlekisa Zuma, eNkandla.

UMkhandumba uBabamkhulu (ozala ubaba ongizalayo uMathole) wanqunywa zingama-22 kuNhlolanja we-1911. UBabamkhulu uMkhandumba wayefela kuphela ngoba engomunye wamabutho aguqisa amasontsha amaNgisi eSandlwana, mhla zingama-22 kuMasingana we-1879. Akuqhamkanga amaxhongo enziwa ngabantu bakithi, abathi bazokufa nokufa nxa uMhlonishwa uZuma engaboshwa, njengoba sekunqume inkantolo enkulu kunazozonke ezweni, inkantolo yoMthethosisekelo. Akuzange kuqhamuke amaxongo asikaza ukuba kuchitheke igazi, nxa uMhlonishwa uZuma engaya ejele. Uqavile umholi uZuma kodwa kangiboni ukuthi ungaphezulu kwalaMakhosi angaka eSizwe sikaZulu.

Lokhu kungafana nokuthi uzama ukuphikisana nombethe nelanga, yinto engakaze yenzeke leyo selokhu kwathi nhlo!

Ababoni yini ukuthi manje sekuwumbuso uqobo abathi bazobhekena nawo. Laba bafowethu abathi bazofela uMsholozi ngabe bathi bazobhekana nombutho wamaphoyisa namasotsha empi? Ingani lokho ngase kuwukubhekana nabantu bonke baseNingizimu Afrika abangaxabene noMsholozi.

See Also

Abantu bakithi babesahlangene besabumbene njengesizwe ngaleso sikhathi kodwa babenomqondo owaziyo ukuthi awukho umbethe owake waphikisana nelanga. Khona-nje manje iningi lethu selizelwe sesikhulile, umbuso wobandlululo ubophe abaholi bethu izingqwayingqwayi zomzabalazo ezifana naye uMsholozi, oMandela, oGovan Mbeki, oSisulu nabanye ngowe-1964 bathi bodilikelwa yijele. Umbutho wethu ka-African National Congress awuzange uvuke indlobane njengoba la maxongo esiwabona eNkandla enza. Ngabe basho ukuthi laba asibathandi njengabaholi bethu njengoba sithanda uMnu uZuma, ngaphezulu kwabo?

Okwesibili okwenze ngasukuma phansi wukubona lezi zixongo esizibona eNkandla nalapho zibhikisha noma zilalele uMengameli uZuma, bephula imithetho eshaywe ukuvikela isizwe sonke, benyathelana nxa belalele bengakwenzi okuthiwa kasikwenze ukuthi singasondelani. Bengafakile nezimfonyo lezi okuthiwa asizifake sonke ukuvikela thina nabanye, imindeni yethu, nabanye abantu bakithi.

Bekwenza lokhu uMengameli uRamaphosa kade esiqwashisa-nje kuzo lezi zinsuku ukuthi sekufike uhlobo lwegciwane iDELTA lalolu khuvethe elungumnqamlajuqu nelithathelwana kakhulu. Kodwa nxa nje abanye abantu besibona emhlabeni, besibona siziphatha kanjena, bathi singabantu abanjani? Sizehliselani kangaka isithunzi sethu njengabantu baseNingizimu Afrika? Nanjengabantu baseNingizimu Afrika ngabe sesigcwalisa zona izinhlamba zalaba abasibiza ngezinkawu nezimfene?

Ngiyancenga sizwe sakwethu, nicabange, nijule, sibuke ukuthi izwe lakithi lisobhukwini olungakanani. Elinye iqhawe elalwela isizwe saboHlanga iNkosi enkulu yesizwe sabaPedi, iNkosi uMampuru waboshwa, kwathiwa ususe udungunyane. Kodwa asizange isizwe sabaPedi sisuse umsindo nothuthuva nokuthatha izikhali. Sibona laba abazibiza ngamasotsha eMK bephethe izibhamu nezinhlamvu nxa beviliyela eNkandla. Nxa benza konke lokhu esengikushilo, becela inselelo eMbusweni uqobo, uMbuso phela umele bonke abantu baseNingizimu Afrika, noma ngabaliphi iqembu.

Siyancenga kubafowethu nodadewethu eNkandla bayeke ukuhlokoza imamba izihlalele emgodini, engabantu baseNingizimu Afrika. UMsholozi siyamzwela njengoba sengigcizelele, naye uqobo uMsholozi ngenkathi ekhuluma ngeSonto ugcizelele ukuthi abasukwenza uthuthuva ngoba naye ufisa ukuthula ezweni.

Kodwa nenzelani ukuqeda amathemba nasentsheni yethu egcwele emizini yethu, iswele imisebenzi. Niwuhelelani umlilo obuhlungu kanjena bakithi? Siyancenga kini anisukuqedela izwe lethu livele licwile obhukwini olunjengalolu nangomnotho. Naqedela izwe nokhuvethe, nilicoboshiselani izwe bakithi?

Bona abatshali bezimali bangeza kanjani kulelizwe nxa siziphatha kanjena. Njengoba sengingomunye abambalwa, wabantu abadala abasele abayisizukulwana sami, kangithi noma ngingahamba, ngingahamba emhlabeni izwe ningalufakile otakwini olungaka. Niyalicoboshisa phela nxa niziphatha kanjena. Uxolo bakithi anisikusenza inhlekisa emhlabeni.

Scroll To Top