Now Reading
Inqokotho yesibongo: UGedleyihlekisa noMangosuthu abafakwe ezithakazelweni zabakwabo
Dark Light

Inqokotho yesibongo: UGedleyihlekisa noMangosuthu abafakwe ezithakazelweni zabakwabo

Izibongo eziningi KwaZulu zakhiwe ngobuqhawe bezingqalabubutho zabantu bakulezo zibongo. Kanjalo nezithakazelo iningi lazo lisuselwa ebuqhaweni balawo madoda avelela kulezo nalezo zibongo.

Uma ubheka isithakazelo sakwaJiyane kukhona esithi Magolwana nesisuselwa enyosini yeSilo uDingane nokuyiyo eyametha izibongo ezithi “uqabi lankomo zilahlekile, ezinye ziyofa umdlebe kwaSoshangane”. Kanjalo nesakwaMpanza isithakazelo esithi Sandanezwe sisuselwa endondaneni kaThabekhulu eyabe inesiphiwo sokuphatha amakhambi futhi nowabamba iqhaza elikhulu empini iLembe elayilwa nesizwe sakwaNdwandwe.

UMntwana waKwaPhindangene. Isithombe: Igunundu Agency Images

Ngokwepolitiki abantu abenze kahle sivamise ukubabona beklonyeliswa ngeziqu zobuDokotela, kuqanjwe imingwaqo, izakhiwo, amabhuloho, izikhungo ezinjengamanyuvesi, izibhedlela kanye nezinye eziningi. AMakhosi kujwayekile ukuthi kuqanjwe izikole ezisezindaweni amakhosi abusa kuzo.

Indlela enhle KwaZulu yokuklonyeliswa ukuthi ufakwe emlandweni waleso sibongo njengoba kwake kwenzeka esibongweni sakwaNtuli ukuthi ezithakazelweni zakhona kube khona uNdlela kaSompisi nowangumkhuzi wamabutho aKwaZulu ngezikhathi zeSilo uDingane. Angikholwa ukuthi ukube uNdlela kaSompisi akafakwanga esithakazelweni ngabe siyazi ngaye. Izithakazelo indlela enhle yokugcina umlando, zinesizotha futhi ziletha nokuhlonipheka esibongweni leso.

Ngenxa yalezi zimo esengizibalulile ngithi nami namuhla ake ngilobe ngodaba olungajwayele ukuba ngundabamlonyeni. Lolu udaba luthinta izibongo ezimbili esokuqala ngesakwaZuma nesakwaButhelezi. Ngoba vele lezi zibongo zinoBukhosi bazo sengithi nje namuhla angikhumule isigqoko nginxuse aMakhosi esizwe sakwaNxamalala nesakwaShenge ukuthi ake bacangisise ngokuthi ezithakazelweni zabo bengeze isithakazelo esithi Gedleyihlekisa kwaZuma. Esibongweni sakwaButhelezi ngiphakamisa ukuthi kwengezwe isithakazelo esithi Mangosuthu.

Esibongweni sakwaZuma ngicabanga ukuthi sonke siyabubona ubuqhawe bale ndoda engithi akuhlonishwe igama layo ngokuthi lifakwe emlandweni walesisibongo. Nginxenxa amakhosi akwaZuma eMpendle naseNkandla ukuthi ake alufakele izipopolo loludaba lokuhlobisa nokubuyekeza izithekazelo zalalesisibongo. Esibongweni sakwaZuma sekuphume iqhawe elisha neselikhule laze labanguMengameli wezwe. Emlandweni waKwaZulu akukaze kube khona umuntu ophuma kulesisizwe oseke wabanguMengameli. Ngiyavuma nokuthi zikhona izikole eseziqanjwe ngaye okaNxamalala ezifana neJ.G. Zuma School eThekwini.

Namanje uMnu uJacob Gedleyihlekisa Zuma uyaqhubeka nokuba iqhawe eseliphunyuke cishe kulo lonke uhlobo lwezigemegeme. Ubani owake wajahwa uphiko lofezela noma lwamaphoyisa kodwa ekugcineni ekwazi ukuluqeda kusale yena. Ubani owake wathetha icala elilodwa iminyaka eyevile emashumini amabili. Ubani owake wehlula icala lokudlwengula maqede athandwe ngabantu aze ayoba nguMengameli. Nanamuhla kuphuma izinqumo zokuthi akaboshwe maqede kushawe unqimphotho nengwijikhwebu ngezimpelasonto.

Umuntukazana nje ubezolala ebaliwe mhla zizi-4 kuNtulikazi wezi-2021. Kodwa ngoba lapha sikhuluma ngeqhawe uGedleyihlekisa Zuma lokho akwenzekanga. Angifisi nokho ukungena ezindabeni ezingakaphothulwa ezinkantolo ngoba nginovalo lokuthi ukuthi insimba ingaze izame ukungesulele ngegqumusha. Imisebenzi kaMsholozi imenza afenelwe ukuhlonishwa kwalolu hlobo. Sonke siyazi ukuthi amabhilidi awami ingunaphakade, amagama emigwaqo ayashintshwa mhla kwashintsha uHulumeni. Kanti isithakazelo into ema unomphela futhi isithakazelo sihlonipheke kakhulu kunebhilidi nomgwaqo.

Esibongweni sakwaButhelezi, cishe sonke siyawazi amagalelo oMntwana waKwaPhindangene kusukela kudala ezelwe eBukhosini iNkosazana yeSilo uDinuzulu neNkosi yakwaButhelezi uNdabezitha uMathole. Uma ubheka imisebenzi yakhe eBukhosini baKwaZulu neqhaza lakhe ekubekweni kweSilo uMdlokombane kuze kube imanje ngaphansi kweSILO uMisuzulu kaZwelithini nangendlela aziphethe ngayo izindaba zaseNdlunkulu ibonisa ubuchule nobuhlakani. Ngakolunye uhlangothi uma umbuka uMntwana ngeso lepolitiki kusukela eseseqenjini leANC, ukusunguleka kwe-IFP, uHulumeni waKwaZulu, iqhaza lakhe kuHulumeni wentando yeningi kuze kube imanje njengoba i-IFP isaqhubeka nokuqhoqhobala umbuso kohulumeni basemakhaya KwaZulu-Natal.

Ngiyakuvuma ukuthi zikhona futhi ziningi izakhiwo nemigwaqo eqanjwe ngoMntwana waKwaPhindangene njengeMangosuthu University of Technology ezinze eMlaza kanti nemigwaqo ezindaweni ezinjengoShowe ikhona. Noma kunjalo lezi zinto zingaguqulwa kalula mhla umbuso kaHulumeni washintsha izandla. Ngicabanga ukuthi sonke sibonile ukuthi kwenzekeni kuMangosuthu Highway eMlaza nowagcina uguquliwe nakuba kwakukhona abangahambisani nalokho ikakhulukazi amalunga eqembu i-IFP. Manje ubani ongafika ethi useyasiqeda isithakazelo sesibongo esithile, akekho. Isithakazelo sihambisana nokuzigqaja okukhulu nokwedlula ibhilidi noma umgwaqo.

Kungenzeka ukuthi ngaphesheya konyaka wezi-2000 izingane ezizalwe ngalesisikhathi uma zibhala, zibhala isiZulu ngendlela engaqondakali futhi zibhala ngokunqamulela kodwa akekho owaziyo ukuthi kujahwephi.

Le ndlela yokuloba yenza ukuthi uma ufunda into ebhalwe yilezi zingane ezidume ngokuthi ama-2000 ungafunga ukuthi zicinene! Kukho konke lokhu kuphaphalaza kwabantwana ekusebenziseni olwethunga akaze ngiwezwe aMakhosi akithi ekhuza lo mhlola nokungumsebenzi wawo aMakhosi ukuvikela amasiko nolimi lwesizwe. Omunye nje umhlolo okhona yilona esiwubona kubaculi besifazane nabacula umaskandi bevunule ngodidla. Uyazibuza nje ukuthi sezashonaphi izidwaba nozamndindi. Kwakukuhle ukuthi izintombi zishaye ushindindi ngomzamndindi. Abaculi asebewujwayele lo mkhuba uBuselaphi neZingane Zoma.

See Also

Ngakho ilona thuba leli lokuthi aMakhosi alezi zibongo ezimbili abe amavulandlela ekwenzweni into enhle. Akukwazi ukuthi kungathiwa kuzo zonke izibongo ezikhona kusasebenza kuphela izithakazelo esezineminyaka eyeqili ekhulwini. Ngoba yini? Mina ngibona ukuthi sesifikile isikhathi sokuthi kwakhiwe umlando omusha nokungasho ukuthi akubhidlizwe omdala kodwa futhi asikwazi ukuzishaya indiva izigemegeme zakamuva.

Indawo esingaqala kuyo ukwenza umehluko isesibongweni sakwaZuma nesakwaButhelezi. Lezi zibongo zisemqoka ngoba uma kwenzeka kuzalela ihlokohloko ebukhosini baKwaZulu kubizwa isibongo sakwaButhelezi kanti uma kunesimo sezombangangwe ezweni isibongo sakwaZuma siyazivelela. Ngalawo mazwi ngithi asiqale ngazo ukubhala umlando kabusha nokubuyekeza izithakazelo zethu singaboHlanga.

Masingavumi ukuthi la maqhawe amabili futhi avelele kulesi sifundazwe ahambe engawabonanga amagama awo ebhalwa encwadini yokuphila. Mina izithakazelo ngizibona njengencwadi yokuphila ngoba zixoxa indaba kanye nomlando. Uma ukhuluma nomuntu wakwaNzuza umuzwa kahle ethi yena unguNozishada kaMaqhoboza, lolu ugqozi nentshisekelo ongaluzwa ngokuthi umuntu othile kuqanjwe ngaye umgwaqo noma ibhilidi. Igama elilotshwe ezithakazelweni lifana nedlozi elihle nelifanelwe ukukhulekelwa.

Kuzoqapheleka ukuthi uma umuntu engena emagcekeni omunye umuzi KwaZulu ukhumula isigqoko bese ememeza izithakazelo zaleso sibongo nokuluphawu lokuhlonipha okhokho namaqhawe aleso sibongo. Lokhu kufana ncamashi nokuthi uma igama lakho libhalwe emlandweni lase lifakwa ezithakazelweni wonke umuntu obona umuntu wesibongo sakho, ubona wena uqobo.

Sengiphetha nje, ngiyethemba akekho ongathi izinto azijiki kulo mhlaba. Asikwazi ukuvuma ukuthi leli thuba lisedlule ikakhulukazi thina njengesizukulwane esiphila esikhathini samanje. Igama elithi Gedleyihlekisa nelithi Mangosuthu awangene ezithakazelweni zesibongo sakwaZuma nasakwaButhelezi. Lesi isiphakamiso nesingaba isiqalo sokwenza izinto ngendlela yesikhathi esiphila kuzo. Kuzokhumbuleka ukuthi amaqhawe amaningi esithakazelwa ngawo awezimpi zasendulo. Namuhla azisekho izimpi zomgangela kodwa sekunendlela entsha yokuvelela.

Lamaqhawe asevelele ngokwezimpi zanamuhla ngiwabona efanelwe ukubongwa nokuhlonishwa ngezithakazelo. Izithakazelo mazenziwe indlela entsha nengasetshenziswa amakhosi ukuklomelisa ubuqhawe ngalezikhathi zanamuhla. Isiphakamiso esinye ngesokuthi iSilo kufanele sibe nawo amandla okwengeza ezithakazelweni zezibongo ezithile uma sibona ubuqhawe kumuntu othile wakuleso sibongo.

Scroll To Top